Izivakashi sezizokhokha ngemali yasemazweni azo ngesisombululo seStandard Bank
YINTATHELI YOMBELE
ASISEKHO isidingo sokuthi izivakashi eziza eNingizimu Afrika zishintshe imali njengoba amabhizinisi awu-16 000 asebenzisana neStandard Bank esezokwazi ukumukela imali yamazwe ahlukene.
Lezi zindaba zisanda kwethulwa yinhloko ye-Merchant Solutions eStandard Bank uMnu uNorman Nyawo, othe bazosebenzisana nenkampani yobuchwepheshe bezimali evelele emhlabeni iFexco.
Loku kusho ukuthi iStandard Bank izoqinisekisa ukuthi imishini yokukhokha iyakwazi ukukhombisa izivakashi amanani ezinto ezihlukene ezidayisayo futhi izivumele ukuthi zikhokhe ngamakhadi azo noma ngemali yasemazweni azo.
“Imboni yokuvakasha ingenisa imali emnothweni wezwe, ngakho kubalulekile ukuthi izivakashi zingcebeleke ngaphandle kwezihibe. Sifuna kubelula ukukhokha futhi sizobe sisebenzisa ubuchwepheshe. Imishini yethu yeDynamic Currency Conversion (iDCC) izotholakala emabhizinisi awu-16 000 ezweni ukuze izivakashi zizokhokha kalula,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/11/04/abantu-sebezoyikhipha-eduze-imali-yasestandard-bank/
Uthe lobu buchwepheshe buzoqinisekisa ukuthi imboni yokuvakasha idala amathuba omsebenzi engeziwe kwawu-1.68 million akhona ezweni lonke.
Uthe izivakashi ziyajabula uma kuncipha imicikilisho yokushintsha imali futhi kubalula ukuthenga uma zazi ukuthi imali yasemazweni azo iyasebenza lapho zivakashele khona.
Lesi sinyathelo uthi sihambisa nezinhlelo zeStandard Bank zokukhulisa umnotho nokuqinisekisa ukuthi bonke abantu bakuleli abasali ngaphandle emnothweni.
Isikhulu esiphezulu seFexco uMnu uSean Crowe sithe imishini yeDCC izotholakala emahhotela, ezitolo zokudlela, ezidayisa izinto ezihlukene nakwezinye izindawo eziheha izivakashi.
“Ukuthula imishini yeDCC kubalulekile eNingizimu Afrika futhi ukusebenzisana kwethu neStandard Bank kuzoletha izisombululo ezintsha ezibeka amakhasimende phambili. Siyaziqhenya ngokusiza amabhizinisi ukuze andise imali engenayo uma kuze izivakashi,” kusho yena.
Uthe ubuchwepheshe beFexco buthembekile ngoba namabhange ayabuthemba eSub-Saharan Africa. Ukusebenza kwalobu buchwepheshe emabhizinisi asebenzisana neStandard Bank kusho ukuthi iFexco isizoseka u-75% wemakethe yaseNingizimu Afrika ngobuchwepheshe bayo.
Khonamanjalo, iStandard Bank izokwandisa amagatsha okufaka izicelo zomasizi njengoba izokwengeza awu-20 ngonyaka ozayo.
Azotholakala emadolobheni nasezindaweni zasemakhaya ngenxa yokuthi umNyango wezaseKhaya ufuna ukuqeda omazisi abaluhlaza.

