Kuqokwe usihlalo omusha e-Eskom. USLINDILE KHANYILE uyabika
SEKUQOKWE uMnu uMteto Nyati ukuthi abewusihlalo omusha webhodi ye-Eskom. UNyati, ongomunye wabaphathi bamabhizinisi abahlonishwayo eNingizimu Afrika uzothatha izintambo ngenyanga ezayo njengoba uMnu uMpho Makwana esenqume ukushiya lesi sikhundla.
Lesi simemezelo senziwe uNgqongqoshe womNyango wamaBhizinisi kaHulumeni uMnu uPravin Gordhan izolo. U-Gordhan ubonge uMakwana ngokuzinikela kwakhe ngesikhathi esinzima e-Eskom.
Uthe: “Imizamo yethu yokuletha ukuzinza e-Eskom nokuwuhlukanisa ube yizinkampani ezintathu, eyokuphehla, eyokuhambisa nokusabalalisa ugesi ziqhubeka kahle. Siwuhulumeni sizibophezele ekuqinisekiseni ukuthi i-Eskom inamakhono afanele nabantu abanamava ukweseka imizamo yokuthi abantu baseNingizimu Afrika babe nogesi owanele.”
UMakwana ubonge ithuba abelinikwe wuhulumeni. Ubeqokwe ukuthi abewusihlalo ngonyaka odlule ngesikhathi kubekwa ibhodi entsha, okukhona uNyati kulona.
UNyati, owusihlalo weBSG, ngomunye wabaphathi bezinkampani abahlonishwayo eNingizimu Afrika. Uke waba yisikhulu esiphezulu se-Altron esuka eMTN South Africa, lapho ayephethe isikhundla esifanayo. Wake wahola iMicrosoft South Africa. Wahlala iminyaka ewu-12 e-IBM, lapho aphatha khona izikhundla ezihlukene ezweni naseYurophu.
Exoxa noMbele uNyati wathi enye inkinga yaseNingizimu Afrika wukuphathwa ngabantu abangazi umnotho usebenza kanjani.Khonamanjalo, uGordhan ucashunwe yiBloomberg izolo ethi ngeke uphele unyaka singaqokiwe isikhulu esisha se-Eskom. Lesi isikhala sekuphele izinyanga eziyisikhombisa sivulekile.