Uhulumeni useyalusukumela olwabaphangi embonini yokwakha, kuloba uNtokozo Biyela
NAMHLANJE ngithanda sibheke indaba yama-business forum asegcwele izwe lonke adle ngokuphanga imisebenzi embonini yokwakha.
Sekunesikhathi osomabhizinisi abasendimeni yokwakha bekhala ngokuthi akusasebenzeki kahle embonini yokwakha ngoba njalo nje imisebenzi igcina ingaphelanga ngenxa yokuphazanyiswa yiqeqebana lamaqembu azibiza ngama-business forum emalokishini, nasemakhaya kwesinye isikhathi.
Kwaqala ngesikhalo esithi emalokishini sesiside isikhathi kuba nemisebenzi efikayo kodwa kuqashwa izinkampani ezinkulu kuphela emisebenzi yokwakha, kuthi izinkampani ezincane ezikhona emalokishini nasemakhaya zisale zincela izithupha.
Uhulumeni nomasipala bazama imizamo yokuthi izinkampani ezincane zihlomule ngokuthi u-30% womsebenzi ubekelwe zona ukuze kube khona ezikuhlomulayo.
Ngokuhamba kwesikhathi kwaqhamuka abanye abathi nabo banamabhizinisi amancane kodwa abawatholi amathuba. Banquma ukuthi bazoyifuna ngodli ingxenye yemisebenzi yokwakha, abanye besho ngaphandle kokulandela imigudu yokufaka izicelo zokusebenza kule misebenzi.
Bathi uma bengayitholi ingxenye yomsebenzi kusho ukuthi inkampani esuke isebenza ngeke ikwazi ukuqhubeka, izoba nezinkinga eziningi. Imali abayifunayo bayibiza ngenkokhelo yokuvikelwa. Umbuzo omkhulu uthi bavikelwa kwini noma kubani abasuke bethole umsebenzi?
Into eyaye iqapheleke wukuthi emva kokufika kwabazibiza ngama-business forum embonini yokwakha bezofuna ngondli ingxenye yomsebenzi ngaphandle kokwenza umsebenzi, bangayitholi, yilapho-ke usizi luqala khona. Uma kungami ukusebenza, kwesinye isikhathi kuba khona umphefumulo noma imiphefumulo yabantu ephumayo.
Kunemisebenzi emisiwe ezifundazweni ezimbalwa ngenxa yaloku. Ezinye zezinkampani sezathatha izinqumo zokuthi ngeke zisakwazi ukwenza imisebenzi ezifundazweni ezithile kanti ezinye sezaqoma ngisho ukuphuma ziphele eNingizimu Afrika ziyokwenza imisebenzi kwamanye amazwe noma zibuyele emazweni ezidabuka kuwona.
Loku sekwenze ukuthi osomabhizinisi abancane abafanelwe ukuthola ingxenye yemisebenzi ukuthi balahlekelwe amathuba, futhi sekwenze ukuthi abanye abantu noma onjiniyela abanamakhono anqabile banqume ukuyofuna amathuba okusebenza emazweni aphesheya ngoba besaba ukubeka impilo yabo engcupheni.
Loku kusho ukuthi kancane kancane iNingizimu Afrika seyilahlekelwa amakhono abalulekile ngenxa yezenzo zobudlova.
Kuleli sonto sibone sengathi uhulumeni ezweni lonke uyayisukumela le ndaba ngoba sengathi isiyinsakavukela. Iningi imali abathi iyalahleka ngenxa yokuma nokubambezeleka kwemisebenzi engaqedwa. Uthi usuzoqinisa isandla kwabaphazamisa imisebenzi, baboshwe abantu uma kufanele.
INingizimu Afrika isalele ngemuva ngokwengqalasizinda kanti esinye isizathu wukuthi imisebenzi yokwakha noma yokuvuselela ingqalasizinda ayenziwa ngesikhathi. Yingakho sibona imigwaqo yethu ingekho esimweni esihle nezindawo ezidinga izinto ezifana namabhulohwe awekho ngenxa yokuthi kuningi ukuphazamiseka kwemisebenzi.
Ngabe ngiyezwa uma kuthiwa abazibiza ngama-business forum bakwezokwakha futhi iningi labo ngabantu vele abasendimeni yokwakha noma iningi labo liqeqeshelwe ukuqhuba izinkampani ezinamakhono endimeni yokwakha. Manje okubuhlungu wukuthi abanye babo abanalwazi olunzulu lokwakha. Kuba buhlungu ukubona eminye yemisebenzi yabo.
Ngike ngabona eminye yemisebenzi owanikwa inkampani encane ukuthi yakhe udonga oluvimba imvula ngamatshe. Yasheshe yawuphuthuma umsebenzi, kwathi emasontweni amabili isiwuqedile ngabona isiqaqiswa kuthiwa ayiqale phansi. Lokhu kwakusho ukuthi ayiwenzanga ngendlela efanele.
Uma uhamba kweminye yemigwaqo KwaZulu-Natali ubona imigwaqo enezinciphisajubane engekho esimweni esihle elimaza izimoto ngaphansi. Lokhu kukhomba ngokusobala ukuthi abanye abantu abanikwa umsebenzi abanalo ulwazi olwanele lokwakha.
Asethembe ukuthi uhulumeni uzokwazi ukusiqeda lesi sihlava esivimba intuthuko noma enze icebo lokuthi abafanele noma abahlangabezana nazo zonke izidingo zemboni yokwakha bayayithola ingxenye wu-30% ababekelwe yona.
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting
