Umasipala ubambisene neTransnet emsebenzini kaR100 billion

IMEYA kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba ithi zizothela izithelo ezinhle izinhlelo zokusebenzisana kwamasipala neTransnet esiqale umsebenzi wokunweba ichweba kaR100 billion.

UMasipala waseThekwini usize amabhizinisi ukuyokhangisa eGhana 

UKUQINISEKISA ukuthi osomabhizinisi baseThekwini bathola izimakethe zokudayisa imikhiqizo yabo, uMasipala waseThekwini usanda kubahambisa embukisweni wosomabhizinisi iGlobal Entrepreneurship Festival (iGEF) eLa Palm Beach Hotel e-Accra, eGhana. 

Impumelelo yeG20 ikhombisa okungenziwa yiNingizimu Afrika osekuqinisa isisekelo, kuloba uBusi Mavuso 

ININGIZIMU Afrika kufanele iziqhenye ngendlela eyenze ngayo imihlangano yeG20. Imicimbi yangesonto elidlule efaka nengqungquthela yeB20 kwase kulandela iG20 Leaders Forum ikhombise umhlaba ukuthi yini esikwazi ukuyenza uma ezokuthutha zisebenza kahle, ingqalasizinda esezingeni nokubaluleke kakhulu – indlela esengamela ngayo ezepolitiki nayo yonke imicikilisho ehambisana nokusebenzisana namanye amazwe. 

Isivumelwano seG20 sibeke eqhulwini izikweletu zamazwe nokuguquguquka kwesimo sezulu

UKUGUQUGUQUKA kwesimo sezulu nezikweletu ezikhula njalo zamazwe aneminotho emincane kuseqhulwini lwesivumelwano esisayinwe ngamazwe engqungqutheleni yeG20 ebiseNasrec, eGoli, eGauteng ngempelasonto. 

Amatomu asephethwe owesifazane onamava emnyangweni omqoka eThekwini

UMNYANGO ongamele ukuhambisa izidingo kubantu bakuMasipala waseThekwini usuphethwe wumuntu wesifazane njengoba izintambo seziphethwe wuNksz uLindokuhle Mkhize.

Umphakathi kufanele ubambisane nomasipala ukulwa nenkohlakalo: imeya yaseThekwini 

IMEYA kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba ifuna kuqiniswe ezokuphatha, kuphuculwe ubuchwepheshe futhi kufundiswe nomphakathi izindlela zokulwa nenkohlakalo.

Yinkulu inselelo yamazwe asathuthuka ngokuguquguquka kwesimo sezulu, kuloba uJabulani Sikhakhane

AMAZWE ase-Afrika abhekene nenkinga enkulu yokuthi wubani ozokhokhela izindleko zokulungiselela ukubhekana noshintsho kwisimo sezulu. Lolu shintsho luhambisana nokwanda kwezikhukhula kwezinye izindawo, kuthi kwezinye isomiso.

Amehlo omhlaba azobe ethe njo kwiNingizimu Afrika njengoba ukukleliswa kabusha kuqinisekisa izinguquko ezenzekayo, kuloba uBusi Mavuso 

YISONTO elikhulu leli eNingizimu Afrika, njengoba kubuthene abaholi abahlukene bakwamanye amazwe amakhulu emhlabeni emihlanganweni yeG20 futhi osomabhizinisi bazohlangana engqungqutheleni iB20. 

Isonto lokuqaphela amaqola likhumbuza abantu ngamasu okuvika

LELI sonto lisetshenziselwa ukuxwayisa abantu ngokukhwabanisa nezinye izinhlobo zokuqolwa kwabantu emhlabeni jikelele. 

I-Google isizokhokhela izinkampani zaseNingizimu Afrika ngezindaba zazo

KUPHELILE ukuxhashazwa kwezinkampani zaseNingizimu Afrika yizinkampani zobuchwepheshe okubalwa iGoogle, iYouTube nezinye emva kokuthi ikhomishi eyengamele ukuncintisana okuhle iCompetition Commission inqume ukuthi lezi zinkampani kufanele zikhokhe.

UMasipala waseThekwini uheha abatshalimali baseChina 

IMEYA kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba ihlangene nosomabhizinisi baseChina nabaseThekwini ngenhloso yokuqinisa ubudlelwano nabo nokubagqugquzela ukuthi baqhubeke nokutshala imali kuleli dolobha. 

SeziyaShosholoza izinto enkampanini yezitimela kahulumeni – uGodongwana

ZIPHUCUKILE izinto enkampanini yezitimela kahulumeni iPassenger Rail Agency South Africa (iPrasa), njengoba izitimela sezihambe izikhawu eziwu-1116 million kulo nyaka wezimali uma kuqhathaniswa nokuhamba kawu-11.8m ezawuhamba ngonyaka wezimali wango-2022/23. 

I-Discovery Bank ihlawuliswe uR3 million ngokungasukumeli okusolisayo kuma-akhawunti ayo

UPHIKO oluqapha ukusebenza kwamabhange ngaphansi kweBhange lomBuso iPrudential Authority (iPA) luhlawulise iDiscovery Bank uR3 million ngokungalandeli imithetho ye-Financial Intelligence Centre Act isigaba 38 sango-2001 (se-FIC Act).

ISabelomali kufanele siqinisekise inqubekelaphambili kodwa kusaxega kwingqalasizinda, kuloba uBusi Mavuso

ISABELOMALI esithulwa phakathi nonyaka wezimali i-Medium-term Budget Policy Statement (i-MTBPS), esizothulwa namhlanje, ingelinye ithuba lokuthi uhulumeni utshengise ukuthi ungakanani umsebenzi osuwenziwe ukuphucula indlela okuphathwa ngayo imali ezweni.

Ishoda ngoR2.3 billion iRoad Accident Fund 

IYAQHUBEKA nokulahleka imali esikhwameni esinxephezela abantu balimele ezingozini zomgwaqo iRoad Accident Fund (iRAF) njengoba umbiko womcwaningimabhuku-jikelele uveze ukuthi sishoda ngoR2.3 billion, okusho ukuthi imali ekhona nezimpahla zaso ayilingani nemali edingeka ukwenza umsebenzi.

Izivakashi sezizokhokha ngemali yasemazweni azo ngesisombululo seStandard Bank

ASISEKHO isidingo sokuthi izivakashi eziza eNingizimu Afrika zishintshe imali njengoba amabhizinisi awu-16 000 asebenzisana neStandard Bank esezokwazi ukumukela imali yamazwe ahlukene. 

Uzoqhubeka nokubopha izifociya uhulumeni kwethulwa iSabelomali – ingqapheli

NJENGOBA kusasa ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana ethula iSabelomali saphakathi nonyaka i-Medium-term Budget Policy Statement,  kulindeleke ukuthi aqinisekise ukuthi uhulumeni uyaqhubeka nokonga imali yize kusenenkinga yesikweletu sezwe esikhulu. 

Akuqine isandla ukuvala abangagunyaziwe ukululeka ngemali – abeluleki

USOSESHINI wabaluleka ngezikweletu eNingizimu Afrika iNatioal Debt Counselling Association (iNDCA) ufuna kuchitshiyelwe umthetho wezikweletu i-National Credit Act, ukuze kungabikhona abeluleki abangagunyaziwe kule mboni.

I-ArcelorMittal South Africa ayineme ngomthetho wokudayisa izinsimbi ezindala 

I-ARCELORMITTAL South Africa ifuna zibuyekezwe ngokushesha izinguquko ezenziwe emthethweni wokudayisa izinsimbi ezindala ezimenyezelwe yi-International Trade and Administration Commission of South Africa (i-Itac) kule nyanga. 

Lululiwe uhlelo lokwehlisa izikweletu zezakhamuzi zikaMasipala waseThekwini

UKULEKELELA amakhasimende kaMasipala waseThekwini adonsa kanzima ngokwezimali, isigungu esilawula ukusebenza kwalo masipala sigunyaze ukulula uhlelo lokunciphisa izikweletu zezakhamuzi namabhizinisi emhlanganweni wangomhlaka-28 wango-Okthoba.

Izinto esizizuze nge-Operation Vulindlela ezangempela kodwa kuyatotoba ngezinye, kuloba uBusi Mavuso 

UKUTHULWA kombiko wekota yesibili nge-Operation Vulindlela ngesonto elidlule kuyisikhumbuzo somsebenzi obalulekile ewenzayo kodwa futhi nokuthi usengakanani umsebenzi okufanele wenziwe.

Kuqashwe abantu abasha abawu-8 180 embonini yezingcingo 

KULOKOZA inhlansi yethemba ngokudaleka kwemisebenzi eNingizimu Afrika emva kokuthi iBusiness Process Enabling South Africa (iBPESA) iveze ukuthi kudaleke amathuba emisebenzi ewu-8 180 embonini ye-global business services (iGBS). 

Abantu sebezoyikhipha eduze imali yaseStandard Bank 

UKUQINISEKISA ukuthi abantu basemakhaya abangeni ezindlekweni uma bethunyelelwe imali, iStandard Bank isiyenze ukuthi imali ethunyelwa ngohlelo lwayo lwe-instant money ikhipheke nakumaspaza. 

Ukuphuma kwi-grey list yisiqalo – umGcinimafa

UKUPHUMA kweNingizimu Afrika ohlwini iFinancial Action Task Force (iFATF) efaka amazwe athathwa njengangenamithetho eqinile yokulwa nokushushumbisa imali nokuxhasa izinhlangano zabashokobezi i-grey list yisiqalo somsebenzi wokuqinisa izinhlaka zomthetho eNingizimu Afrika.

Ukuphuma kwi-grey list kunezifundo esingazisebenzisa kwezinye izinguquko, kuloba uBusi Mavuso 

KUFANELE sijatshulelwe isimemezelo sangesonto elidlule sokuthi iNingizimu Afrika isiphumile ohlwini okufakwa kulona amazwe athathwa ngokuthi awanayo imithetho eqinile yokulwa nokushushumbisa imali i-grey list yeFinancial Action Task Force (iFATF). 

Ukhuthazwe wububha onenkampani ecwaninga amabhuku yabamnyama

NGESIKHATHI elwela ukushintsha izifundo ayezenza eseku-Grade 11 ngoba esefuna ukufunda iziBalo wayephokophele ukushintsha impilo yakhe neyezingane zakubo engazi ukuthi uzogcina eshintsha nenqwaba yeminye imindeni.  

Umnotho wezwe awukhuliswa wukukhangeza – Motsepe 

USIHLALO we-African Rainbow Minerals uMnu uPatrice Motsepe uthe iNingizimu Afrika idinga imigomo ebheka ukukhula komnotho nenhlalakahle yabantu futhi ineqhaza emnothweni kodwa loku yinto okufanele uhulumeni uyenze ngokubambisana namabhizinisi. 

Ususondele umnqamulajuqu wokukhokha intela 

ABAKHOKHINTELA ababanjelwa intela emiholweni bayakhunjuzwa ukuthi umnqamulajuqu wokubika kumqoqiwentela eNingizimu Afrika iSouth African Revenue Service (iSars) imininingwane yemali abayiholile ngonyaka wezimali u-2024/25 wuMsombuluko ozayo. 

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page