UNdunankulu waKwaZulu-Natali uNkk uNomusa Dube-Ncube ethula inkulumo kwi-Africa’s Travel Indaba Izithombe: Zithunyelwe

Kuhlomule amabhizinisi amakhulu namancane embukisweni wezokuvakasha. INTATHELI YOMBELE iyabika

ISONGWA namhlanje ingqungquthela yaminyaka yonke yokugqugquzela ezokuvakasha e-Afrika, i-Africa’s Travel Indaba. 

Le ngqungquthela ibiqale  ngoMsombuluko e-INkosi Albert Luthuli Convention Centre, eThekwini, KwaZulu-Natali.

Le ngqungquthela, evulwe ngokusemthethweni wuNgqongqoshe wezokuVakasha eNingizimu Afrika uNkk uPatricia de Lille ibihlose ukuheha isibalo sezivakashi esilingana nesasiba khona ngaphambi kokuqubuka kwe-COVID-19

Angaphezu kuka-20 amazwe ase-Afrika afikile kanti abezokhangisa ngemikhiqizo yezokuvakasha engaphezu kuka-350. 

Bangaphansi kuka-1000 abantu abebezokhangisa kanti iwu-18 625 imihlangano ebe khona. 

UNkk De Lille uthe: “Sizimisele ukuvuselela imboni yezokuvakasha nokuqinisekisa ukuthi siyaqhubeka ukufaka isandla ekuvuleni amathuba emisebenzi ukukhulisa umnotho wezwekazi. Kumqoka ukuthi sisebenzisane ukukhangisa i-Afrika ukuze sihehe izivakashi ezozingcebeleka nezizosingatha imicimbi yamabhizinisi.

“Uhulumeni nemboni ezimele kufanele babambisane ukutshengisa izinto ezihlukene ezikhona ezwekazini, kusetshenziswe ubuchwepheshe futhi kugqugquzelwe izinto ezintsha.”

UmNyango wezokuVakasha ubuxhase izinkampani eziwu-123 ngohlelo lwawo i-Market Access Support Programme ukuze zikhangise ngomsebenzi wazo kwi-Africa’s Travel Indaba. Lolu hlelo lwenzelwe ukuthi izinkampani ezisafufusa zingaphuthelwa yithuba lokukhangisa kule ngqungquthela ngoba zinqindwa ukungabi namali. 

Kulezi zinkampani, eziwu-114 ngezabantu abamnyama, eziwu-71 ngezabantu besifazane kanti kukhona eziwu-16 okungezentsha. Umnyango usebenzise uR11.7 million ukweseka lezi zinkampani. Kunezinye izinkampani ezicela ku-50 ezixhaswe yizinhlangano zezokuvakasha ezifundazweni.

UNdunankulu waseKZN uNkk uNomusa Dube-Ncube uthe: “I-Africa’s Travel Indaba izosisiza KwaZulu-Natali. Yithuba elihle lokuthi izwe lethu nesifundazwe libuyele ekuzibandakanyeni nomhlaba kwezokuvakasha futhi livuselele amathuba okukhulisa umnotho nokuvula amathuba emisebenzi. 

UNdunankulu uNkk uDube-Ncube exoxa nomunye wosomabhizinisi abebekhangisa

“Ezokuvakasha zingezinye zezinsika zohlelo lokuvuselela nokuguqula umnotho wesifundazwe kanti ngaphambi kwe-COVID-19 zazingenisa u-9.5% emnothweni wesifundazwe. Imizamo yokuvuselela imboni yezokuvakasha ifaka ukukhangisa isifundazwe kakhulu, ukuseka izinhlangano ezisemakhaya nasemalokishini nokuphucula ingqalasizinda nezokuxhumana.”

Le ngqungquthela bekulindeleke ukuthi ingenise uR130m emnothweni waseThekwini futhi ivule amathuba emisebenzi awu-250. Amahhotela abebhukwe afinyelela ku-90% wesibalo akwazi ukusimumatha.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page