Amabhikawozi asemalokishini asengcupheni yokuwa njengoba kukhuphuka amanani kakolweni
WULAZOLA ZUMA
AMABHIKAWOZI asemalokishini aseNingizimu Afrika athwele kanzima ngenxa yokunyuka kwamanani okuthenga ukolweni noflawa, okubeka engcupheni imisebenzi, amabhizinisi amancane nokutholakala kokudla emiphakathini ehola imali encane.
Amanani kakolweni akwamanye amazwe anyuke ngamandla ezinyangeni ezimbili ezidlule, okubhebhezelwa wukuphazamiseka kwemizila yemikhumbi oLwandle oluBomvu nezimo zezulu ezimbi ezicekele phansi isivuno emazweni akhiqiza ukolweni anjengeRussia ne-Ukraine.
Ngokwezibalo zeSouth African Grain Information Service, amanani kakolweni aseNingizimu Afrika akhuphuke ngo-18% kusukela ngoJulayi, okuphoqe izigayo ukuthi zinyuse amanani kaflawa, okuklinye amabhikawozi asemalokishini. Isinkwa, ukudla okudliwa kakhulu emakhaya aseNingizimu Afrika, sekuyabiza ukusibhaka kodwa abanikazi bamabhikawozi bathi ngeke bavele bathwalise amakhasimende izindleko, njengoba iningi lawo livele liklinyekile.
UNks uLindiwe Mahlangu, umnikazi weSweet Crust Bakery yaseTembisa, eGauteng, uthi kunzima. UNks uMahlangu wasungula ibhikawozi eminyakeni emihlanu edlule kanti udayisela amaspaza angomakhelwane isinkwa namagwinya. Usenciphise umkhiqizo ngo-30%, wadiliza izisebenzi ezimbili.
“Uflawa usuyabiza manje kanti wonke umthamo engiwubhakayo unciphisa inzuzo engiyenzayo,” kusho yena. “Uma ngikhuphula amanani, amakhasimende ami azovele athenge ezitolo ezinkulu kodwa uma ngingakwenzi kuyoshaya uKhisimusi sengiwile. Kubuhlungu ngoba leli bhikawozi aligcini nje ngokubayisifiso sami kodwa futhi londla umndeni wami, lidale imisebenzi yabanye.”
Umphumela waloku awupheleli kumabhikawozi kepha uthinta nomnotho wasemalokishini. Abanikazi bamaspaza nabadayisi basemgwaqweni bathembele kakhulu kubabhaki bendawo ngenxa yamanani aphansi nesinkwa esisha. Uma kwehla umkhiqizo, namabhizinisi abo ayashayeka. Loku kudala ukhathazeka ngokutholakala kokudla, ikakhulu ezindaweni lapho kudliwa isinkwa kakhulu khona nemisebenzi ingekho.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/04/10/kwethulwe-isikhwama-sikar500-million-sokuseka-amaspaza/
INingizimu Afrika ikhiqiza cishe u-50% kakolweni odliwa ezweni kuthi omunye iwuthenge eRussia, ePoland naseJalimane. UmNyango wezoLimo utshele iVutivi Business News ukuthi ukuphazamiseka kwezimakethe zaphesheya kunomphumela omubi ngqo emananini asezweni.
Nakuba bekhona abalimi bakakolweni abancane ezifundazweni ezinjengeFree State neNtshonalanga Kapa kepha banenselelo yezinga lomkhiqizo elidingwa yizigayo namabhikawozi okukhulu. Izindleko zomsebenzi, ukushoda kwezindlela zokuchelela nokungabibikho kwamathuluzi esimanje kubanqinda ukuthi bandise umkhiqizo wabo ukuhlangabeza isidingo.
UMnu uKagiso Maseko, umlimi omncane waseBethlehem, eFree State, uyazibalisela ngalobu bunzima. “Sitshala ukolweni omuhle kodwa ukuwudayisa kunzima. Abathengi abakhulu bafuna amazinga athile nokuthi uhlale utholakala, into abalimi abancane njengathi abangakwazi ukubanayo ngaphandle kokusekwa. Ukubekunemifelandawonye ehlelekile nezinhlelo ezisekwa wuhulumeni, ngabe sikwazi ukuphakela amabhikawozi akithi kunokuthembela ekuthengeni phesheya.”
Ongoti balo mkhakha bakholwa wukuthi ukuthenga ndawonye kwemifelandawonye kungalekelela amabhikawozi amancane ukuthi athole ukolweni ngamanani aphansi, kuthi ukuxhaswa wuhulumeni kumise amanani esinkwa angaklinyi amakhasimende. Nokho lolu sizo alukho.
UNks uMahlangu ukhathazeke ngokuthi uma kungasukunywa amabhikawozi amaningi azovala unomphelo ngaphambi kwamaholidi kaKhisimusi.
“Abantu bacabanga ukuthi isinkwa siyohlale sikhona kodwa ababoni ukuthi kuseduze kanjani ukuthi sivale. Uma kushabalala amabhikawozi amancane, akusho ukuphela kwesinkwa kodwa kusho ukuphela kwemisebenzi, isithunzi nokwenza ukuthi ukudla okungabizi kutholakale kubantu bakithi.”
• Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za
