Asifundise izingane zethu ngezinto zamabhizinisi nomnotho, kuloba uNtokozo Biyela

KULELI sonto ngithanda sibukisise futhi sicubungule kahle indaba yokuthi singabazali kumele sisukume sakhe ulwazi lwabantwana bethu ngamabhizinisi. Cha, loku akusho ukuthi wonke umntwana uzokhula abe wusomabhizinisi.


Ngicabanga ukuthi wonke umuntu okhona emhlabeni kubalulekile ukuthi abe nolwazi ngisho ngabe luncane kanjani lokuqonda ukuthi ibhizinisi noma umnotho wezwe akulona usebenza kanjani.


Loku akusho ukuthi kufanele wena uwumzali ube wungoti ezintweni zamabhizinisi. Cha, akunjalo. Sonke singabazali kukhona izinkampani lapho sisebenza khona; lezo zinkampani zingamabhizinisi ngokwazo.


Ngakho-ke ukuqala kwakho ukuba nolwazi lwezamabhizinisi kuqala ngesikhundla sakho lapho usebenza khona. Njengomqashi unolwazi oluphelele noma olwanele ukuthi inkampani oyisebenzelayo yenzani futhi iyenza kanjani imali.


Kufanele uthathe lolo lwazi ulucobelele izingane zakho ukuze zazi ukuthi yini wena oyenzayo eyenza ibhizinisi osebenza kulona lenze imali. Yilapho-ke ingane yakho ezoqala iqonde ukuthi umnotho nebhizinisi kuhlangana kanjani.


Kuzothi uma ingane noma izingane zakho seziliqonda kanzulu ibhizinisi ukuthi limayelana nani ibhizinisi oqashwe kulo. Loko kuzokunika elinye ithuba lokuzichazele kahle ukuthi obani noma yiziphi izinkampani ezingamadlelandawonye noyisebenzelayo. Loku kusho ukuthi iziphi izinkampani ezisebenzisana nale nkampani ukuze ikwazi ukukhiqiza uhlobo lomkhiqizo elukhiqizayo noma ukuhlinzeka ngomsebenzi. Loku sikubiza nge-value chain ezimbonini eziningi.


Siyazi sonke ukuthi ayikho inkampani ezimele ngokwayo ekwazi ukwenza yonke into nje. Uma sibheka inkampani ekhiqiza amafutha siyazi ukuthi ukuze ibe yimboni kufanele leyo nkampani ithole izinhlamvu zikabhekilanga ezitshalwe ngabalimi abatshala ubhekilanga, ithole amabhodlela eplastiki enziwa ngenye inkampani, ithole amalebuli kwenye inkampani, kuthi ekugcineni ithole amabhokisi okufaka amabhodlela amafutha enziwa ngenye inkampani.


Lapha siyabona ukuthi singakafaki ezinye izinkampani ezithutha la mabhokisi ziwase ezindaweni ezigcina ukudla ezweni lonke, sekukhona izinkampani ezine nje ezenza isiqiniseko ukuthi le nkampani eyenza amafutha iyakwazi ukuwakhiqiza aphume esewumkhiqizo osesimweni esifanele ukusatshalaliswa.


Yiloku ke esikubiza nge-value chain ne-supply chain. YIlapho othola khona ukuthi izimboni eziningi ziyahlomula ngokunikeza loku okufunwa abadinga lolu hlobo lomkhiqizo abanawo ukuze benze inzuzo.


Yiloku engicabanga ukuthi yisiqalo esingcono esenza ukuthi izingane noma izangane zakho zibe nolwazi oluncane ngamabhizinisi noma umnotho ezweni eziphila kulona; ziqala ngokwazi uhlobo lomsebenzi owenziwa uwena.


Kuhle nokuthi njalo uma uhamba ezindaweni ezihlukene uyothenga ude uchazela izingane zakho ukuthi loko kwenzeka kanjani. Ngisho ukugibela itekisi kuwuhlobo lwebhizinisi, ngoba osomatekisi ngokuthutha izisebenzi benza inzuzo. Yingakho izingane zethu kufanele sizazise ngezinhlobo eziningi zamabhizinisi ukuze zivuleke umqondo.


Kubalulekile ukuthi loku sikwenze izingane zethu zisencane sizifundise ukuthi umkhakha wamabhizinisi usebenza kanjani ngoba loku kuzinika ulwazi olusabalele ngokuthi ezomnotho zisebenza kanjani.


Kubalulekile futhi ukuthi sizigqugquzele ukuthi zibuke noma zilalele izinhlelo ezingamabhizinisi. Loku kwenza zijwayele amatemu asetshenziswa emabhizinisini.
Kepha okukhulu kakhulu wukuthi kubalulekile ukuthi izingane zethu zikhule zifundiswa ngisho nasesikoleni izinto ezithinta amabhizinisi nomnotho.


Ngiyakunxusa mfundi wale ngosi qala kusemanje ukukhombisa ingane yakho ukuthi umnotho wezwe wakhiwa kanjani, nokuthi amabhizinisi asebenza kanjani.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page