Isikhulu esiphezulu seDurban Chamber of Commerce and Industry uNkk uPalesa Phili sithi bakhathazekile ngokwanda kwezimpahla zomkokotela ezingena eNingizimu Afrika. Isithombe: Sithunyelwe

Izimpahla zomkokotelo zizowisa umnotho – iDurban Chamber 

YINTATHELI YOMBELE 

INHLANGANO yosomabhizinisi yaseThekwini iKwaZulu-Natali,  iDurban Chamber of Commerce and Industry ikhathazekile ngokwanda kwezimpahla zomkokotelo ezingena eNingizimu Afrika. 

Isikhulu esiphezulu seDurban Chamber uNkk uPalesa Phili sithi ukungena kwezimpahla zomkokotelo kubeka engcupheni umnotho nezimboni ezinezinkinga nomnotho waseNingizimu Afrika. 

“Ukungena kwezimpahla zomkokotelo kubeka engcupheni umnotho, ikakhulu izimboni ezithwele kanzima. Kubeka engcupheni nokuphepha kwabantu nokuvikeleka kwezimpahla ezikhiqizwa kuleli zwe. Siyinhlangano emele osomabhizinisi sesibonile ukuthi izimboni ezithile zithwele kanzima futhi azisakwazi ukuncintisana kahle ngenxa yokugcwala kwezimpahla zomkokotelo,” kusho yena esitatimendeni kuleli sonto. 

Uthe imboni yokuqala ethwele kanzima ngeyephepha nezingodo eKZN ngenxa yokuthi sekunephepha elilandwa e-Asia elishibhe kakhulu futhi loku kuzoqeda imisebenzi, kuphazamise nezinhlelo zikahulumeni zokuqinisekisa ukuthi izimboni zokukhiqiza ziyakhula esifundazweni nasezweni lonkana.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/02/04/ngemboni-katshwala-nogwayi-engekho-emthethweni-nokudlangile-ngenxa-yecovid-19-izwe-lilahlekelwa-wur14-5-billion-ngonyaka-uma-kunganqandwa-ziningi-izinkampani-ezisemthethweni-ezizowa-uslindile-kha/

Eyesibili yinkampani ekhiqiza izinto zikagesi welanga. Yize iyodwa eyenza lo msebenzi eNingizimu Afrika kodwa u-96% wemikhiqizo yezinto zikagesi welanga usalandwa kwamanye amazwe. 

UNkk uPhili ukhale ngokuthi kubi loku ngoba le nkampani ayinayo imali futhi isimo sayo sibi kanti akwaziwa nokuthi izoqhubeka nokusebenza isikhathi esingakanani. 

Imboni yesithathu ethwaliswe kanzima yizimpahla zomkokotelo zakwamanye amazwe eyezimoto, lapho sekwande izimoto ezingakhiqizwa eNingizimu Afrika okwenza ukuthi kungadaleki amathuba omsebenzi amasha futhi kuthengwe izimoto ezishibhile ezakhiwa kwamanye amazwe. 

Loku uthi kunciphisa imisebenzi nemali engeniswa yimboni yezimoto ekhiqiza izimoto zayo kuleli zwe. 

Imboni yendwangu nezingubo zokugqoka iphefumula ngenxeba ngenxa yendwangu eshibhile evela e-Asia. UNkk uPhili uthe isimo sibi kule mboni ngoba izitolo ezinkulu nosomabhizinisi abancane basengcupheni ngenxa yale ndwangu nezimpahla ezishibhile. 

Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-Agasti kutholwe izimpahla zomkokotelo ezibiza uR2.6 million eChina Mall eSpringfield, eThekwini. Lezi zimpahla obekukhona kuzo ezokugqoka, amathoyizi nokunye, amaphoyisa athe zizoshiswa ukuze zingangeni emnothweni waleli zwe.

UNkk uPhili uxwayise abantu ukuthi basengcupheni yokugula nabo ngenxa yokungena kokudla neziphuzo zomkokotelo eThekwini. Lezi ziphuzo nokudla uthe kuyingozi ngoba azihloliwe njengoba kwenziwa eziphuzweni ezikhiqizwa yizinkampani zabantu bakuleli zwe.  

“Le nto icindezela osomabhizinisi abancane, yenza amakhasimende abemanqika ukuthenga kosomabhizinis bakuleli zwe ngenxa yokuthi izimpahla zabo zidayisa ngenani elifanele kodwa ezomkokotelo zishibhile. Sixwayisa abantu ngengozi yokuthenga izimpahla zomkokotelo ngoba ziyingozi nasempilweni yabo,” kusho yena. 

Uthe ukungena kwezimpahla zomkokotelo akuyona inkinga kosomabhizinisi kuphela kodwa kuyinkinga nakubantu baseNingizimu Afrika abangase baphelelwe yimisebenzi uma izimboni zivala futhi kunciphisa nentela engena esikhwameni sikahulumeni. Le ntela yiyona uhulumeni enza izidingo zezwe ngayo. 

UNkk uPhili unxuse amaphoyisa nezinye izinhlaka okufanele ziqinisekise ukuthi izimpahla zomkokotelo azingeni eThekwini naseNingizimu Afrika ukuthi zenze umsebenzi wazo. 

Uphethe ngokuthi bayahambisana nokuhwebelana namanye amazwe kodwa loku akusho ukuthi akubulawe umnotho waseThekwini, ngakho bazoqinisa ubudlelwano babo nohulumeni nabalingani bakwamanye amazwe ukulwa nesihlava sezimpahla zomkokotelo. Ugcizelele ukuthi ukuvikela osomabhizinisi bakuleli zwe kuhlale kuseqhulwini lezinhlelo zabo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page