Uyadlondlobala onebhizinisi lezinkukhu elinemixhantela eminingi. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU
ZIMBILI izinto eziholele umfuyi waseTzaneen, eLimpopo, kwezolimo – uyise onebhizinisi lamaqanda nendawo adabuka kuyona.
UNks uNtsako Shipalana, umsunguli we-Olori Chickens, ukhulele endaweni ekukhuthazayo ukutshala nokufuya futhi ekhuliswa wumndeni onothando wezamabhizinisi. Kusukela emncane wayehlale etshelwa ngokubaluleka kokuzisebenza, kunokusebenzela omunye umuntu.
Uthi njengeningi, wayefisa ukwenza umsebenzi ozomhlalisa ehhovisi kangangokuthi emva kokuphothula uMatikuletsheni wabhalisa eVarsity College, lapho afunda khona unyaka owodwa, waphuma nesitifiketi se-Business Management.
UNks uShipalana uthi: “Kwangicacela ukuthi uthando lwezolimo lukimina ngoba ngiqeda ukufunda akungifikelanga ukuyofuna umsebenzi kodwa ngaqala ibhizinisi. Akubanga nzima ukuliqala ngoba ngasebenzisa ulwazi engangilifundile ngokuphatha ibhizinisi nezimali zebhizinisi.
“Kanti nobaba wangisiza kakhulu ngoba wayeseneminyaka enebhizinisi edayisa amaqanda.”
UNks uShipalana waqala ibhizinisi ngo-2017 kodwa walibhalisa ngokusemthethweni ngo-2018. Waliqamba ngesidlaliso sakhe u-Olori. Igama lakhe lesidlaliso, aliqanjwa wusisi omenza ikhanda, lisho ukuthi “indlovukazi” noma “inkosazane” ngolimi lwaseNigeria, isiYoruba.
I-Olori Chickens idayisa izinkukhu ezinqunyiwe. Igxile ekudayiseleni amanye amabhizinisi adayisa inyama esilungile njengoshisanyama noma abadayisa kwezinye izindawo.
Uthi wabona ukuthi ibhizinisi lakhe lizophumelela ngoba udayisa inyama. “Inyama yinto edingwa ngabantu nsuku zonke, okusho ukuthi ngeke ihlale ingathengwa.”

Ifundisa abafisa ukufuya izinkukhu ngenhloso yokuzidayisa. Ukuqeqeshwa kuqala kuR500 kuya kuR2 500. Iqashisa ngemishini yokuchutha izinkukhu, okubiza u-R250 ngosuku. Idayisa namahhoko ezinkukhu, aqala ku-R4 500 eliwu-96m, kuya phezulu.
I-Olori Chickens iqashe abantu ababili abasebenza ngokugcwele nabanye ababili abafika uma umsebenzi umningi. Isifiso sikaNks uShipalana wukudlondlobala agcine esedayisela izwe lonke ukuze akhulise isibalo sabantu abaqashile.
Nakuba umsebenzi umchuma uNks uShipalana, uyakhala ngenkinga kagesi.
“Ukucinywa kukagesi kulilimaza kakhulu ibhizinisi ngoba izinkukhu zidinga ukuhlala zifudumele ukuze zizokhula futhi zidinga ukukhanya ukuze zizobona. Ngagcina ngizithengela imbawula ne-heater yegesi ngenzela ukuthi zingabi nenkinga uma kucima ugesi,” kusho yena.
Uthi kubalulekile ukuthi osomabhizinisi basebenzise izinkundla zokuxhumana ngoba kulula ukuzisebenzisa, awukhokhi mali futhi kwenza abantu bazi ngebhizinisi lakho.
UNks uShipalana unebhizinisi elingenzi nzuzo iRoyalty Campaign, esiza izingane zasemakhaya aswele ngama-pad, izicathulo zesikole nezingubo zokugqoka.
Instagram: @olorichickens_

