Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noLondiwe ‘Londi’ Gazu, umsakazi wohlelo i-Ebenezer Nkosi kwiNongoma FM

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Yebo, ngangiphiwa.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?

Ngaqala ngo-2015, ngayivula eCapitec.

Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Wukuthi imali iyahlonishwa nokuthi kumele uyisebenzele ukuze uyithole.

Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?

Ngiqale ngo-2015, ngibhala uR70 ngosuku.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngathenga ngawo iselula kaR1 500.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukulekelela ukwakha ekhaya, ngathenga nemoto. 

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukufaka uR9 000 kwenye yezinkampani ze‘bhanoyi’, yacwila yonke. 

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuthi kumele ube nohlelo lokuthi uzoyisebenzisa kanjani, ugweme ukuyisebenzisa ezintweni ezingenasidingo.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingaqala ngokusiza ukucija intsha yangasekhaya ukwenza imisebenzi yezandla bese esala lapho ngenze izinto eziqondene nami. 

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngingathi ababe nohlelo oluqondile lokuthi uma bethola imali bayisebenzisela ini, ngasikhathi sini, bangajahi ukwenza izinto ezingenasidingo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page