Kungabukeka sengathi ziyatotoba izinguquko ezenzeka ezinkampanini ezinjenge-Eskom kodwa umvuzo wazo muhle, kusho umbhali wengosi

Izinguquko ezinqala ziyisisekelo esihle kodwa kusashoda abatshalimali, kuloba uBusi Mavuso 

ENYE yezinselelo ngezinguquko ezinqala ebesizisebenza nohulumeni yisineke esidingekalayo ukuze izinto zithele izithelo. Izinguquko zithatha isikhathi ukuthela izithelo emnothweni kanti isikhathi esikhona kusukela izinto zenziwe nokuthi kubonakale umphumela singaqeda isineke ngisho abantu bezimisele kangakanani.  

Isibonelo nje, impumelelo ngezinguquko ezenzeke embonini kagesi zizokhulisa umnotho uma amafemu esenethemba futhi lokutshala imali ekukhuliseni umsebenzi. Ugesi othembekile ususa ingqinamba kodwa kuthatha isikhathi ukuthi amabhizinisi ahlole kahle osekwenzekile, athole imali bese ezibophezela ekuyitshaleni isikhathi eside.

Kunjalo nakwezokuthutha, izithelo zizoqale zibonakale uma izinkampani sezikwazi ukuthutha izimpahla kahle zifinyelele kumakhasimende azo emhlabeni, zakhe ingqalasizinda entsha noma zikhulise umsebenzi. 

Umvuzo wamanje ngokunciphisa isiminyaminya emachwebeni noma ukubakhona kwamaguzu yinto ephathekayo kodwa ushintsho lwangempela lwenzeka uma abakhiqizi sebengakwazi ukuthembisa amakhasimende awo kwamanye amazwe ukuthi izimpahla zawo zizofika ngasikhathi sini, uma izimayini sezikwazi ukusayina izivumelwano zesikhathi eside nezinkampani zezolimo sezikwazi ukuthumela izimpahla ezibolayo ngaphandle kokukhokhiswa izindleko zokubambezeleka. 

Loku akusho ukuthi asikuboni ukubaluleka komvuzo wokuphela kokucinywa kukagesi nokuthi kusho ukuthini ukuphucuka kwezinto emachwebeni nasezitimeleni kodwa lezi zinto ziwukhulisa kahle umnotho uma ithemba yamabhizinisi selivuseleleke ngendlela yokuthi aphinde batshale imali yabo. 

Kungithintile okushiwo yiMoody’s ngesonto elidlule ethe ilindele ukuthi umnotho ukhule ngo-1.6% ngonyaka ozayo, emva kokukhula ngo-1% kulo nyaka ekubeni isho ukuthi ukutshala imali yiyonanto eseyinselelo ekukhuliseni umnotho kakhulu. 

Ngalo futhi isonto elidlule, embikweni ngokulindeleke emnothweni emhlabeni i-World Economic Outlook, i-International Monetary Fund ibuyekeze indlela elindele ukuthi ukuthi umnotho ukhule ngayo kulo nyaka njengoba ithe usuzokhula ngo-1.1%, esikhundleni sango-1% kanti ngonyaka ozayo ithe uzokhula ngo-1.2%. Akufani kona kodwa kutshengisa ukuthi usemkhulu kangakanani umsebenzi osihlalele ukuze sifinyelele ezingeni esilidingayo.  

Yini ezosiza ukukhulisa umnotho kakhulu? Kudala sasho ukuthi akufanele sigculiswe wumnotho okhula ngaphansi kwango-3% nokuyikona okungenani okudingekayo ukuze kuqale kunciphe ukuntuleka kwemisebenzi. 

Ukuze sifinyelele lapho, njengoba icacisile neMoody’s, kufanele kutshalwe imali, lena ezokwandisa izimpahla nemisebenzi esikukhiqizayo njengezwe. Ukuze loko kwenzeke, kufanele izinkampani ezweni lonke zingakusabi ukutshala imali emafemini, ukukhulisa izimayini nokuqasha amathimba amasha. Sisekude kakhulu naloko. Izibalo zokugcina ngomthamo womnotho zatshengisa ukuthi ukutshala imali ezweni kwehlele emazingeni agcina ukubonakala ngo-2020. 

Kukhona abaye bathande ukukhuluma “ngesiteleka sokutshala imali” sengathi imboni ezimele izama ukujezisa uhulumeni ndlela thize ngokungayitshali imalil. 

Akulona iqiniso lelo, wonke usomabhizinisi ufuna ukwenza inzuzo futhi bazoyitshala imali uma bebona ukuthi amathuba akhona ayayidlula ingozi. Into eyenzekayo wukugqoza kwamathuba ngenxa yokonakala kwezinto ngesikhathi sombuso odlule okwacekela phansi izikhungo zikahulumeni nendawo amabhizinisi asebenza kuyona. 

I-Investec isanda kusho ukuthi ukube iNingizimu Afrika yakhula ngezinga okwakukhula ngayo amanye amazwe asathuthuka emva kwango-2009, ngabe namhlanje umnotho mkhulu ngo-37% koyikho. Cabanga ukuthi ngabe loko kudale amathuba emisebenzi angakanani futhi kwangenisa malini kuhulumeni? Le minyaka eyishumi esilahlekele, ukutotoba nobunzima bokulungisa lo monakalo kusilimazile ngempela. Sisabhekene nemiphumela yokugwamanda amandla umbuso okucekele phansi izikhungo zethu futhi kwaqeda ithemba kubatshalimali. 

Nokho, ikhona inhlasi yethemba. Imali etshalwa embonini kagesi yinkulu. Kule minyaka emine edlule, kuneziteshi zokuphehla ugesi osondele ku-16GW ezibhalisiwe kwiNational Energy Regulator of South Africa. Loku kusho ukuthi imali etshaliwe ingaphezu okungenani kwangoR400 billion. Kukhona nezinye izigidigidi ezengezwayo njalo ngekota njengoba wandiswa ugesi. Ngesonto elidlule ikhabhinethi igcine iwuphasisile umhlahlandlela omusha wendlela ugesi okufanele uxutshwe ngayo i-Integrated Resource Plan kuze kube wu-2050. 

Leli cebo lizokwandisa umthamo kagesi futhi lingenise izizumbulu zezigidi eziqhamuka kubatshalimali. Akwenzelwa nje loku ukuthi kuhlale kunogesi kodwa kwakhiwa isisekelo sokukhulisa izimboni nokuheha lezo zimboni ezisebenzisa kakhulu ugesi iNingizimu Afrika ebeziyishalazela.

Ngale kukagesi, nasembonini yezokuthutha, sekusele kancane kuqale kungene imali enkulu yabatshalimali. UmNyango wezokuThutha uzoqasha izinkampani eziwu-11 zezitimela ezizimele ukuze zisebenze emizileni ewu-41 yeTransnet. Imali ezongeniswa yilesi sivumelwano ayikaziwa ngoba kuncike ekutheni zizonikwa umsebenzi ongakanani nokuthi ingakanani ingqalasizinda yezitimela entsha ezokwakhiwa kodwa amaguzu amasha wodwa azodinga izigidi ngezidingi zemali. Uma sekuvulwa namachweba kuzongena futhi imali ethe xaxa. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/09/11/akuguqulwe-itransnet-ukuphucula-umnotho-wezwe-kuloba-ubusi-mavuso/ 

Ngesonto elidlule, iTransnet iwine icala eNkantolo ePhakeme eThekwini lapho bekukhona abebephikisana nokuthi ivumele ukuthi kube khona ingxenye yeDurban Container Terminal elawulwa yimboni ezimele nokuvumela ukuthi lo msebenzi uqhubeke futhi okuzongenisa izigidi nazo ezizofakwa abatshalimali. Lokhu kuzokwenzeka futhi nasechwebeni laseRichards Bay nakhona okulindeleke ukuthi kuhehe abatshalimali. Akuyona imisebenzi emincane lena, itshengisa ushintsho olukhulu endleleni ingqalasizinda emqoka elawulwa futhi ikhokhelwe ngayo ezweni. 

Nenye ingqalasizinda efana nalena okuhlinzekwa ngayo amanzi nanezinye izidingo komasipala isiyaqala iheha abatshalimali njengoba ziphothulwa izinguquko emthethweni futhi kwandiswa nomsebenzi. Ukubakhona kwamanzi ngendlela efanele kubaluleke njengokukagesi kanti nakhona iqhaza lemboni ezimele ekuvaleni izikhala libalulekile. 

Into enhle kakhulu ngalezi zinto yingesikhathi ukusebenza kahle kwengqalasizinda, ugesi, amanzi nezinye izinto sekuloku kugqugquzela izinkampani ukuthi ziqhubeke nokutshala imali – yilowo ngempela-ke umvuzo. Yilapho-ke umnotho ukhula khona, into esagcina ukuyibona ngo-2008. Yiloko okuzokwenza sinqobe ukuntuleka kwemisebenzi futhi abantu baphile impilo abayiphokophele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page