Uhulumeni uqinisa isandla emabhizinisini awo. USLINDILE KHANYILE uyabika
UHULUMENI usuqinisa isandla endleleni oseka ngayo amabhizinisi awo futhi ngeke usavele uyikhiphe noma yikanjani imali uma edinga ukutakulwa. Lesi yisona sizathu esesenze uhulumeni ubuyekeze imibandela ehambisana nokulekelela i-Eskom nokungaxhamazeli ngesinqumo sokusiza iTransnet.
Usho kanje umQondisi-jikelele emNyangweni wezeziMali uDkt uDuncan Pieterse esithangamini nabezindaba izolo ngenkathi bechaza ngeSabelomali esibheka iminyaka emithathu ezayo, i-Medium Term Budget Policy Statement (iMTBPS) yango-2023.
Uthe: “Uma sibheka iDenel, yahlinzekwa ngoR3 billion kodwa isanikwe uR1.9bn kuphela waleyo mali njengokuhambisana nokufeza kwawo imigomo nemibandela ebekiwe. Kuzoba njalo nakwamanye amabhizinisi kahulumeni.”
Lesi Sabelomali sigcizelele ukuthi enye yezinto ezikhinyabeza umnotho wukungasebenzi kahle kwamabhizinisi kahulumeni, ikakhulukazi i-Eskom neTransnet. Sithe anesandla ekwehleni kwemali engeniswe yizimayini, okube nomphumela omubi emalini ezongeniswa wuhulumeni njengoba isizoncipha ngoR56.8bn ngo-2023/24.
Nemali kahulumeni eba yisibambiso uma amabhizinisi awo edinga ukuboleka imali isiyehlile njengoba ngoMashi 2023 ifinyelele kuR448bn isuka kuR543bn ngonyaka odlule. Bathe imbangela enkulu yaloku wukuthi imali iBhange loMbuso ebelibolekisa ngayo yehlele kuR20bn, isuka kuR100bn. U-84% wesibambiso ulekelela i-Eskom, nokho-ke asikho isibambiso esisha esikhishiwe ngonyaka wezimali omusha.
Enye yezinto eseziguqulwe wuhulumeni wukuthi imali ozoyiboleka i-Eskom ebingeke ibe nenzalo isizoba nenzalo kanti ungqongqoshe angayiqinisa neminye imibandela uma kukhona le nkampani ephehla ugesi ehluleka ukukufeza.
KwiSabelomali sango-2023/24 uhulumeni wamemezela ukuthi uzokhokha uR254bn wesikweletu se-Eskom kuze kube wu-2025/26. Loku ukwenzela ukuthi le nkampani ikwazi ukunakekela nokutshala imali kwingqalasizinda futhi iphucule isimo sayo sezimali.
Umthetho wokwenza loku i-Eskom Debt Relief Act yango-2023 uphasisiwe ngoJulayi kanti ngoSepthemba le nkampani ibisinikwe uR16bn kuR74bn ezowuthola ngo-2023/24. Kunethimba elihlanganiswe wumNyango wezeziMali, owamaBhizinisi kaHulumeni ne-Eskom ukuqinisekisa ukuthi kugcinwa imibandela kanti le nkampani kufanele yethule umbiko njalo ngekota ukuze igcine ingayibuyisanga le mali.
UMnu uJeffrey Quvane, umqondisi we-Energy and Telecom ophikweni olwengamele izimpahla nezikweletu emNyangweni wezeziMali, uthe balindele umbiko wekota yokuqala kuleli sonto kanti abakwaziyo wukuthi le nkampani ephehla ugesi ayisayiboleki imali.
UNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthe yize bezosibheka isicelo seTransnet sokutakulwa ngemali ephakathi kukaR50bn noR100bn kodwa besingakacutshungulwa okutheni ngoba basanda kusithola.
Uthe izingxoxo zizothatha cishe izinyanga ezintathu nale nkampani yezokuthutha. “Kunezifundo esizifundile kule nto yokuthi bathi abantu uma becela sivele sibatakule sibanikeze imali. Yinto ebesiyenza ngoba sithembana kodwa manje ngeke sisavele sibatakule abantu kungekho uhlelo olucacile lokuthi imali izosebenza kanjani nokuthi imboni ezimele izobamba liphi iqhaza.
“I-Transnet izama ukuxoxisana nathi isebenzisa abezindaba. Asifuni ukukhuluma nabo esidlangalaleni. Asikwazi ukuthi iTransnet ingawa kodwa kufanele sibonisane kahle, kube nohlelo olucacile,” kusho uGodongwana.
Echaza ngomonakalo osuwenzekile emnothweni ngenxa yokungasebenzi kahle kweTransnet, uGodongwana uthe ngonyaka odlule umnotho ulahlekelwe wu-5% ngenxa yezitimela ebezingasebenzi kahle kanti kulinganiselwa ukuthi ezimbiwa phansi zilahlekelwe wuR50bn.
Kukhulunywa nje, le nkampani iphethwe isikhulu esiphezulu esibambile emva kokushiya kukaNksz uPortia Derby. Nobeyisikhulu esiphezulu uNks uNonkululeko Dlamini usehambile nobeyisikhulu esiphezulu seTransnet Freight Rail uNks uSiza Mzimela.
Ungqongqoshe uthe: “Siyakwazi ukubaluleka kweqhaza leTransnet ekuthutheni izimpahla ezweni nakwamanye amazwe nomphumela okunakho emabhizinisini, empilweni yabantu nokuthi umnotho ukwazi ukuncintisana. Awukho umnotho ongaphumelela futhi ukhulise izimboni ezintsha uma izitimela zibambezeleka namachweba engakwazi ukumelana nezimpahla ezifikayo nalezo ezihambayo.”
Iphini likangqongqoshe uDkt uDavid Masondo engeze ngokuthi kumqoka ukuthi amabhizinisi kahulumeni avuleleke ekuncintisaneni nabanye abantu ezimbonini akuzo.
UMasondo uthe: “Uhulumeni uhlulekile, ngakho kufanele sivulele abanye abantu. Uma sikhuluma ngokuthi nje iTransnet idinga uR50bn, yimali uhulumeni angenayo leyo ngakho kufanele sivulele imboni ezimele ukuthi itshale.”
Khonamanjalo, iLand Bank liyaqhubeka nokuhluleka wukukhokha isikweletu okusukela ngo-Ephreli wango-2020.
Ekupheleni kwango-2022/23, uhulumeni wanika leli bhange uR5.1bn onemibandela futhi ukhokhe uR1.4bn wesikweletu salo. Yimali lena ebiyingxenye kaR7bn uhulumeni atakule ngawo le nkampani, ingxenye esasele kule mali izokhishwa ngo-2024