SELIGAYA NGOMUNYE UMHLATHI

KUYATHOKOZISA ukubona uhulumeni ungagcini ngokusho ngomlomo kodwa ulandelise ngezenzo njengoba usuqinisa isandla emabhizinisi awo. 

Besekuyiminyaka uhulumeni ucula iculo elithi ngeke usavumela amabhizinisi abesevame ukufuna ukutakulwa ukuthi enze noma yikanjani kodwa bekungashintshi lutho. 

Nokho kwiSabelomali esibheka iminyaka emithathu i-Medium-term Budget Policy Statement (iMTBPS) yango-2023, umNyango wezeziMali umemezele izinto ezimbalwa ezifakazela ukuthi sesiphelile isikhathi sokutotosa lamabhizinisi.  

Ezinye zalezi zinqumo wukuthi imali uhulumeni oyiboleke i-Eskom isizoba nenzalo njengoba ekuqaleni ubungeke uyikhokhe. 

Loku ngenye yemibandela esiqinisiwe ehambisana nokusiza le nkampani ephehla ugesi. 

Lesi Sabelomali sigcizelele ukuthi enye yezinto ezikhinyabeza umnotho wukungasebenzi kahle kwamabhizinisi kahulumeni, ikakhulukazi i-Eskom neTransnet. Sithe anesandla ekwehleni kwemali engeniswe yizimayini, okube nomphumela omubi emalini ezongeniswa wuhulumeni njengoba isizoncipha ngoR56.8 billion ngo-2023/24.    

Nemali kahulumeni eba yisibambiso uma amabhizinisi awo edinga ukuboleka imali isiyehlile njengoba ngoMashi 2023 ifinyelele kuR448bn isuka kuR543bn ngonyaka odlule. 

Bathe imbangela enkulu yaloku wukuthi imali iBhange loMbuso ebelibolekisa ngayo yehlele kuR20bn, isuka kuR100bn. U-84% wesibambiso ulekelela i-Eskom, nokho-ke asikho isibambiso esisha esikhishiwe ngonyaka wezimali omusha.

UNgqongqoshe womNyango wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthe yize kufanele isizwe iTransnet kodwa yinto ezokwenzeka ngokuthi kube nemigomo nemibandela ecacile njengoba benzile nangosizo lwe-Eskom.

Uthe kufanele kwazeke kahle ukuthi usizo luzoba namiphi imiphumela futhi izozuzwa emva kwesikhathi esingakanani.

Iphelile imali yaseNingizimu Afrika ngenxa yamabhizinisi kahulumeni azenzela umathanda, amoshe umsebenzi ngoba egabe ngokuthi uma esexakekile kuzovele kuphume imali yokuwatakula. 

Itshe seligaya ngomunye umhlathi manje futhi uma uhulumeni uqhubeka kanje, kuyizinkomba zokuthi usuzimisele ngempela ngokuwalungisa amabhizinisi awo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page