UmNyango weziMali, ophethwe wuMnu u-Enoch Godongwana (osesithombeni), ugculisekile ngezingxoxo ne-International Monetary Fund. Isithombe: Sithunyelwe

Uhulumeni uzoqinisa isandla ukunciphisa isikweletu nokuvikela umnotho 

YINTATHELI YOMBELE

UHULUMENI waseNingizimu Afrika uqaphe ngeso lokhozi izingxoxo zemiholo zangonyaka wezimali u-2025/26 ukuqinisekisa ukuthi okuzovunyelwana ngako ngeke kuhlehlisele izwe emuva njengoba uzibophezele ukunciphisa isikweletu nokusimamisa umnotho.

UmNyango weziMali izolo uthe loku ngezinye zezinto eziseqhulwini ekufezeni lo msebenzi. Okunye wukuqinisekisa ukuthi iyancipha imali esetshenziswa wuhulumeni, wukwethula izinguquko endleleni imali esetshenziswa ngayo ukuseka ukukhulisa umnotho nokunciphisa izingozi ezibangwa ngamabhizinisi kahulumeni ngokubuyekeza uhlaka alusebenzisayo uma elekelelwa ngesibambiso uma eboleka imali.  

Umnyango ugcizelele lezi zinto ngesikhathi uchaza ukuthi uyavumelana ne-International Monetary Fund (i-IMF), ethe ziseningi izinselelo ezibhekene nomnotho waseNingizimu Afrika. Nokho ithe iyabonakala indima esikhathulwe yiNingizimu Afrika.

I-IMF iphawule ngesimo somnotho seNingizimu Afrika emva kokuhambela leli zwe ngoJulayi ukuzozwa ukuthi izinto ziqhubeka kanjani njengoba kuno$4.3 billion (uR77 billion) eyawuboleka iNingizimu Afrika ngo-2020 ukubhekana nezinselelo ezadalwa wukubheduka kwe-COVID-19.  

“Inhloso wukuqinisekisa ukuthi izwe elisuke liboleke imalli kwi-IMF liyaqhubeka nokunakekela umnotho walo ngendlela efanele nokuthi i-IMF izokhokhelwa. Igculisekile ngokuthi iNingizimu Afrika izokwazi ukuyikhokhela. 

“I-IMF ithole ukuthi umnotho waseNingizimu Afrika uyaphokophela, yize kunezinto eziwuphazamisile. Nokho ixwayise ukuthi izinselelo eziqhubekayo zibeka engcupheni izinga lempilo eliphilwa ngabantu,” kusho umnyango weziMali.  

Lesi sikhungo senze iziphakamiso ngezinto iNingizimu Afrika okufanele izigade ukuvikela nokukhulisa umnotho wayo.

“UmNyango weziMali uxoxisane kahle nethimba le-IMF. Yize sizazi izinselelo i-IMF ekhulume ngazo, uhulumeni waseNingizimu Afrika uphinde wakugcizelela ukuzibophezela kwawo ekubekeni eqhulwini izinto ezizokhulisa umnotho ozofaka wonke umuntu ukulwa namazinga aphezulu obubha nokungalingani. Uhulumeni woBumbano osanda kusungulwa uzibophezele ekulweni nezinselelo eziphuthumayo nezizothatha isikhathi eside,” kusho umnyango.  

Ezinye zezinselelo esezidonsise kanzima umnotho wezwe yisikweletu esiphezulu sikahulumeni, ukucinywa kukagesi nokungasebenzi kahle kwezitimela ezithutha izimpahla namachweba.  

Ethula iSabelomali sonyaka wezimali u-2024/25, uNgqongqoshe weziMali uMnu u-Enoch Godongwana wathi isikweletu sikahulumeni kulindeleke ukuthi sinyukele ku-R6.29 trillion ngo-2026/27 (okuwu-74.7% wesikali somnotho), sisuka ku-R5.21trn ngo-2023/24 (okuwu-73.9% wesikali somnotho). 

Ukulungisa loku, uhulumeni uzosebenzisa u-R150bn eminyakeni emithathu ezayo ukunciphisa isikweletu sezwe, imali ethathwe esikhwameni esiwugadingozi, i-Gold and Foreign Exchange Contingency Reserve Account Reform.  

Ekulungiseni inkinga kagesi, kuningi nakhona okuqhubekayo njengoba sekuphele izinsuku eziwu-150 ungacinywa ugesi.

“Kukhona nezinye izinguquko ezithulwayo embonini kagesi. I-National Transmission Company South Africa isisebenza ngokugcwele kanti ayihlangene namabhizinisi e-Eskom okuphehla nokusabalalisa ugesi. Ukuchitshiyelwa komThetho kaGesi sekusayiniwe, nokuzokwenza indlela amanani anqunywa ngayo ihambisane nezindleko,” kusho umnyango.  

Umnyango wengeze ngokuthi uhlelo lwezinyanga eziwu-18 lokulungisa izinto eTransnet seluhlanganisiwe futhi luqhubeka kahle.  

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/02/21/isabelomali-sizame-ukulungisa-eyesikweletu-sezwe-ngaphandle-kokuvala-umpompi/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

https://iono.fm/p/2014

Inqolobane

You cannot copy content of this page