Abantu basemadolobheni abakhuthalele ezolimo ukulwa nendlala, kusho iStats SA. USLINDILE KHANYILE uyabika
ABANTU abahlala emadolobheni ababewumngani negeja bangene kwezolimo ukuze kunciphe isibalo sabantu abagajwa yindlala eNingizimu Afrika.
Lesi yiseluleko seStatistics South Africa ngenkathi ikhipha izibalo ezintsha ezitshengisa ukuthi bangakanani abantu abathola ukudla okwanele eNingizimu Afrika uma kuqhathaniswa nabagajwe yindlala.
Lolu cwaningo, olukhishwe kuleli sonto, lusebenzisa ulwazi oluthathwe kwi-General Household Survey eyenziwa ngo-2021.
Luveze ukuthi emizini ewu-17.9 million ecwaningiwe, abantu abawu-14.2m (cishe abawu-80%) bebenokudla okwanele, kwathi abawu-2.6m (okuwu-15%) bathi akwanelanga kwathi abawu-1.1m (okuwu-6%) babika ukuthi bebekuswele kakhulu ukudla.
Cishe ewu-500 000 kule mizi iseKapa, eNtshonalanga Kapa naseGoli, eGauteng.
Ngenyanga edlule kwavela ukuthi amanani okudla anyuke ngo-13.6% ezinyangeni eziwu-12 ezidlule, isibalo esikhulu kusukela ngo-Ephreli wango-2009. I-Statistics South Africa yathi loku kwaba nesandla esikhulu ekunyukeni kokwehla kwamandla emali, okufinyelele ku-7.0% ngoFebhuwari.
“Ukusebenza kubaluleke kakhulu ukuqinisekisa ukuthi imizi inokudla okwanele, cishe u-19.0% wemizi lapho kungasebenzi muntu khona ogajwe yindlala uma kuqhathaniswa no-7.9% wemizi lapho bekukhona okungenani umuntu oyedwa osebenzayo,” kusho iStats SA.
Ngokusho kwe-Food and Agriculture Organization (iFAO) isibalo sabantu abagajwe yindlala emhlabeni sinyuke ngo-150m kusukela ngo-2019 safinyelela ku-828m ngo-2021. Amazwekazi ebhoke kakhulu kuwo yi-Asia enabantu abawu-425m ne-Afrika enabawu-278m.

Yize isimo sinje kuvele ukuthi ambalwa amakhaya abheka ezolimo ukuzondla njengoba luveze ukuthi awu-3.1m (okuwu-17.3%) azitshalela ukudla kanti iningi elisezindaweni zasemakhaya.
I-Stats SA ithi: “Cishe u-12% wemizi ubike ukuthi uyalima ukuze ukwazi ukuzondla kwathi u-74.5% wathi ukwenzela ukwengeza ekudleni onakho.
“Izindawo ezisemadolobheni, ikakhulukazi amadolobha amakhulu, (okuyiGoli neKapa) yizona ezinemizi eminingi lapho abantu begajwa khona yindlala kakhulu. La madolobha angamanye alawo akhula mawala eNingizimu Afrika kanti ngokusho kweNhlangano yeZizwe nezinye, loku kungenxa yesibalo sabantu abafudukela khona beyofuna umsebenzi nempilo engcono, ngakho kufanele kugqugquzelwe imizi eminingi emadolobheni ukuthi ibambe iqhaza kwezolimo izikhiqizele ukudla ukuze kunciphe ukushoda kokudla.”
Umbiko uthi ububha, ukuntuleka kwemisebenzi nokushoda kukagesi kunesandla ekushodeni nasekuqongeni kwamanani okudla.
Isibalo sabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika simi ku-32.7% ngekota yesine ngo-2022. Ukushoda kukagesi seloku kwaqala ngo-2008, nokho-ke kube mandla kakhulu ngonyaka odlule njengoba ucinywe izinsuku eziwu-207 ngokusho kukangqongqoshe wezezimali uMnu u-Enoch Godongwana ngesikhathi ethula iSabelomali sango-2023/24.
Izolo i-Eskom ucime ugesi ngokwesigaba sesithupha, okusho ukuthi usuke ungacinywa okungenani amahora ayisithupha kanti namhlanje kulindeleke ukuthi ucinywe ngokwesigaba sesihlanu.
Lokhu kunyusa izindleko zamabhizinisi, ezokukhiqiza ukudla njengoba kufanele abalimi nabanye osomabhizinisi bazame ezinye izindlela ezifana nokuba nama-generator ukuze bahlezi benogesi ukugwema nokubola kokudla.
Iwu-683 221 imizi enezingane ezineminyaka eyisihlanu nangaphansi ehlaselwe yindlala ngo-2021. Kuyona, ewu-20.1% iKwaZulu-Natali (ezindaweni ezingekho emadolobheni), kulandele eseGoli ewu-13.6% neseKapa ewu-12.4%.

