Asingavumi ukubuyela odlameni lwango-2021, kuloba uNtokozo Biyela
EZINSUKWINI ezintathu ezedlule kushiswe amaloli athutha izimpahla awu-15 ezifundazweni ezintathu.
Yimbi kakhulu le nto eyenzekayo nengibone ukuthi uhulumeni uyithathe kancane wangayisukumela ngenkathi kusashiswe amaloli ayisithupha KwaZulu-Natali. Kuthe uma sekuthiwa sekushiswe amanye amahlanu eMpumalanga, kwayima uhulumeni eyisukumela le ndaba ngoba esebona ukuthi kukhona umhlola okhona ngale ndaba. Kanti ababuzanga elangeni kusazoshiswa amanye futhi eLimpopo.
Kucacile ukuthi loku kuhlaselwa kwamaloli kuhleliwe iqembu elithile eliphume inqina yokuphazamisa imboni yamaloli. Okubuhlungu wukuthi libeka izimpilo zabashayeli abangenacala engozini. Kubikwa ukuthi oyedwa wabashayeli udubulekile.
Uma ukhumbula kahle izidubedube okwatatshwa kuzo izimpahla ngo-2021, zaqala kanje. Kwadlula nemiphefumulo yabantu abacela kwewu-500. Kuze kube yinamhlannje uhulumeni awukaze wenze lutho ngokufa kwabantu nezimpahla ezatatshwa.
Ngaphandle kwaloko, okungikhathaza kakhulu wukuthi lesi sisenzo silimaza umnotho wezwe. Ziningi izinto ezizokonakala zingabe zisahamba ngendlela. Sekuzoqala kube lukhuni ukuhamba kwezimpahla emgwaqweni ngoba akekho umnikazi wamaloli ofuna ukuthi amaloli akhe abe sengozini yokushiswa ethutha izimpahla esuka echwebeni noma enkabeni yezwe elibangise echwebeni. Kusho ukuthi abazoba namandla amaloli abo asezophelezelwa ngogada ukuze aphephe.
Kusho ukuthini loku? Kusho ukuthi sekuzonyuka inani lokuthutha izimpahla ngoba iloli sekuzofanele libe nabaqaphi abakhokhelwayo, okusho ukuthi leyo mali yokukhokhela abaqaphi izobe isidluliselwa kubathengi.
Inkinga ayisuswanga ngabathengi kodwa ngenxa yokuthi ukudla nezinto esizidingayo zifika ezitolo ngamaloli. Loko kusho ukuthi zonke izindleko ziwela kubathengi.
Ibuhlungu le nto eyenziwa yilezi zigilamkhuba ezimisa kabi imboni yezokuthutha ngoba zifuna izinto ngodli. Akuveli kahle ukuthi ngobani nokuthi bafunani kodwa kuyasolwa ukuthi laba abantu abanganelisekile ngokuthi izinkampani zaseNingizimu Afrika ziqasha abantu bokufika abangenamvume.
Ayidumi kanje uma izohamba. Impela loku akuyona inkomba enhle ukuthi izinto zizohamba kahle uma kuqhubeka kushiswa amaloli.
Kuyajabhisa kodwa nokuthi izinhloli zikahulumeni azikwazanga ukuhogela lesi sisimo ngaphambi kokuthi senzeke. Loku kusho ukuthi asisenazo izinhloli eziseqophelweni eliphezulu, uma kuwukuthi izigebengu zizozenzela umathanda.
Umnotho wezwe awukho esimweni esihle, manje sekwenzeka loku okuzokwenza uzike kakhulu kunakuqala. Okubuhlungu wukuthi kungenzeka lezi zigameko zibe nomphumela omubi wokuthi abatshalimali bahoshe izinyawongoba isimo asisesihle ukuthi batshale imali ukuthuthukisa isimo somnotho wezwe.
Kunezinto osekufanele siwumphakathi nosomabhizinisi sizisukumele, ngoba abantu abenza yonke le mikhuba bahlala nathi emiphakathini. Kukhona owaziyo ukuthi kwenzekani, nini, kuphi. Ngeke kwenzeke ukuthi akekho owaziyo.
Uma singayisukumeli eyokuwiswa komnotho wezwe siyokhala ezimathonsi sesingakwazi kwenza lutho ukusimamisa amabhizinisi ethu.
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting
