Sonke asilekelele intsha ukuze ingaphelelwa yithemba, kuloba uNtokozo Biyela

ISIFIKILE inyanga lapho izinhlelo eziningi ezenziwayo zigxila ikakhulukazi entsheni yezwe. Sonke siyazi ukuthi yiningi intsha engasebenzi, yiningi futhi intsha efundile kodwa ihleli emakhaya neziqu, imisebenzi ayikho. 

Isimo sesimanzonzo kakhulu. Sekuseduze sibone imbedumehlwana yento, lapho intsha ikhathala khona ukuloku icela ukuvulelwa iminyango kodwa izoyiwisa ngodli.

Akufanele nakancane size sifike lapho kodwa isimo asisihle neze. Loku kungenzeka noma yinini. Kuyaphoqa ukuthi uhulumeni nezinkampani ezizimele baqale zifake imali enkulu ekusimamiseni intsha ngokuxhasa izinhlelo ezizofundisa intsha ngokuhola nangezamabhizinisi. Kubaluleke ngani loku?

Siyazi ukuthi okwamanje kuzoba lukhuni ukuthi yonke intsha ithole imisebenzi noma ngabe ineziqu ezingaki. Loku kwenziwa wukuthi izimboni eziningi azikwazi ukumumatha umthamo okhiqizwa ngamanyuvesi. 

Siyabona futhi ukuthi noma abafundi beqeda uMatikuletsheni, amanyuvesi awakwazi ukuthatha umthamo wenani labafundi abafisa ukuya enyuvesi. Njalo ngonyaka ibalelwa esigidini intsha eqeda uMatikuletsheni, iningi layo engaqhubeka nemfundo enyuvesi kodwa iwu-250 000 kuphela engathathwa emanyuvesi nakwezinye izikhungo zemfundo ephakeme. 

Wonke lo omunye u-750 000 wabafundi abaqede uMatikuletsheni usala dengwane, kufanele uziphantele amatoho ukuze uphile. Abanye babo baphelela ebugebengwini nasezidakamizweni. Kuba yingcosana nje kuphela engadluli ngisho ku-10 000 kulo 250 000 eba nenhlanhla yokuthola imisebenzi.

Yingakho-ke mina ngithi uhulumeni nezinkampani ezizimele noma zingeke zikwazi ukuqasha intsha kodwa azifake imali eningi edlula eziyifaka esikhwameni sokuthuthukisa amakhono kwenziwe izinhlelo zokufundisa intsha ngobuholi nezamabhizinisi.

Ukufunda ngobuholi kwenza umuntu azethembe futhi azi ukuthi uma engena esikhundleni esithile uyokwazi ukuhola ngobuqotho. 

Ukufunda ngamabhizinisi kwenza umuntu abe nolwazi olugcwele ukuthi noma angangaqashwa kodwa angakwazi ukuthi azisungulele ibhizinisi lakhe ukuze akwazi ukuziphilisa. Maningi amabhizinisi intsha engawasungula isebenzisa ubuchwepheshe. 

Maninigi futhi namanye esesike sakhuluma ngawo khona kule ngosi amabhizinisi aletha izisombululo ezinkingeni imiphakathini yakithi ebhekene nayo. Lesi yisisombululo sokuthi intsha ikwazi ukuxosha ikati eziko. 

Asifuni siyisizwe sizithole sesinentsha eningi esilahle ithemba. Loko kusho ukuthi intsha izoqhubeka nokuthatha izinqumo ezingezinhle ngempilo yazo, ezogcina iyifaka ejele noma egodini.

Ngeke kodwa intsha ikwazi ukuzenzela yonke lento ngaphandle kokuthi thina esesithe ukukhula esinamagunya okwenza izinto zenzeke ezinkampanini esisebenza kuzona singaluli isandla noma sivule iminyango ukuze intsha yethu ihlomule. 

Kufanele zonke izinhlelo esizenzayo senze isiqiniseko sokuthi zifaka intsha phakathi. Kufanele futhi sisabalalise umqondo ngokubandakanya intsha ekucabangeni ngamaqhinga azosiza intsha kakhulu, hhayi thina indlela yethu esibheke egodini.

Yinto lena okufanele isihluphe sonke singabantu abadala ngoba uma singenzi lutho, sizozithola sihleli nenkinga enkulu emizini nasemiphakathini yethu esiphila kuyo. 

Kufanele sazi ukuthi uma sidembesela singenzi lutho nesikhathi sihamba, sizifaka obishini olukhulu kakhulu kunakuqala. 

Masibhukule sivulele intsha amathuba. Nawe-ke somabhizinisi omncane noma omkhulu, vula amasango uvulele intsha ngisho ngabe wenza uhlelo lokukhokhela ukuza kwayo emsebenzini nje kuphela. Kulungile, inqobo nje uma ithola ikhono.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page