Uhulumeni ushaya amakhala ngokusebenza kwamabhizinisi awo
WUSLINDILE KHANYILE
AMABHIZINISI kahulumeni ayaqhubeka nokuba ngenye yezinto ezinqinda umnotho waseNingizimu Afrika. Yiningi imali kahulumeni esicwile kuwona futhi ayanda ahlulekayo ukushicilela imibiko yawo yezimali ngesikhathi.
Umbiko owethulwe wumgcinimafa ngesikhathi kwethulwa iSabelomali sango-2024/25 izolo uveze ukuthi isimo salezi zinkampani siba simbi kakhulu ngenxa yomnotho ongakhuli, ukungaphathwa ngendlela efanele nezinye izinto ezithinta ukusebenza kwazo.
Izinkampani zikahulumeni eziningi zithembela ekutakulweni wuhulumeni yize isimo singconywana kulezo ezihlinzeka ngemali yokuthuthukisa amabhizinisi.
“Eziningi zalezi zinkampani zinamandla okuboleka imali kangcono kakhulu kunezinye izinhlaka zikahulumeni. Kepha ukungatshali kwazo imali kuphazamisa ukukwazi kwazo ukungenisa imali ekubeni izindleko zokuphatha lamabhizinisi ziqhubeka nokukhula.
UmNyango wezeziMali uthe: “Amabhizinisi amaningi kahulumeni ahlulekile wukwenza izinto ayezithembisile ukushintsha izinto. Loku kwehlise inzuzo yawo, kwanyusa isidingo sokuthi asizwe wuhulumeni ngemali yesibambiso ukuze akwazi ukuboleka imali futhi elokhu ecela ukutakulwa.”
Umnyango uthe yize isimo sezimali samabhizinisi kahulumeni amaningi sesingcono emva kokukhahlanyezwa yi-COVID-19 kodwa isimo somnotho esimanzonzo nomlando wokungawuphathi kahle umsebenzi wehlise isimo sawo sezimali ngonyaka wezimali u-2022/23.
“Izimpahla zala mabhizinisi zehle ngo-0.6%, zafinyelela ku-R1.28 trillion ngo-2022/23. Inani lezimpahla lehle ngo-2.8% , lafinyelela ku-R407.4 billion ngo-2022/23, ikakhulukazi ngenxa yokwanda kwamabhizinisi kahulumeni angayenzanga inzuzo,” kusho umnyango.
Umbiko uqhube wathi yize imali esetshenziswa yila mabhizinisi ukukhulisa umsebenzi inyuke ngo-7.4% yafinyelela ku-R45.9bn ngo-2022/23, isuka ku-R42.8bn ngo-2021/2022 kodwa isangaphansi kwebilindelekile. Kanti nezindleko zesikweletu nazo ziyaqhubeka nokufaka ingcindezi emalini.
“Enye into eqhubekayo nokunqinda isimo sezimali eNingizimu Afrika wukulekelelwa kwamabhizinisi kahulumeni. I-Eskom iyona etakulwe kakhulu, kusukela ngo-2008/09, i-Eskom isisizwe ngoR241.6bn. Kwesinye isikhathi kubuye kube khona enye imali efakwayo esikhaleni kodwa ingasizi. I-South African Airways yathola u-R48.2bn iminyaka eyisithupha kodwa yagcina idinge ukutakulwa,” kubalula umnyango.
Kusukela ngo-2022 uhulumeni uyazama ukunciphisa imali oyifaka kula mabhizinisi. Imali yesibambiso yehlile isuka ku-R559.9bn yaya ku-R478.5bn phakathi kwangoMashi wango-2022 nowango-2023.
I-Denel, inkampani kahulumeni ekhiqiza izikhali, nayo ihlulekile wukugcina izethembiso. Isisebenzise ingxenye enkulu ka-R3.4bn eyasizwa ngawo ngo-2022.
Isisebenzise u-R2.2bn wale mali kanti uhulumeni usubiyele u-R1.2bn nozowudedela uma sekukhona inqubekelaphambili ekugcineni imibandela eyabekelwa yona.