Abantu besifazane abathathu begqoke ingqephu. KULINDELEKE abantu abaphakathi kuka-35 000 no-48 000 ukuthi batheleke eThekwini, KwaZulu-Natali, ngempelasonto esiya kuyona ukuzokwethamela umjaho wamahhashi waminyaka yonke iHollywoodbets Durban July ngoMgqibelo.
Abasiki bengqephu ngabanye babantu abazohleka bodwa kwiHollywoodbets Durban July. Isithombe: Sithunyelwe

Kuzoncinciza amaphanta, abemfashini nabezokuvasha ngendumezulu yomcimbi wamahhasi. INTATHELI YOMBELE iyabika

KULINDELEKE abantu abaphakathi kuka-35 000 no-48 000 ukuthi batheleke eThekwini, KwaZulu-Natali, ngempelasonto esiya kuyona ukuzokwethamela umjaho wamahhashi waminyaka yonke iHollywoodbets Durban July ngoMgqibelo.

Umjaho walo nyaka, othulwe ngokusemthethweni kwabezindaba ngesonto elidlule e-Oceans Mall uMhlanga Courtyard, ungeminye yemicimbi leli dolobha nesifundazwe abathembele kuyona ukungenisa imali embonini yezokuvakasha.

Ngale nje kwamaphanta nabakhonze amahhashi kodwa wumcimbi oheha inqwaba yosomabhizinisi abasembonini yemfashini, ezikaqedisizungu nabanye osomabhizinisi, kwazise imvamisa yizinkampani ezinkulu ezigxumeka amatende obumnandi. 

Iphini likasihlalo weKomidi lokuThuthukisa uMnotho nokuHlela eThekwini uNks uPhili Ndlovu uthe yonke into imi ngomumo kanti abazofika bazophinde bazibonele ukuthi impela leli dolobha liwungqaphambili kwezokuvakasha.

“Silindele abantu abazofika (emjahweni) ukuthi basebenzise uR65 million kanti emnothweni kuzongena uR130m kanti kuzodaleka imisebenzi ewu-1 500,” kusho yena.

Eminye imicimbi emikhulu exhumene nalo mjaho omkhulu yiFact Durban Rocks, iMother of All Parties, i-Any Given Sunday neDurban July Township Experience, lapho abantu behambela khona izindawo ezifana noFlorida Road uMhlanga, iMax’s Lifestyle neNanda Heritage Route beyozitika ngobumnandi.

Njengoba imfashini iyingxenye enkulu yalo mcimbi, uNks uNdlovu uthe kukhona abasiki bengqephu abawu-160 (abasafufusa nasebemnkantshubomvu) abazoba khona kanti kubona abawu-40 bakhiqizwe wuhlelo lukamasipala lokucija abasiki bengqephu.

UMnu uStephen Marshall, isikhulu semicimbi nokukhangisa eGold Circle, uthe: “Ngisho emva kweminyaka ewu-127, lo mcimbi uyaqhubeka nokukhula nokushintsha ngenxa yabalingani nabaxhasi bethu abafa lapho sifa khona abaseseka minyaka yonke ukubungaza iNingizimu Afrika futhi abatshala imali ukuze uphumelele.”

UMnu uDevin Heffer, waseHollywoodbets, uthe kuyabathokozisa ukuba ngabaxhasi bomcimbi onesandla esikhulu ukukhulisa umnotho nemboni yokuvakasha eThekwini.

Uthe ngelanga lo mjaho amaphanta azoba sethubeni lokuwina uR20m.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page