UNgqongqoshe wokuThuthukisa umNotho KwaZulu-Natali uMfu uMusa Zondi uthi kuzokonakala emnothweni wonkana uma kuqhubeka ukuvalwa kwefemu yokusansimbi eNewcastle, KwaZulu-Natali. Isithombe: Sithunyelwe

Ayisukunyelwe eyefemu yokusansimbi – ungqongqoshe 

WUSLINDILE KHANYILE

SEKUNXUSWE uNgqongqoshe wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau ukuthi aphinde axoxisane ne-Arcelor Mittal South Africa ukugwema ukuvalwa kwamafemu ayo amabili ezweni, nokuzosho ukuthi abantu abawu-3 500 bazophelelwa wumsebenzi.  

Le nkampani ekhiqiza okusansimbi imemezele izolo ukuthi izoqhubeka nezinhlelo zayo zokuvala amafemu ayo aseNewcastle, KwaZulu-Natali, naseVeereniging, eGauteng, emva kokuthi izingxoxo zayo nohulumeni zingathelanga zithelo.  

UNgqongqoshe wokuThuthukisa umNotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natali uMfundisi uMusa Zondi usebhalele uTau emnxusa ukuthi aphinde abonisane ne-ArcelorMittal South Africa. Uthe lefemu ibaluleke kakhulu emnothweni waseNewcastle.

“Ukuvalwa (kwale femu) kuzothinta ngqo imisebenzi ewu-2 000 eNewcastle, okubeka engcupheni indlela yokuziphilisa kwezisebenzi nomnotho wonke. Njengomunye wabaqashi abakhulu esifundeni, ifemu i-ArcelorMittal South Africa iyinsika yokuzinza komnotho, iseka izinkulungwane zezisebenzi namanye amabhizinisi endawo,” kusho yena.  

Le nkampani yamemezela ngasekupheleni kwango-2023 ukuthi ihlela ukuvala la mafemu ngenxa yokubheda kwesimo somnotho nezinkinga eziloku ziqhubekile ezithinta ezokuthutha, ugesi nokuthi kunzima ukuncintisana nemikhiqizo eshibhe kakhulu eqhamuka kwamanye amazwe, ikakhulukazi eChina.  

Nokho emva kwezikhalo ezaqhamuka kuhulumeni nakwabanye abantu, yavuma ukukumisa loku ukuze kuboniswane ukuzama ukuthola isixazululo. Ithe ibingafuni ukusizwa ngemali kodwa ngemigomo ezosiza izinto ezinqinda imboni yayo. 

Nokho ukuqhubeka kwalezi zinselelo nokuhluleka kukahulumeni ukungenelela ngemigomo ebingayisiza kuphoqe ukuthi iqhubeke nokuvala la mafemu ngoba kufanele icabangele inkampani yonke.

I-ArcelorMittal South Africa ithe ukukhiqizwa kokusansimbi kubhekwe ukuthi kuyekwe ngasekupheleni kwenyanga kanti ithe izoqala izingxoxo zokudiliza izisebenzi njengokusho kwesigaba u-189 (3) somthetho wokuqasha abantu eNingizimu Afrika.  

Isikhulu esiphezulu se-ArcelorMittal South Africa uMnu uKobus Verster sithe: “Siphoxekile ukuthi yonke imizamo yethu kulo nyaka ophelile ayiqhamukanga nesixazululo. 

“Izinto eziphakanyisiwe bekuhloswe ngazo ukuthi kuncintiswane kahle nabakwamanye amazwe nakhona lapha ezweni… besinethemba lokuthi izinto ngeke zifinyelele lapho sikhona manje, esikhathini lapho kungekuhle ukuthi kungakhona imisebenzi elahlekayo ezweni nokuphazamisa izimboni. Yize kunjalo, siyabonga kuzo zonke izinhlaka ezizamile ukulekelela futhi siyabonga kakhulu kwizisebenzi zethu eziqhubekile nokuzinikela nokuseseka kulo nyaka odlule.”  

Le nkampani ithe umkhiqizo wokusansimbi wehlile emhlabeni jikelele. Ithe ngokwezibalo zeWorld Steel Association, umkhiqizo wokusansimbi ngonyaka odlule wehle ngo-1.4%, waba ngamathani awu-1.6 billion.

I-South African Iron and Steel Institute ibike ukuthi umkhiqizo wokusansimbi ezweni wehle ngo-2.3%. waba ngamathani angu4.42 million. 

Kuthiwa loku kusho ukwehla okulinganiselwa ku-30% womkhiqizo wango-2018, okwenza iNingizimu Afrika isalele ngemuva kweGibhithe ne-Algeria emazweni ase-Afrika. 

Emazweni akhulisayo le mboni kubalwa iZimbabwe, iKenya neTanzania. Kuthiwa umkhiqizo othengwa kwamanye amazwe unyuke ngo-50% kusukela ngo-2018 kanti odayiselwa amanye amazwe usuka eNingizimu Afrika wehle ngo-40%.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page