Inkululeko yezimali isezandleni zakho, kuloba uNokwazi Chonco
INKULULEKO yezimali iyatholakala uma ufuna ukufunda ngayo. Kwabazimisele ukusebenza kanzima ukuyizuza kunezincazelo eziningi zokuthi isho ukuthini.
Inkululeko yezimali ngingayichaza njengekhono lokulawula imali yakho. Isho ukuthi wazi kahle ukuthi imali yakho iya kuphi nyanga zonke, imali onayo iyakuvumela ukuthi uphile impilo oyifunayo, awunangcindezi yokuthi uzozikhokha kanjani izikweletu noma uzophila kanjani.
Isho ukuthi ukhululekile, unohlelo lwezimali olukusebenzelayo. Wonke umuntu angaba nenkululeko yezimali kungakhathalekile ukuthi isimo sakho samanje sibukeka kanjani, wena vele nje unqume ukuthi uyayifuna.
Uma ungenayo ungakhathazeki, ungaqala nawe. Ngaphambi kokuqala lolu hambo, kubalulekile ukunquma ukuthi lusho ukuthini kuwena. Impilo ofisa ukuyiphila ukuze ube nenkululeko nokuthula injani, okusho ukuthi ufisa imali eningi noma isikhathi esiningi sokuba nomndeni wakho noma ufisa ukuvakashela ezindaweni ezithile. Jula ngokucabanga ngempilo oyifisayo.
Uhambo oluya enkululekweni yezimali ayilula. Idinga ukuzidela, ukuphokophela, inhloso nokuzimisela. Yiba nomqondo omusha wemali. Yiba nombono omuhle ngemali njalo. Hlukana nemikhuba engemihle ekubuyisela emuva. Ukuze ushintshe imiphumela yakho ngemali, kufanele uguqule isimo sakho sengqondo ngayo.
Imali iya endaweni enhle neyamukelayo. Uma uhlale ubalisa, ukhuluma okubi kodwa ngemali, izokubalekela
Qala ngokuzihlolisisa ukuthi umi kuphi ngokwezimali. Yenza uhlu lwazo zonke izinto ezithinta imali yakho – imali engenayo, ephumayo, oyibeke ebhange, oyitshalile, njll. Ngabe konke kuhamba kahle, kulawulwa nguwe?
Emva kwaloko cabanga ukuthi ngabe impilo yakho injani ukube imali ayiyona inkinga. Ngabe ekuseni uvuka wenzeni, ngabe uyaphi, wenzani nsuku zonke, ngabe uhlala kuphi, njll. Cacisa yonke imininingwane. Bhala phansi konke.
Cabanga ukuthi uzofinyelela kanjani empilweni oyifisayo usuka lapho ukhona manje nokuthi luthini uhlelo lwakho.
Yenza uhlelo lwezimali olunesabelomali, oluzokwenza ukuthi zonke izinsuku wenze izinqumo ezikususa lapho okhona zikuse enkululekweni. Ungasuki ohlelweni lwakho nesabelomali. Qiniseka ukuthi uma into uthe uzoyenza ngempela ungajiki uma uhlangabezana nobunzima.
Uma unezikweletu, qala ngokukhokhela imalimboleki yazo, amakhadi asezitolo, amakhadi ezikweletu, njll. Lezi zinhlobo zezikweletu zinqinda ukwakha ingcebo.
Qiniseka ukuthi nezinye izikweletu uzikhokhela nyanga zonke, uzivale uma usuqedile ukuzikhokhela. Loku kuzokwenza ukuthi uphile impilo yenkululeko, impilo engenasikweletu.
Yiba nomqondo omuhle wemali. Ingxenye enkulu yokuthola inkululeko yezimali iqala ekutheni ucabanga kanjani ngayo. Ukucabanga okungalungile kuyisithiyo okufanele usisuse.
Uma uqala ukucabanga kahle ngemali, uzobona sekuqala kuvuleka amathuba amahle, kuvuleke iminyango ongakaze uyicabange.
Njalo uma uvuka ekuseni, ziphoqe ukuthi ube nemicabango emihle ngemali nempilo yakho. Funda uhlelo lwakho nsuku zonke, uqiniseke ukuthi konke ozokwenza ngalolo suku kuzokusondeza enkululekweni yemali.
Kubalulekile ukuthi uzinakekele. Thola ulwazi oluzokuphakamisa. Zifundise ngemikhuba yabantu abaphumelelayo ukuthi abayenzayo ukuze baphile impilo enenkululeko. Qala uyisebenzise le mikhuba empilweni yakho.
Funda izincwadi ezikhuluma ngokuphatha imali. Ngena kwi-internet ufunde izindatsha ngemali.
Thola umeluleki wezimali ozokweluleka ngokuphatha imali. Noma wubani angafunda ikhono lokwenza nokugcina imali. Kudinga ukuzimisela nokuqondisisa ukuthi ufunani empilweni
- UNkk uChonco uwungoti wezimali nomsunguli we-Ibanokwazi, inkampani efundisa ngokuphatha imali
