I-Sars iqinisa ubudlelwano nezimboni ezinkulu
YINTATHELI YOMBELE
UMQOQINTELA iSouth African Revenue Service (iSars) uthule ngokusemthethweni isigcawu esizoqinisa ubudlelwano nosomabhizinisi bezimboni ezinkulu ezikhokha intela eningi.
Lesi sigcawu esibizwa nge-Large Business Forum sizohlanganisa izinkampani ezinkulu zaseNingizimu Afrika nezaphesheya kolwandle ezisebenza kuleli zwe. Lezi zinkampani zikhokhe intela ewuR600 billion ngonyaka wezimali wango-2024/25.
I-Large Business Forum ihlose ukunika osomabhizinisi abakhulu isigcawu sokuveza izinkinga ababhekene nazo ezimbonini abasebenza kuzona ezithinta intela.
Izosiza ukuthi iSars ithole ngokwenzeka emnothweni nezinkinga ezilethwa wokwenzeka ngaphandle kodwa ezithikameza izinkampani ezinkulu;
Okunye okuzokwenziwa yilesi sigcawu wukusiza ukubheka ukuthi zisebenza kahle yini izinsiza ezinikeza osomabhizinisi.
Sizolungisa izinkinga enza kubenzima kosomabhizinisi ukulandela imithetho yentela, sisize nokuhlela kahle futhi silwe nezinto ezingekho semthethweni.
Osomabhizinisi bazokwazi ukusheshe bathole ngezichibiyelo ezenziwa emthethweni wentela futhi kuqine ubudlelwano phakathi kweSars namabhizinisi amakhulu.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/18/iningizimu-afrika-ilahlekelwa-wur3-6-billion-ngenxa-yodizili-owumkokotelo-isars/
Ukhomishana weSars uMnu u-Edward Kieswetter uthe ukukhokha intela ngendlela efanele akuphoqwa kodwa kuthathwa njengendlela yokuqinisekisa ukuthi umnotho usebenza kahle.
“Ukukhokha intela ngendlela kusho ukuthi umnotho uyakhula, abantu bathola impilo engcono ngezidingo ezenziwa wuhulumeni ikakhulu abahluphekayo. Intela ikhokheka kahle kubantu uma kunokuthembana, bazi ukuthi isebenza kanjani futhi kunokusebenzisana okuhle phakathi kwabo nomqoqintela,” kusho yena.
U-Kieswetter uthe bavulelekile futhi bayazihlonipha izinkampani, ngakho bayazivumela ukuthi zize nabeluleki bazo bentela uma bakha ubudlelwano.
“Lezi zinkundla zokucobelelana ngolwazi zizosondeza iSars kubakhokhintela abakhulu, zixazulule izinkinga abahlangezana nazo futhi zilethe indlela entsha yokwenza izinto. Zizosiza ukungenisa imali esikhwameni sezwe ezosiza wonke umuntu wasezweni. Sisazonquma ukuthi imihlangano izobanini nokuthi kuzobe kudingidwani,” kusho uKieswetter.
Inhloko ye-Large and International Business eSars uNks uNatasa Singh ithe kubalulekile ukwakha ubudlelwano nezimboni ezinkulu ngoba lobo budlelwano abugxili kuzona kuphela kodwa buthinta nezakhamuzi nezinye izinhlaka.
“Ubudlelwano nemboni ezimele buqinisekisa ukuthi iyayilandela imithetho yentela bese kuhlomula izakhamuzi ngoba kusuke kusetshenzwa ngendlela efanele. Leyo ndlela ithela izithelo ezinhle ezinhlakeni ezihlukene,” kusho yena.

