URamaphosa uthembise lukhulu ngenkinga kagesi
WUSLINDILE KHANYLE
SEKUSEDUZE ukuthi uhulumeni unqobe inkinga yokushoda kukagesi eNingizimu Afrika njengoba ziningi izinhlelo nemizamo eyenziwayo ukuyilungisa.
Lesi ngesinye sezethembiso ezenziwe wuMengameli uCyril Ramaphosa namhlanje ngesikhathi ethula iNkulumo eBhekiswe esiZweni.
URamaphosa obethula le nkulumo okokugcina njengomholi kahulumeni owathatha izintambo zombuso ngo-2019 uthe bahlanganisa icebo elicacile futhi elisetshenziswayo ukuqeda ukucinywa kukagesi elenganyelwe yikomidi ebheke inkinga kagesi, iNational Energy Crisis Committee.
Uthe bakwenzile abazibophezela kukhona ukuletha ugesi omusha ngokuthola abatshalimali abazimele, nosekuqalile ukusiza ukunciphisa ukucima kukagesi.
“Ngonyaka odlule sithole indlela yokuphungula isikweletu okuzosiza i-Eskom itshale imali ekunakekeleni nakwingqalasizinda yokusabalalisa ugesi ukuqinisekisa ukuthi uhlale ukhona.
“Kusukela sibuyise uhlelo lukagesi ovuselelwayo eminyakeni eyisihlanu edlule, sesixhume ugesi ophehlwa ngelanga nomoya ongaphezu kuka-2 500MW kugesi otholakala ezweni kanti omunye ugesi ophindaphindwe kathathu kulona usezinhlelweni zokuthengwa noma zokwakhiwa,” kusho uRamaphosa.
Ukhumbuze isizwe nangohlelo olusebenzisa intela ukukhuthaza abantu ukuthi batshale imali ekufakeni ingqalasizinda kagesi ophehlwa ngelanga nezinguquko ezenziwe emthethweni kagesi ezenze ukuthi yande imali etshalwe yimboni ezimele ukuphehla ugesi njengoba ethe kunemisebenzi engaphezu kwewu-120 eqhubekayo.
URamaphosa uthe zonke lezi zinhlelo eziguqula imboni kagesi njengokuhambisana nokwenzeka kwamanye amazwe zinciphisa namanani kagesi.
“Ngazo zonke lezi zinyathelo, sinethemba ukuthi sesidlulile ebunzimeni obukhulu futhi sekusemome ukuthi iphele into yokucima ugesi. Asigcini lapho. Ukuqinisekisa ukuthi ngeke siphinde sibhekane nenkinga efanayo, sishintsha ugesi wethu ukuze kwande ukuncintisana futhi uthembeke. Sizokwakha olayini bokusabalalisa ugesi abangaphezu kuka-14 000km ukwenzela ugesi ovuselelwayo eminyakeni ezayo.
“Ukusheshisa uhlelo, sizovumela imboni ezimele itshale imali kwingqalasizinda yokusabalalisa ugesi ngezindlela ezihlukene ezintsha.”
Ukungabibikho kukagesi owenele ngenye yezinto ezibe nesandla ekukhinyabezeni ukukhula komnotho njengoba ne-International Monetary Fund isanda kuthi isilindele ukuthi umnotho waseNingizimu Afrika ukhule ngo-1% kulo nyaka, esikhundleni sika-1.8% eyayiwulinganisile ngonyaka odlule.
Inkinga yokushoda kukagesi iqale ngo-2008 kanti imizamo eminingi eyenziwayo ukuyilungisa ayikatheli izithelo ezitheni.
Ngonyaka odlule uNgqongqoshe womNyango kaGesi uDkt uKgosientsho Ramokgopa wathi imali elahlekile ngezinto ezingabe zenzekile emnothweni ngenxa yokungabibikho kukagesi owenele ngo-2023 inguR1.6 trillion, nathi yayingaphezulu ngoR400bn kokwenzeka ngo-2022.
URamaphosa ukhulume nangomphumela wokuguquguquka kwesimo sezulu, wathi zandile izigameko zomonakalo odalwa yisimo sezulu esingesihle okuvame ukuthi kube yizikhukhula eThekwini, KwaZulu-Natali, kuthi eKapa, eNtshonalanga Kapa, kube yimililo yequbula.
URamaphosa uthe yingakho beqhubeka nohlelo lokuguqula indlela ugesi otholakala ngayo iJust Energy Transition ukunciphisa ukukhiqizua moya ongcolisayo ukulwa nokuguquguquka kwesimo sezulu kodwa futhi kukhule umnotho futhi kwande imisebenzi.
Uthe miningi imisebenzi ezovuleka ezimbonini zikagesi ovuselelwayo, i-green hydrogen, i-green steel, izimoto zikagesi neminye imikhiqizo engacekeli phansi imvelo.
“Sesinqume ukweseka ukukhiqizwa kwemoto kagesi eNingizimu Afrika ukukhulisa imboni yezimoto ehlinzeka izinkulungwane ngemisebenzi. Sinqume ukugxila ezifundeni ezifana neMpumalanga ukwakha izimboni ezintsha, amathuba amasha omnotho nemisebenzi,” kusho umengameli.
Uthe imali asebeyitholile yokuxhasa iJust Energy Transition isikhuphukile isuka kuR170 billion safinyelela cishe kuR240bn.
URamaphosa, obengabuyekezi nje iminyaka emihlanu ewumengameli kodwa obebheka neminyaka ewu-30 kwaqala ukubusa uhulumeni wentando yabantu, usebenzise le nkulumo ukukhankasa ebalula inqwaba yezinto ezinhle athe zenziwe wuhulumeni oholwa yi-ANC oseloku wathatha izintambo ngo-1994.
Ekhuluma ngokonakele, ugxile kakhulu ekutheni izinto ezonakele zenzeke kuphela ngesikhathi seminyaka yokugwamanda amandla ombuso, nathe seloku kubewuye umengameli, umsebenzi abebewenza bekuwukulungisa umonakalo owadaleka ngaleso sikhathi.
Ukhulume nangenkinga yezokuthutha nezinhlelo ezikhona zokuyilungisa, imizamo yokusungula amathuba emisebenzi, ukuphucula ezemfundo nokulwa nobugebengu nenkohlakalo.
URamaphosa uvumile ukuthi yize kukhona okufanele kunconywe ngohulumeni wentando yabantu kodwa kuningi okonakele, nokufanele ngabe kungcono kunokuyiko.