UmCwaningimabhuku-Jikelele eNingizimu Afrika uNksz uTsakani Maluleke uyakhala ngokuhluleka komasipala ukusebenzisa kahle imali. Izithombe: uSLINDILE KHANYILE

Kusabhimba uhlelo endleleni yokuphatha imali komasipala kwanda imibiko enogcobho ngo-2022. USLINDILE KHANYILE uyabika

OMASIPALA bahlehlele emuva endleleni abaphathe ngayo imali ngonyaka wezimali wango-2021/22 njengoba sehlile nesibalo sabathole imibiko engenagcobho kanti esabangathumelanga imibiko ngesikhathi sinyukile.

Loku kuvele embikweni womCwaningimabhuku-Jikelele uNksz uTsakani Maluleke ngomasipala izolo. Kulo mbiko, oqale wethulwa ePhalamende, kuvele ukuthi isibalo somasipala esithole imibiko engenagcobho sehlile sabawu-38, sisuka kwabawu-41 ngo-2020/21. 

Omasipala abawu-104 bathole imibiko emihle kodwa enogcobho, isibalo esikhuphukile sisuka ku-100, kwathi abathole imibiko emibi futhi enogcobho behla besuka ku-83, baya ku-78. 

Abathole imibiko emibi bayisithupha besuka kwabane kwathi abathole imibiko engahlanganiseki kwakuhlanganiseka banyukile nabo bafinyelela kwewu-26 besuka kwewu-15 ngonyaka wezimali odlule. Kukhona abawu-16 abangayilethanga nhlobo imibiko yabo, isibalo esinyukile sisuka kwabathathu ngonyaka wezimali odlule. 

UNksz uMaluleke uthe kuyaqhubeka ukuthi imali ingaphathwa ngendlela efanele komasipala futhi kokunye kugcine kungazekanga ukuthi imali yenzeni. Uthe enye imbangela yalokhu ngo-2021/22 wukuthi kushintshe abaholi bepolitiki komasipala njengoba kwakunokhetho lohulumeni bezindawo ngo-2021. 

“Empeleni ukushintsha (kwabaphathi bepolitiki) akufanele ngabe kupbhazamisa kangaka. Kodwa-ke siyazi ukuthi ushintsho emkhandlwini lusho ukuthi umkhandlu unesandla nasekuqokweni kwabantu. Yingakho futhi siyaye sikhulume ngokubaluleka kokuthi kunemisebenzi okufanelwe iqhutshwe ngokwezidingo zakhona namakhono ngoba lokho kwenza abantu basebenze kahle futhi bawuhloniphe umsebenzi. 

“Ukuthola umbiko ongenagcobho iyonanto okufanele okungenani ngabe omasipala bayayithola. Umbiko ongenagcobho usho ukuthi umthetho uyahlonishwa,” kusho uNksz uMaluleke.

Okuphinde kwagqama kulo mbiko wukuthi omasipala bayaqhubeka nokusebenzisa kakhulu abantu bezinkampani ezizimele, okuyinto uNksz uMaluleke akhalile ngayo njengoba ethe akumsebenzeli uhulumeni kangako kwazise eminye imibiko ehlanganiswe yilabo ngoti isuke ingahlanganisiwe kahle. 

Ngo-2021/22 omasipala abangu-216, bakhokhele izinkampani ezizimele uR1.55 billion kanti kule mali ewu-13% noma uR12.36bn usetshenziselwe ukukhokhela lezo ezilekelela omasipala ukuhlanganisa imibiko yezimali. 

“Yize kunjalo u-62% (noma imibiko engu-137) elethiwe ukuze icwaningwe ibinezinto ezingenziwe kahle futhi yizinto ebezibhekwe izinkampani ezizimele.”

Isifundazwe esihamba phambili kulokhu yiKwaZulu-Natali ekhokhele izinkampani ezizimele uR309.26m, ikhuphukile isuka kuR205.60m ngo-2020/21.

Sekuyiminyaka ihhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele likhala ngokusetshenziswa kongoti abazimele. Umbiko uveze ukuthi omasipala baqhubeka nokusebenzisa lezi zinkampani ngoba kunezikhala ezingagcwalisiwe futhi bashoda ngamakhono.

Ngokwalo mbiko okhishwe, izikhala zezikhulu okufanele ziphathe imali ziwu-22%, okusho ukuthi bawu-52 omasipala abanalezi zikhala kanti abangenazo izimenenja bawu-77 noma bangu-32%.

“Indlela esibuka ngayo indaba yezikhala wukuthi akusikho ukushoda kwamakhono kangako kodwa wukushoda kobuholi. Ukube ubuholi buyayisukumela le ndaba ngabe kuqashwa abantu abawaziyo umsebenzi kanti kuthi uma izinto zonakala ngabe abantu bathathelwa izinyathelo. Ngabe kuthi uma kuqashwa abantu bezinkampani ezizimele, ngabe baqashwa ngesikhathi,” kusho uNksz uMaluleke.

Imali echithiwe nesetshenziswe budedengu inyuke yafinyelela kuR5.19bn, isuka kuR4.74bn. 

UMnu uSakhumzi Somyo, usihlalo weKomidi lasePhalamende elengamele umsebenzi weHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele, uthe iyakhathaza indaba yokusetshenziswa kwezinkampani ezizimele futhi iyakhathaza indaba yokushoda kwamakhono komasipala. 

Ulincomile ihhovisi likaNksz uMaluleke ngomsebenzi eliwenzayo. 

Usihlalo weKomidi lasePhalamende elengamele iHhovisi loCwaningimabhuku-Jikelele UMnu uSakhumzi Somyo ubabaza ubuhle bomsebenzi kaNksz uMaluleke nethimba lakhe

I-South African Government Association ithe inxusa labomasipala abawu-45% abathole imibiko emibi ukuthi bazikhandle ukushintsha izinto endleleni abaphatha imali ngayo.

Imali esetshenziswe yizifundazwe ukukhokhela izinkampani ezizimele

IsifundazweNgo-2021/22Ngo-2020/21
IKwaZulu-NataliU-R309.26mU-R205.60m
I-North West U-R282.33mU-R249.08m
I-LimpopoU-R263.18mU-R279.68m
IMpumalangaU-R245.37mU-R156.63m
IMpumalanga KapaU-R154.88mU-R137.27m
IGautengU-R150.19mU-R148.67m
I-Northern CapeU-R126.95mU-R110.05m
INtshonalanga KapaU-R45.25mU-R42.67m
I-Free StateU-R32.29mU-R35.03m
  • Ulwazi lucashunwe embikweni womCwaningimabhuku-Jikelele wonyaka ka-2021/22

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page