UDabengwa uzokhunjulwa ngokubayisibonelo esihle
YINTATHELI YOMBELE
OWAYEYISIKHULU esiphezulu eMTN uSifiso Dabengwa ushonile izolo. Esitatimendeni esikhishwe wumndeni wakhe sithe lesi sikhulu samabhizinisi sithathwe wumdlavuza.
UDabengwa, owazalelwa eZimbabwe kodwa obeseneminyaka eyisikhulu samabhizinisi eNingizimu Afrika, wahola le nkampani yezokuxhumana namaselula phakathi kwango-2011 no-2015.
UMnu uThemba Sibanyoni, okhulumela umndeni wakwaDabengwa, uthe lo somabhizinisi ubehlonishwa kule mboni nasemkhakheni wamabhizinisi wonkana.
“Amagalelo kaMnu uDabengwa awaphelelanga kwezamabhizinisi. Ubeyisishoshovu semfundo futhi ekholelwa emandleni obuchwepheshe ukuguqula izimpilo,” kusho uSibanyoni.
E-MTN bathe uDabengwa ubambe iqhaza elikhulu ohambweni lwale nkampani eminyakeni ewu-30 edlule nasembonini yokuxhumana ngamaselula. Bathe waba nesandla esikhulu ekuyiholeni nasekuyiguquleni.
“USifiso ubengahlonishwa nje ngenxa yamagalelo akhe emsebenzini kodwa nangenxa yokubaqotho, intobeko nenhlonipho abeyinika bonke asebenze nabo. Ucathulise abaningi futhi ubewumholi obeyisibonelo esihle ngokunikela.
“Amagalelo kaSifiso eMTN nasembonini yonke abemakhulu. Umlando wakhe uzoqhubeka usigqugquzela,” kusho isikhulu esiphezulu eMTN uMnu uRalph Mupita.
UDabengwa, owake wangusihlalo webhodi ye-Eskom ushiye emhlabeni umkakhe nabantwana abane. Uganwe uNkk uPhuti Mahanyele-Dabengwa, isikhulu esiphezulu seNaspers eNingizimu Afrika.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/07/06/kuzobhungwa-ngobuchwepheshe-nezokuxhumana-intatheli-yombele-iyabika/