Bakhala bayizithulisa abemboni yezinkukhu ngesivumelwano sokuhweba neMelika. UTEBOGO MOKWENA uyabika
I-SA POULTRY Association (iSapa), engabanye babantu abavuma umhlahlandlela wale mboni i-Poultry Sector Master Plan, izophikisa ukuthi iNingizimu Afrika iqhubeke nokuba yingxenye yesivumelwano se-African Growth Opportunity Act (i-Agoa).
Loku kungenxa yokunyuswa kwesikali senyama esuke ibandisiwe iMelika eyidayisela iNingizimu Afrika. Lesi sikali sisuke kumathani awu-71 290 ngo-Ephreli, safinyelela kwawu-71 632.
Lesi sivumelwano sivumela amazwe ase-sub-Saharan Africa (ayingxenye yaso) ukuthi athenge futhi adayise imikhiqizo engaphezu kuka-1 800 ngaphandle kokukhokha intela. Kanjalo neMelika iyakwazi ukuthenga nokudayisa kula mazwe, kanti isivumelwano sizophela ngo-2025.
Isikhulu esiphezulu seSapa uMnu u-Izaak Breitenbach sithe lesi sivumelwano siyayibulala imboni yezinkukhu eNingizimu Afrika. Isikali senkukhu engathengwa yiNingizimu Afrika besiloku sinyuka eminyakeni edlule kanti kunabaningi embonini abasola iMelika “ngokulahla” izinkukhu zayo ezishibile, okulimaze abalimi abasafufusa.
Inhlangano engenzi inzuzo iFairplay ithe nayo izosiphikisa lesi sivumelwano se-Agoa. Ithe loku kungenxa yokuthi u-49.6% wenyama yenkukhu ethengwa kwamanye amazwe ivela eMelika.
I-Fairplay ithi: “Isikali sezimpahla ezingakhokhelwa intela yinto iNingizimu Afrika eyaphoqwa yiMelika ngayo ngesikhathi kuphothulwa isivumelwano se-Agoa ngo-2015 futhi yafakwa ekugcineni sekuyiyonanto eyabe isibambe isivumelwano, imboni yenkukhu eNingizimu Afrika yavuma imanqikanqika ngenxa yemihlomulo ekhona esivumelwaneni.”
U-Breitenbach uthi ukuphikisa lesi sivumelwano kungahle kulillimaze izwe kodwa kuzoyisiza imboni yezinkukhu.
Uthe: “Ukwanda kwezinkukhu ‘ezilahlwayo’ eNingizimu Afrika ngenxa yalesi sivumelwano kuyayibulala imboni futhi yindlela yokukwenza kube semthethweni. Sikhuluma nje, iHhovisi likaMengameli lithumele ithimba eliyolwela ukugcina lesi sivumelwano ngoba iMelika ifuna ukusimisa ngenxa yendlela iNingizimu Afrika eyenza ngayo ngodaba lwempi ephakathi kwe-Ukraine neRussia. Ogalo abafika kuleli becoshwa phansi bancintisana ngqo nabalimi abasafufusa.”
Wengeze ngokuthi ukumisa intela eyayikhokhiswa “abalahla” izinkukhu zabo ezweni, isinqumo esamenyezelwa wuNgongqoshe wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana uMnu u-Ebrahim Patel ngonyaka odlule, kuyibulelele imboni.
Okhulumela lo mnyango, uMnu uBongani Lukhele uthe akukho okunye abasazokusho ngalolu daba.
Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

