UNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthi imiholo yezisebenzi zikahulumeni icindeza umnotho wezwe. Isithombe: Sithunyelwe

UGodongwana uxwayisa ngomphumela wemiholo yezisebenzi zikahulumeni emnothweni wezwe. USLINDILE KHANYILE uyabika

UNGQONGQOSHE wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthi uhulumeni kuzofanele uthole indlela yokonga uR37.4 billion ngo-2023/24 ukuze uvikele umnotho ngenxa yengcindezi edalwa yimali okufanele iholelwe izisebenzi zikahulumeni nosopolitiki. 

UGodongwana ukusho loku ngenkathi ethula iSabelomali somnyango ePhalamende kuleli sonto. Uthe yimali engaphezudlwana kuka-33% uhulumeni ayisebenzisela ukuholela izisebenzi zakhe.

Ekhuluma ngendlela okulindeleke ukuthi inyuke ngayo kule minyaka emithathu ezayo, uthe izofinyelela kuR760bn ngo-2025/26. 

“Isivumelwano samaholo esisanda kwenziwa sifaka enye ingcindezi. Loku kusho ukuthi ngalo nyaka wezimali, umNyango wezeziMali kufanele uthole imali ingaphezu kukaR37.4bn ozoyonga ukuvikela umnotho,” kusho yena.

Izisebenzi zikahulumeni zingaphezudlwana kuka-1.2 million kanti izinyunyana nomqashi bavumelene ukunyusa imiholo ngo-7.5%. Isiyonke imali eyabelwe umgcinimafa ngo-2023/24 wu-R34.9bn. 

UGodongwana uthe kule mali, u-85% wayo uya kumqoqi wentela iSouth African Revenue Service (iSARS), uPhiko lozobuNhloli, izibonelelo zomasipala nempesheni yezisebenzi zikahulumeni namasosha. 

“Imali eyabelwe iSARS iwuR12.2bn kanti eyokweseka imizamo yayo yokuvuselela lolu phiko. I-Financial Intelligence Centre yabelwe ngaphezu kukaR265m eminyakeni emithathu ezayo ukuze isebenze iziphakamiso ezenziwe yiFinancial Action Task Force ukukhipha izwe ohlwini lwamazwe athathwa njengalawo angayihloniphi imithetho elwa nokushushumbisa imali, i-grey list.” 

UGodongwana ugcizelele izinhlelo zokuvuselela umnotho azimemezela ngenkkhathi ethula iSabelomali sezwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page