Asiyeke ukubhala sicisha ngendaba yokulungisa inkanankana kagesi, kuloba uBusi Mavuso

IMVAMISA kuthiwa iNingizimu Afrika inamaqhinga amahle kuphela, qha ihlulwa wukuwafeza. Yilokho okwenza singabi klamuklamu ukuloku sizwa ngamaqhinga. Nokho-ke ayadingeka. 

Uma singenawo amaqhinga, kunengozi yokuthi sihluleke wukuzuza esifunayo, ngoba indlela esenza ngayo ayihlelekile futhi asiqondi ukuthi izenzo zethu zingazithela kanjani izithelo esizifisayo.  

Inselelo enkulu ebhekene nomnotho wethu yinkinga kagesi kanti sinalo icebo lokuyilungisa. Ikomidi elihlanganiselwe ukuyilungisa iNational Energy Crisis Committee (iNECOM), esehhovisi likaMengameli, lihlanganise ongoti futhi linecebo okuyilona elinamathuba amaningi okuxazulula le nkinga ngokushesha. 

Osomabhizinisi bayaleseka leli cebo futhi sebeze bathola uR100 million wokukhokhela amakhono adingekayo ukuze lifezeke.

Enye imbangela yokuhluleka wukwenza izinto wukuthi asiwalandeli amaqhinga asuke esehlanganisiwe. Uma icebo selikhona, lihlanganisa izinhlaka eziningi. Uma sekuchezukwa kulona, kuningi okuphambanayo futhi kuyaphela ukuthembana. 

Simamukele uNgqongqoshe omusha kaGesi uDkt uKgosientsho Ramokgopa nesethembiso sakhe sokuthi akazile ukuzosungula umgomo omusha kodwa uzolandela iqhinga leNECOM. Nokho angizwanga ukuthi usazibophezele kuloko ngesonto elidlule ngenkathi ethula isiphakamiso sakhe kwiKhabhinethi. 

Kube buhlungu ukubona ngesonto elidlule ukuthi isiphakamiso esethulwe kwiKhabhinethi sichezuke kangakanani. 

Asemukelwanga kanti kuphume umyalelo othi kufanele siqale sicutshungulwe yiNECOM. Kungani vele ungqongqoshe omusha eqhamuke nalesi siphakamiso esithi kufanele kutshalwe kakhulu emalahleni futhi kwengezwe isikhathi okuzoqhutshekwa kusetshenziswe ngaso iziteshi eziphehla ugesi ngamalahle? 

Amacebo afana nalawa adinga ukufakelwa izibuko. Adinga kutshalwe imali enkulu, angasiza emva kweminyaka embalwa kanti eza nezindleko ezingaphezu kwalezo zikagesi ophehlwa ngezinye izindlela. 

Loku akusho ukuthi iziteshi zika-Eskom akufanele zibe yingxenye yesisombululo sikagesi. NeNECOM imbala ibheke ukuthi i-Eskom ivuselele lezo zindawo ezingasebenzi futhi yethule i-unit 5 yeKusile. 

Kufanele iphathwe ngobunono ingqalasizinda ye-Eskom yokuphehla ugesi. Kufanele iziteshi eziphehla ugesi ngamalahle zisisebenzele ngayo yonke indlela. Nokho kufanele senze loku sibheka ukuthi kungahamba kugcine kuphi nokuthi kuzosidla kangakanani ephakatheni. Indlela efanele yokukwenza wukubuyekeza i-Integrated Resource Plan (i-IRP).

I-IRP yiwona mqulu osicacisela kahle ukuthi yikuphi okufanele sikwenze ukuze sibe nogesi owenele. Ibhekisisa kahle izinhlobo ezihlukene futhi icaba indlela yokuba nalo gesi kusetshenziswa izindlela ezingambi eqolo. 

Yagcina ukushicilelwa ngo-2019 kanti isiphelelwe yisikhathi. Wumqulu okufanele ubuyekezwe njalo ngonyaka. I-NECOM ihlela ukwenza lokhu nakuba iphuthelwe wukukwenza ngenyanga edlule, isikhathi eyayizinqumele sona.

Kufanele kube nobufakazi obeseka amaqhinga ethu, hhayi nje izinto esizithandela zona ngoba sinezinhloso zethu. Iyona kuphela lena indlela yokuthi zonke izinhlaka ziqhubeke nokubambisana ukufeza umsebenzi.

Ukuzinikela kwabamabhizinisi ekwesekeni iqhinga leNECOM kucacile, lokhu kubonakala nangezinsizakusebenza esesizifakile.

Ukusebenza ngendlela kwe-Eskom kubalulekile. Iziteshi zayo eziningi zineminyaka zinganakekelwa ngendlela efanele. Lezi ezintsha zinezinkinga ngoba azakhiwanga kahle okuyingakho zingakaze zisebenze ngendlela.

Lezi zinto ziphazamisa ukuba khona kukagesi eziteshini ezintsha nakwezindala ze-Eskom. Kufanele sikulungise loku kodwa phakathi kokunye, okufanele kwenziwe, kuzobiza kakhulu kunezinye izindlela. 

I-Business Leadership South Africa (iBLSA) izibophezele ukweseka izisombululo ezisekwa wubufakazi obunqala. 

I-NECOM kade izicubungula lezi zinto kanti yiyona enezisombululo ezingelekelela masinyane. I-IRP yona kufanele icabe indlela yesikudingayo okuzolekelela isikhathi eside. 

Sidinga wonke umuntu ukuthi aseke la maqhinga ukuze kusizakale izwe.

  • UNksz uMavuso yisikhulu esiphezulu seBLSA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page