Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noZusakhe ‘Rhasatsha’ Zide, imbongi, i-content creator, umbhali, umculi nomlingisi
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiyiphiwa.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange kanti wayivula kuliphi?
Ngayivula eCapitec ngineminyaka ewu-17.
Yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali ekukhuleni kwakho?
Ngikhumbula ukuthi uR5 wawuyigugu kakhulu, (wawukhipha isidlo) sakusihlwa sami nomzala wami.
Waqala nini ukusebenza, kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Ngo-2021. Ngangihola imali engango R7 500 njalo ngenyanga.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngathenga izinto zokusebenza, insimbi yomculo engangikade ngifisa ukuba nayo.
Yini into enhle owake wayenza ngemali?
Ngathengela abazala bami izicathulo zikaKhisimusi ezinophawu olubizayo.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuwake walenza?
Isikhathi esiningi wukubolekisa ngemali kubantu, bangabe besayibuyisa.
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?
Cha, angifuni (ukungena) kunoma yini (ethi) “imali elula”.
Yisiphi iseluleko esihle owake wasithola ngemali?
Ngafunda ukuthi imali ayingahlali yonke ebhange, hlala unemadlana ekuwena. Amabhange ngeke uwathembe kakhulu.
Uma ungawina uR1m kwi-lottery ungawusebenzisa kanjani?
Ngingadalela umkhiqizo wami okuqukethwe kwekhwalithi ephezulu, ngikhiphe umculo namavidiyo omculo, ngingene embonini futhi ngisebenzise imali eningi ukukhangisa nasekuxhumaneni nomphakathi.
Ungabeluleka kanjani abasembonini okuyona ngokuphatha imali?
Yonke imali encane onayo yenza isiqiniseko sokuthi kukhona okuthengayo okuzokusondeza emgomeni wakho, uma ukwazi wonge encane.
