Kugunyaziwe ukudayisela iSAA inkampani ezimele. Nokho kunemibandela ethile. USLINDILE KHANYILE uyabika
IKHOMISHINI yokuNcintisana isiphakamise ukuthi iCompetition Tribunal iphasise ukuthi kuhlanganiswe iTakatso Aviation neSouth African Airways (SAA). Nokho kunemibandela ethinta amasheya nemisebenzi eyibekile.
Ikhomishini ithe ngaphambi kokuthi lezi zinkampani zihlangane, kuzofanele iGlobal Aviation neSyranix bayeke ukuba namasheya kwiTakatso. Ithe loku ikwenzela ukuthi kunganciphi ukuncintisana embonini.
“Ikhomishini ithole ukuthi ukuhlangana kwalezi zinkampani (iSAA neTakatso) kungase kunciphise ukuncintisana embonini yamabhanoyi ezweni. Loku kungenxa yokuthi kungagcina iSAA neLift (ngenxa yeGlobal Aviation neSyranix) enamasheya futhi ekwazi ukuqoka abaqondisi bebhodi bagcine sebabelana ulwazi. ITakatso isizokwazi izinto ezibucayi ngeSAA ngenxa yokuba namasheya amaningi.
“Enye into ezobhebhezela loku wukuthi imboni yamabhanoyi ezweni ayinabo abantu abaningi ngoba akulula ukungena kuyona. Ukulungisa lesi simo, ikhomishini ivumelene nezinhlangothi zonke ngemibandela yokuthi iGlobal Aviation neSyranix kufanele bayeke ukuba namasheya kwiTakatso ngaphambi kokuthi kuphothulwe ukuthi le nkampani ihlanganiswe neSAA,” kusho iKhomishini yokuNcintisana.
Uma ziqhubeka lezi zinkampani zihlanganiswa, iTakatso izimisele ukuthenga u-51% wamasheya eSAA, kuthi uhulumeni usale no-49%.
ITakatso wumfelandawonye wezinkampani okukhona kuwo iHarith, okuyiyona enamasheya amaningi. Abanye abanamasheya amancane yiGlobal Aviation neSyranix. I-Harith yinkampani etshale ezimbonini ezihlukene kanti enye yazo yiyo eyamabhanoyi eLanseria Airport, kuthi iGlobal Aviation yona iqashisa ngamabhanoyi futhi ingabanikazi benkampani yamabhanoyi iLift. I-Syranix nayo ingomunye wabanikazi beLift Trademark kodwa ayinayo ilayisensi yokuba namabhanoyi ezweni kodwa iyalekelela kula mabhanoyi ngeminye imisebenzi.
Ikhomishini yabikelwa mhla ka-3 Juni wango-2022 ngezinhlelo zeTakatso. Mayelana nemisebenzi, ikhomishini ithe akufanele kube khona izisebenzi zeSAA ezizodilizwa ngoba izinkampani sezihlanganisiwe njengoba ithe kunesibalo esithile sezisebenzi okufanele sibe khona.
UmNyango wamaBhizinisi kaHulumeni usijabulele lesi simemezelo seKhomishini yokuNcintisana.
UNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni uMnu uPravin Gordhan uthe: “Isimemezelo seKhomishini yokuNcintisana sizosisiza ukuphothula lezi zingxoxo ezizosiza iSAA, kungene imali eyidingayo ukuze iqhubeke neqhinga layo lokukhula isize ukukhulisa umnotho.
“Ukuvuma kweKhomishini yokuNcintisana kukhombisa nokuthi uhulumeni uzibophezele kangakanani emizamweni yokuvuselela amabhizinisi kahulumeni ukuze akwazi ukuzimela futhi asize izwe likwazi ukuthuthuka.”
Lo mnyango usanda kuqoka ibhodi lesikhashana elengamele iSAA, eliholwa owayenguNgqongqoshe wezokuVakasha uMnu uDerek Hanekom.

