Izibalo zeStats SA zikhombisa ukuthi igebe phakathi kwabantulayo nabami kahle liyaqhubeka nokukhula. Isithombe: Sithunyelwe

Badonsa kanzima kakhulu abantu abahluphekayo ngenxa yokudla nezokuthutha. USLINDILE KHANYILE uyabika

UKUKHUPHUKA kwamanani ezinto nokubiza kwempilo kuzwela kakhulu kubantu abantulayo futhi yibona asebedonsa kanzima kakhulu njengoba kukhuphukile ukwehla kwamandla emali. 

Loku kuvezwe yizibalo zeStatistics South Africa (iStats SA), engagcini nje ngokubheka ukunyuka kokwehla kwamandla emali ezweni kodwa ebuye iqhathanise ukuthi bathinteke kanjani abantu nezaguga ngokwemiholo yabo.  

Ngo-Ephreli ukunyuka kokwehla kwamandla emali kube wu-6.8% kanti uma kubhekwa ukuthi ukubiza kwempilo kuyithinte kanjani imindeni entula kakhulu, izibalo ziveza ukuthi izindleko zinyuke ngo-11.3%, kuthi emindenini emi kahle, zinyuke ngo-7.8%. 

I-Stats SA ithe: “Izindleko emakhaya antula kakhulu zinyuke ngaphezu kwendlela izindleko ezinyuke ngayo emakhaya abami kahle unyaka wonke (phakathi kuka-Ephreli ka-2022 no-Ephreli ka-2023), igebe libe likhulu kakhulu ngoJulayi ka-2022 ngenxa yokunyuka kakhulu kokudla. Loku kukhombisa ukuthi kuzwele kanjani kubantu abahluphekayo ukunyuka kwamanani ezinto.

“Mkhulu umehluko phakathi kwabacebile nabantulayo. Imindeni ehluphekayo isebenzisa uhhafu wemali yayo ngonyaka ekudleni naseziphuzweni ezingenatshwala. Emakhaya abami kahle, ukudla neziphuzo ezingenatshwala zidla u-11%. Ukunyuka kwamanani okudla kuzwela kakhulu emakhaya alabo abantulayo.” 

Loku okushiwo yiStats SA kufakazelwa nayizibalo zePietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group (iPMBEJD), inhlangano engenzi inzuzo ecwaninga amanani okudla ezitolo zokudla eziwu-47 nasemabhusha awu-32 eGauteng, eNtshonalanga Kapa, KwaZulu-Natali naseNorthern Cape. 

Izibalo zePMBEJD  eziveze ukuthi ubhaskidi wokudla ngoMeyi ububiza okungenani uR5 071.59 usuka kuR5 023.95 ngo-Ephreli. Uma kubhekwa unyaka, ubhaskidi wokudla unyuke ngo-10% usuka kuR4 069.89 ngoMeyi ngo-2022. 

Izibalo zePietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group  zifakazela usizi lwabantu

I-PMBEJD ithe: “Imali okufanele okungenani iholwe yizisebenzi wuR25.42 ngehora noR203.36 uma usebenze amahora ayisishiyagalombili uma uyi-general worker. Imali engaholwa yilolu hlobo lwesisebenzi wuR4 473.92. 

“Lo mholo akuwona owazo zodwa izisebenzi; ziwusebenzisela ukondla imindeni yazo. Imvamisa izisebenzi zabantu abamnyama eNingizimu Afrika zondla abantu abane, leli holo liyancipha libe wuR1 18.48 umuntu eyedwa, okungaphansi kwemali abantulayo abaphila ngayo, okuwuR1 417 umuntu ngenyanga.  

“Uma sisebenzisa izibalo zaseMgungudlovu zikagesi, ezokuthutha nemali yokudla komndeni wabantu abane, ugesi nezokuthutha zidla u-53% womholo. Ukudla kuthengwa uma sekukhokhelwe ezokuthutha nogesi. Ngokwezibalo zePMBEJ zangoMeyi, imindeni yalezi zisebenzi ithenga ukudla okushodayo ngo-40.5%. Esimweni esifana nalesi, ngeke isisebenzi sibe nemali eyanele ukuthengela umndeni waso ukudla okunempilo.”

Izibalo zeStats SA ziveze ukuthi imindeni ecebile isebenzisa imali yayo eningi kwezokuthutha bese kulandela izinto ezifana nemishwalense. Lokhu kusho ukuthi ukunyuka kukaphethroli yikona okuyithinta kakhulu le mindeni. 

Indlela izindawo ezakhiwe ngayo inesandla. I-Stats SA ithe ukugqagqana kwezindawo eNorthern Cape kwenza ukuthi izindleko ezinkulu zabantu bakhona kube ngezokuthutha. 

Ngo-Ephreli amanani anyuke kakhulu eFree State naseMpumalanga bese kulandela iKwaZulu-Natali neMpumalanga Kapa. Empeleni iFree State yiyo eloku inyuke kakhulu kusukela ngoSepthemba ngo-2022. 

Uma kubhekwa izibalo ezithinta izaguga, ezinyangeni eziwu-12 kusukela ngo-Ephreli, izindleko zempilo zezaguga zinyuke ngo-7.5%, okungaphezu kuka-6.8% wokunyuka kokwehla kwamandla emali ngo-Ephreli. 


Nokho-ke abantu bazothi ukuphefumula kancane njengoba izolo intengo kaphethroli yehlile. UmNyango wokuMbiwa Phansi namaNdla uthe uphethroli wehle ngo-71c ilitha kanti udizili wehle ngemali ephakathi kuka-80c no-84c ilitha kuye nenhlobo, kuthi upharafini wehle ngo-43c ilitha. Igesi inyuke ngo-75c ikhilogremu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page