UNks uZibu Nqala, isikhulu esiphezulu se-Entry Markets eFNB. Isithombe: Sithunyelwe

Uphokophele ukuthi amabhange aqhamuke nezisombululo ezisiza amakhasimende antulayo. Uxoxe neNTATHELI YOMBELE

UKHULELE emndenini owawungaswele eDikeni, eMpumalanga Kapa, kodwa uyayazi kahle impilo yemindeni entulayo.

Isikhulu esiphezulu se-Entry Markets eFNB uNks uZibu Nqala sasifunda esikoleni esisemakhaya, iLovedale Primary. EDikeni yikhaya le-University of Fort Hare, ekhiqize abaholi okubalwa kubona uMnu Oliver Tambo, uDkt uMangosuthu Buthelezi, uMnu Robert Mugabe, uMnu Seretse Khama, uMnu uKenneth Kaunda noMnu Julius Nyerere kanti abazali bakhe babesebenza khona. 

Ukuqonda izindlela ezihlukene abantu abaphila ngazo eNingizimu Afrika kuyamsiza uNks uNqala kulo msebenzi awenzayo lapho ebheke khona i-Entry Markets, uphiko olunakekela amakhasimende ahola imali engeqi kuR240 000 ngonyaka noma uR20 000 ngenyanga. 

UNks uNqala uthi inhloso yakhe enkulu wukwazi kahle amakhasimende akhe ukuze aqonde kangcono izinto ezenza asebenzise imali ngendlela ayisebenzisa ngayo ngoba loko kuzokwenza aqhamuke nezisombululo ezithinta imali eziwalungele. 

Uthi: “Sesiyazi ukuthi asikwazi ukuthatha bonke abantu ngendlela efanayo ngoba izidingo zabo azifani. Siyazi futhi ukuthi asikwazi ukuxazulula izinkinga zamakhasimende ethu ngezindlela esijwayele ukuzisebenzisa kodwa sibheka izindlela ezintsha ezizosisiza silekelele amakhasimende ngosizo aludingayo ukuze afeze izifiso zawo.”

UNks uNqala uneminyaka ewu-18 esembonini yamabhange asephathe kuyo izikhundla ezihlukene kusukela athola iziqu i-BCom Computer Science e-University of Port Elizabeth, esibizwa ngeNelson Mandela University.  

Uthi usebenze eFNB isikhathi eside ngenxa yamathuba nemisebenzi ehlukene anikwe wona. 

“Ngaqala ngiyi-project manager ophikweni lobuchwepheshe. Ukuthi ngangimncane akuzange kubavimbe ukuthi banginike ithuba lokwenza eminye imisebenzi ekhomba umhlahlandlela. Ngafunda lukhulu ngaleyo minyaka ngisanda kufika ebhange – ukukwazi ukusebenza nabantu abahlukene, ukunikwa ithuba ukuthi ubeke uvo lwakho futhi wawuvunyelwa ukuthi wenze iphutha ngoba awazi yonke into. Yingakho ngisho ebeqhamuka amathuba kwenye indawo kodwa ngiyalithanda ibhange. 

“Enye into (engihlalisile) yindlela iFNB ezihlupha ngayo ukuqonda izinto ezihlupha amakhasimende ukuze izoqhamuka nezisombululo ezizokwenza impilo ibe lula, kube yizixaxululo futhi ezizowasebenzela ngempela amakhasimende, hhayi ukwenzelela nje. Isibonelo esisodwa esingifikelayo yindlela ibhange elethula ngayo i-eWallet njengesinye sezixaxululo esenza sikwazi ukuthumela nokuthunyelelwa imali ngendlela esheshayo nelula.” 

UNks uNqala uyazifela ngobuchwepheshe, nokungakho esephothule i-Master’s Degree in Digital Business eWits Business School ukuze ezoqonda kahle umphumela olethwa ubuchwepheshe nendlela obuguqula ngayo indlela amabhizinisi asebenza ngayo. 

“Ukuthuthuka kobuchwepheshe kule minyaka ewu-20 edlule sekwenze izinto zalula futhi zasondela emakhasimendeni amabhange ikakhulukazi labo ebebengenawo ama-akhawunti noma abebengalutholi kahle usizo. Kusikhombisile nokuthi kukhulu kangakanani ukungalingani phakathi kwabantu abami kahle nabantulayo. Kubalulekile-le ukuthi sibeke eqhulwini ukuba nezisombululo ezisiza wonke umuntu,” kusho yena.

Kuningi asekuzuzile eminyakeni ecela kwewu-20 esebenzela lesi sikhondlakhondla sebhange. Kepha into eyodwa ayithandayo wukuthi waba nesandla ekushintsheni izinto emagatsheni aleli bhange ngohlelo oluholele ekutheni kuthuthuke abantu besifazane abawu-16, iningi labo eliqhubekayo nokuphatha izikhundla ezihlukene kule nkampani nakwezinye izinkampani. Njengoba ezalwa emndenini wamantombazane amane, uyazi ukuthi kusiza kangakanani ukuthuthukisa abantu besifazane. 

UNks uNqala uthi uwuhlobo lo mholi obonisana nabantu abangaphansi kwakhe emsebenzini futhi uyakholelwa ekuqasheni abantu abazi ngaphezu kwakhe ngoba “kumnandi kakhulu ukunqoba uma ukuzuza nabanye abantu”.

Okunye ngaye: 

  • Uhlala nomyeni wakhe nendodana;
  • Uthanda ezemidlalo eziyingozi;  
  • Ukhonze ukuvakashela izindawo ehamba nomndeni wakhe nabangani; 
  • Uthanda amafilimu angajwayelekile nokungelula ukubona ukuthi azophela kanjani njenge-The Usual Suspects ne-Troy; 
  • Ukhonze ukufunda izincwadi ezisuselwa ekhanda nezikhuluma ngamabhizinisi. Ezinye izincwadi azikhonzile yiThe Gifts of Imperfection: Let Go of Who You Think You’re Supposed to Be and Embrace Who You Are kaBrene Brown neStart with Why kaSimon Sinek; 
  • Uyazifela ngenyama nangama-NikNaks.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page