Umlimi osekhulile ukhuthaza intsha ukuthi ibuyele emhlabathini 

WUTHOBILE ZWANE

ABAQALE ukulima ngoba benqena ukujika nelanga sebenebhizinisi lomfelandawonye elidayisela izitolo ezinkulu amaveji.

UNkk uThembisile Gumede, oneminyaka ewu-59, wasungula i-Ebuhlahlweni Cooperative nomakhelwane bakhe basoHlalwini, eJozini, enyakatho yaKwaZulu-Natali elima amaveji ahlukene okubalwa kuwona umbila, ubhontshisi, u-green pepper neklabishi. Manje sebehlinzeka izitolo zendawo ngisho neziyizikhondlakhondla njengeBoxer. 

Uthi baqala kudala ukulima, akasakhumbuli nonyaka, ngoba bengabantu besifazane abahleli ekhaya bavumelana ngokuthi abalime ukuxosha indlala ukuze bondle imindeni yabo. Ibhizinisi lomfelandawonye balisungula emva kokufika komeluleki endaweni owabacebisa kanjalo. 

“Umeluleki wezolimo owayethunywe wumNyango wezoLimo endaweni wasitshela ukuthi kufanele sihlangane sibhalise inkampani. Loku wathi kuzosisiza ukuthi sithole izinsizakusebenza nokuthi sikwazi ukudayisa umkhiqizo wethu ezitolo ezinkulu (futhi) singalimi nje ukudla okulingene thina nemindeni kodwa silimele ukwenza imali,” kusho yena.

Amaveji aseBuhlahlweni Cooperative


Uthe sebeqashe izisebenzi ezinhlanu ezisebenza ngokugcwele, okubalwa kuzo nezingane zabo ezisizayo.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/09/21/ukukhulela-epulazini-kutshale-uthando-lwezolimo-kosewumlimi-epulazini-likayise-uxoxe-nosimangaliso-ntshangase/

Eluleka intsha ukugwema ukubhuquza ekhaya nokuswela umsebenzi, uthe: “Uma unezandla namehlo, akukho ongeke ukwenze. Imisebenzi ayikho imisebenzi kodwa imali itholakala emhlabathini. Uma ubona ezami izingane zisemanyuvesi nje ngokulima ezinye zingamanesi, enye izoqeda iziqu zobudokotela kulo nyaka. Asilambi ngenxa yokulima,” kusho yena.

I-Ebuhlalwenii Cooperative ikhipha Iklabishi elikhephulezayo

Uthe intsha eningi endaweni yangakubo isisebenzisana nabo ngoba iyabona ukuthi kuyaphileka ngokulima. 

Phakathi kwezinselelo ababhekana nazo ubale amanzi adinga ukudonswa ngaphansi komhlaba. “Siye sidinge amaphampu okudonsa amanzi okuchelela ngaphansi komhlaba ngoba amanzi awekho kahle endaweni yangakithi,” kusho yena. 

Uthe bafisa ukuthola imoto noma ugandaganda. “Uma ufuna ugandaganda uyalinda ngoba kuze kuphele inyanga ngoba usuke usalinde abanye abazolinyelwayo. Siyasokola kakhulu ngoba kuze kuphele isikhathi sokulima esifanele sisalindile. Ucela abantu bezimoto bangakunaki, ngakho kuzosiza ukuthi sibeneyethu,” kusho uNkk uGumede.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page