Ukuwa kwenye indlu wukuvuka kwenye kosewumlimi emva kokuyeka umsebenzi ngemva kokugcwelezwa. Uxoxe no-ANNA MAJAVU
OWAYEWUMSHAYELI webhasi osecishe afane nempumputhe ngenxa yokuhlaselwa abantu abamngenela kwakhe usevuke wazithatha njengoba esanda kuwina umklomelo wokuba wumlimi wesifazane.
UNks uKholisa Dabula, oneminyaka ewu-41, uqwaqwade emakhanda abanye abalimi besifazane base-OR Tambo District Municipality eMpumalanga Kapa abawu-11 ewina i-Women Entrepreneur Award emiklomelweni ehlelwa wumNyango wokuThuthukisa iziNdawo zasemaKhaya.
Umklomelo kaR15 000 unikwa umlimi wesifazane osafufusa owenza into ebonakalayo ebhizinisini. UNks uDabula wayehlala eKapa, eNtshonalanga Kapa, ngesikhathi yena nomndeni wakhe behlaselwa yizigebengu ezabangenela, zabashaya zase yena zimthela ngamakhemikhali emehlweni. Iso lakhe lesokunxele alisaboni nhlobo kanti elesokudla libona kancane. Akakwazanga ukuqhubeka nomsebenzi wakhe wokushayela amabhasi ayesewenze iminyaka ewu-11 kanti wayengeke esakwazi ukuqhubeka nokuhlala eKapa.
Emva kokubuyela kubo ukuyohlala nonina kuQumbu, eMpumalanga Kapa, uqale watshala ispinashi echitha isizungu. Uthe emva kokudayisa ispinashi, wabona ukuthi angaqala umsebenzi omusha wokuba wumlimi. Wacela inkosi yendawo imsikele amahekthare amabili watshala ispinashi neklabishi, wadayisela abantu bendawo, abadayisayo nezikole.
Uphekise noma wubani esigodini sangakubo osuke enomcimbi wesintu. “Kwakunzima ngesikhathi ngiqala ngoba ngangingenayo nhlobo imali. Ngangitshala leso spinashi esincane, ngisidayise ukuze ngizotshala endaweni enkulu,” kusho yena.
Uthe izisebenzi zezolimi kumasipala waseMhlontlo ziyameseka kakhulu kanti lo-R15 000 awuwinile uzokwenza okukhulu. “Ngizotshala elinye ihekthare ngoba bengingenayo imali kuqala. Ngizothenga nezinkukhu zenyama eziwu-100 kuthi uma sengizidayisile bese ngithenga ezamaqanda.”
Inhloso yakhe wukuba wumlimi omkhulu ozodayisa amaveji ezitolo zokudla ezinkulu futhi avulele abantu abanokukhubazeka imisebenzi. “Wonke umuntu onokukhubazeka akufanele aphelelwe ithemba futhi azenyeze. Kumqoka ukuthi basukume balime bayeke ukuzifihla,” kusho uNks uDabula, othe ezolimo umsebenzi awenza ngokugcwele.
Ngenhlanhla unamanzi ahlanzekile emfuleni kodwa ngaphambi kokuxhaswa wuhulumeni, ubengakwazi ukuba nezinto zokuchelela kahle kanti amaveji akhe ubewachelela ngamabhakade emva kokukha amanzi emfuleni.
“Inkinga yami wukuthi nginomhlaba omkhulu engingawulima kodwa anginabo ogandaganda, umanyolo neminye imishini. Uma ngingaba nengqalasizinda yokuchelela, kukude lapho ngingaya khona,” kusho uNks uDabula.
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

