Nakuba amanani okunye ukudla eqala ukwehla kodwa akashukela noswidi asagolozile. Isithombe: yiFreepik

Kuntwela ezansi ngokwehla kwamandla emali. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUQHUBEKILE ukuba ngcono ukwehla kwamandla emali njengoba ngoMeyi kube wu-6.3%, kusuka ku-6.8% ngo-Ephreli. 

Ngesikhathi ishicilela lezi zibalo iStatistics South Africa ithe, kuyaqala ezinyangeni eziwu-13 ukuthi ukwehla kwamandla emali kube phansi kangaka njengoba kwakugcine ngo-Ephreli wango-2022 ngesikhathi kumi ku-5.9%.

Amanani okudla neziphuzo ezingenatshwala athe ukuba ngcono, njengoba ewu-11.8% kusukela ngoMeyi wonyaka odlule. Amanani azo kusukela ngo-Ephreli wonyaka odlule ayemi ku-13.9%. 

Phakathi kuka-Ephreli noMeyi kulo nyaka, amanani alezi zimpahla anyuke ngo-0.3%, okuphansi kakhulu kusukela ngoNovemba wango-2021, lapho ayenyuke khona ngo-0.1%.

I-Stats SA ithe: “Izinto eziningi ekudleni naseziphuzweni ezingenatshwala zehlile uma kuqhathaniswa noMeyi odlule ngaphandle kukashukela, oswidi noncamnce neziphuzo ezibandayo.” 

Amanani enyama ehlele ku-7.1% ngoMeyi uma kuqhathaniswa noMeyi wangonyaka odlule, esuka ku-9.5% ngo-Ephreli. Phakathi kuka-Ephreli noMeyi kulo nyaka, amanani enyama ehle ngo-0.4% kanti ehle kakhulu awenyama yenkomo (eyehle ngo-2.4%), eyengelube (eyehle ngo-1.4%) ne-mince yenkomo (eyehle ngo-1.3%).

Amafutha ake aqonga ngo-37.6% ngo-Agasti wango-2022 aqhubekile nokwehla kakhulu, osekuyizinyanga eziyisishiyagalolunye zilandelana njengoba ehle ngo-2.2% phakathi kwango-Ephreli nangoMeyi. 

“Isinkwa ne-cereal kwehlele ku-18.2% ngoMeyi kusuka ku-20.8% ngo-Ephreli. Amanani kashukela, uswidi noncamnce anyuke ngo-11.9% kusukela ngoMeyi wonyaka odlule, esuka ku-10.7% ngo-Ephreli. Indlela anyuke ngayo ngoMeyi yikona okuphezulu kakhulu kusukela ngoJulayi wango-2017 ngesikhathi kumi kunyuke ngo-14.5%,” kusho iStats SA.

Ushukela omhlophe unyuke ngo-2.7% kanti ushokoledi oyi-slab unyuke ngo-2.9% phakathi kwango-Ephreli noMeyi. 

“Abathanda iziphuzo ezibandayo, amanzi (athengwayo) ne-fruit juice kudingeke bakhokhe impela. Iziphuzo ezibandayo zinyuke ngo-10.5% ngoMeyi kusukela kuMeyi odlule, kanti iyona ndlela ezinyuke ngayo kakhulu kusukela ngoMashi wango-2019, lapho zazinyuke khona ngo-13.1%,” kwengeza iStats SA. 

Izindleko zezinto zokuthutha zinyuke ngo-7.0% kusukela ngoMeyi wonyaka odlule okwehlile kunokwakubonakale ngo-Ephreli, lapho zazinyuke khona ngo-7.6%.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page