USIHLALO omusha webhodi lePembury Lifestyle Group uMnu uSiyabonga Zwane usesulile kulesi sikhundla emva kwezinsuku eziyisithupha ethathe izintambo. Le nkampani enezikole ezizimele nezindawo zokuhlala izaguga ibikade isanda kushintsha usihlalo emva kokusula kukaDkt uMandla Lamba obephethe lesi sikhundla. 

Isikhulu esiphezulu uNks uCordelia Sachiti naso siyashiya ekupheleni kuka-Agasti. Elinye ilungu lebhodi elisulile wuNks uMasego Motloba.

Sekuneminyaka kunemibiko yokuthi izinto azihambi kahle kule nkampani njengoba kwake kwavela nokuthi kunezikole ezimbili ezilengelwa yizembe ngoba zakhiwa lapho kungafanele kwakhiwe izikole khona. Kuke kwavela nemibiko yezinsolo zokwebiwa kwemali. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page