UyiSipho sabesifazane abahlushwa yisibeletho 

WUTHOBILE ZWANE 

UTHANDO lokusiza amakhosazane nezindlela zezalukazi zokwelapha izinkinga zesinye kwenza intokazi yaseSikhaleni, KwaZulu-Natali yenza imikhiqizo engenamakhemikhali. 

Ekuqaleni kwalo nyaka uNksz uSiphosethu Mzulwini, oneminyaka ewu-23, usungule iMakhosazane, eyenza imithi, itiye nokunye okusiza ukwehlisa izinhlungu esinyeni kubantu besifazane, ababiza ngamakhosazane. 

UNksz uMzulwini akakufundelanga ukulapha ngamakhambi kwazise uneziqu i-Bachelor of Arts in Live Performance zase-Afda. 

Igama elithi Makhosazane yigama lakhe lokulapha kodwa uma eselisondeza emsebenzini awenzayo uthi lichaza bonke abantu besifazane.

Uthi wayehlushwa yisilumo nokwathi uma efuna imithi ezitolo wathola ukuthi awukho omsizayo. 

“Ngiwumuntu okholelwa ukugwema ukusebenzisa imithi enamakhemikhali. Loko kwenza ngifake umfutho ekutholeni ukuthi izalukazi zazizilapha kanjani izinkinga ezazibhekana nazo njengenkinga yesilumo, okuyiyona engiqale ukuzilapha yona. Emva kokuthi sengizilaphile, ngazizwa ngigqugquzeleka, ngabona ukuthi baningi abanenkinga efana nayami ngakho, kungani ngingabafundisi, ngibalekelele, ngibasize ngesipho sami,” kusho yena.

Amajusi eMakhasazane awuR150, kuthi imikhiqizo yokugquma isibeletho iqale kuR150. Maduze izokwethula itiye nensipho, okuzobiza uR150. 

Amakhambi eMakhosazane

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/11/22/usedlondlobele-owemikhiqizo-yesikhumba-nokwelapha-engaxutshwe-namakhemikhali-uxoxe-noslindile-khanyile/ 

Uthe imikhiqizo yakhe igxile kubantu besifazane abaneminyaka ewu-18 kuya kubantu abangasayi esikhathini ngenxa yokuthi abesifazane abakuyo bavamise ukuhlushwa yisilumo nezinye izifo ezidala ubuhlungu esinyeni uma sebekule minyaka. 

Itiye elilaphayo leMakhasazane

Ibhizinisi lakhe uthe lihlukile ngoba lifundisa abesifazane ukuqonda isibeletho sabo, aligcini nje ngokubadayisela amakhambi abazowaphuza. 

Ufisa abesifazane bakwazi ukuzilapha ngendlela yasendulo futhi badlulisele lolo lwazi ezizukulwaneni ezizayo. 

“Silwela ukuthi abantu besifazane bafunde ngesibeletho ngoba abantu besifazane abaningi abaxhumene nezibeletho zabo, bazi ukuthi ngizoteta manje, ngiya esikhathin,i kuphelela lapho. Abazi ukuthi isibeletho (sinezinto) esingazifundi ezikoleni,” kusho uNksz uMzulwini.

Izinselelo ahlangabezana nazo ebhizinisini wukuhlela isikhathi sebhizinisi nesokusebenza njengomelaphi wezomoya. 

Uthi Into emthokozisa kakhulu ngokubanebhizinisi wukuthi akasebenzeli muntu, uphendula kuNkulunkulu namadlozi akhe kuphela.

Okwamanje uthe unesisebenzi esisodwa kodwa esingakaqashwa ngokugcwele.

Iseluleko sikaNksz uMzulwini kwabafisa ukungena ebhizinisini sithi: “Qala, ungaloku ucabanga kakhulu, ungaloku uhlela kakhulu noma uthi uzokwenza. Ungenza ngokuncane onako. Nami ngiqale ngokuncane, ngilungise okunye ngendlela.”

Ufisa ukubanesitolo esiseThekwini, lapho ezokwazi ukuchazela abamnyama njengaye abaqonda umsebenzi awenzayo, abazokwazi nokuwuseka, bakwazi ukuthola imikhiqizo yakhe yamakhambi kalula.

Facebook: Siphosethu Mzulwini 

TikTok: Siphosethu Mzulwini 

Instagram: Siphosethu Mzulwini

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page