Umsunguli nosihlalo weChapu Chartered Accountants uMnu uRhangani Mbhalati uthi le nkampani esiqashe abantu abawu-100 ikhuliswe ngamakhasimende atshele abanye ngayo. Izithombe: Sithunyelwe

Ukhuthazwe wububha onenkampani ecwaninga amabhuku yabamnyama

WUSLINDILE KHANYILE 

NGESIKHATHI elwela ukushintsha izifundo ayezenza eseku-Grade 11 ngoba esefuna ukufunda iziBalo wayephokophele ukushintsha impilo yakhe neyezingane zakubo engazi ukuthi uzogcina eshintsha nenqwaba yeminye imindeni.  

Usihlalo weChapu Chartered Accountants uMnu uRhangani Mbhalati, oneminyaka ewu-11 asungula le nkampani ecwaninga amabhuku, namhlanje esiqashe abantu abawu-100 eGoli, eGauteng. Amanye amahhovisi ayo aseMpumalanga, eLimpopo, eNorth West naseFree State. 

UMbhalati, onkaba iseTzaneen, eLimpopo, waphenduka umzali eneminyaka ewu-13 benodadewabo omdala ngesikhathi kushona unina, basala bodwa beyizingane eziyisithupha. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/09/12/ucathulisa-abafisa-ukuphatha-izinkampani-ezinkulu-ukuze-bangabhayizi-njengaye-uxoxe-noslindile-khanyile/

Uthi yize zazikhona izihlobo ezazilekelela lapha nalaphaya kodwa nazo akuthathanga sikhathi zashona, okwenza impilo yabanzima kakhulu bezikhulisa beyizingane bodwa. 

“Ziningi izinselelo esabhekana nazo futhi kwathatha neminyaka ukuthi sithole isibonelelo sikahulumeni. Sasibuye sisizwe wothisha futhi siphiwe nezijumbana zokudla. Ngaleso sikhathi ithemba lokuthi izinto zizolunga alizange liphele ngoba kukhona nesonto esasiya kulona.

“U-Grade 10 nje ngawuphinda ngoba ngagcina ngingasayi esikoleni ngoba ngingenazo izicathulo. Ngangithuthela abantu inhlabathi ngoba amagceke amaningi ayenobomvu, ngangithutha nobulongwe obabusetshenziselwa ukusinda izindlu besekuthi udadewethu yena wayeluka abantu amakhanda,” kukhumbula yena. 

Ngesikhathi ekhetha izifundo azozenza ku-Grade 10, wayeka iziBalo ngoba ezwa kuthiwa zilikhuni. 

“Ngelinye ilanga kwafika abantu ababezochazela abafundi ngemisebenzi ehlukene. Angiyanga mina ngoba ngangingenayo imali yokugibela ngoba babengazile esikoleni sethu. Ababeyile babuya bexoxa ngomsebenzi okuthiwa yi-chartered accountant, okwakuthiwa uholelana uR50 000 ngenyanga. Kwaba wukuzwa loko, ngabona ukuthi uma ngingahola leyo mali, ngeke siphinde sihlupheke nezingane zakithi.  

“Ngahamba ngayocela ukushintsha izifundo sengifunda u-Grade 11 ukuthi ngenze iziBalo ngoba kwathiwa ngeke ukwazi ukuwufundela (lo msebenzi) uma ungenayo. 

“Othisha banqaba kwathiwa umuntu akazishintshi izifundo ku-Grade 11. Ngaphinda ku-Grade 12 ngacela, ngancenga, baze bavuma. Abangani bami bangisiza ngoba izinto eziningi ku-Grade 12 kusuke kubuyekezwa okwenziwe ku-Grade 11 futhi nothisha owayengifundisa iziBalo wangisiza nangokuthi angiphe imali yokugibela ngiye lapho umfowabo ayefundisana khona iziBalo ngezimpelasonto.” 

Waziphasa ngo-B iziBalo, wahamba wayokwenza i-BCom Accounting eNelson Mandela University, eyayibizwa nge-University of Port Elizabeth ngaleso sikhathi. Uthisha wakhe weziBalo waqhubeka nokumsiza njengoba amhlelela ukuthi afike kahle eGqeberha kanti nodadewabo kathisha wayemnakekela emsiza ngemali yokudla enyuvesi.

“Ngangicabanga ukuthi kwanele ukuthathwa enyuvesi, ngingazi ukuthi kufanele ufake isicelo sendawo yokuhlala. Ngafika ngingenandawo yokuhlala, ngazi ukuthi nje ngithathiwe. Ngathola indawo emva kwezinsukwana ngifikile kanti ngangizikhandla ngendlela emangalisayo. Ngangingaphasi ngamalengiso enyuvesi kodwa ngangizikhandla, ngivolontiya futhi ngenza noma yimiphi imisebenzi engingakwazi ukuyenza. 

“Isicelo sesibonelelo sikahulumeni saze saphumelela sengifunda uMatikuletsheni. Usisi wanginika ikhadi elalinaleyomali wathi angiziphilise ngalo enyuvesi, ngangigcwalisa kuleyo mali ngemisebenzi engangiyenza,” kulanda uMbhalati. 

Esephothule i-Honours waqashwa ePwC, apho ayeyithwasa khona enza ama-article, athi nakhona wazimisela ngendlela emangalisayo ngoba wezwa ukuthi abantu abangazimiseli abanikwa amathuba futhi izinkontileka zabo azivuselelwa. 

“Ukufa kukamama kwenza umuntu wakhula ngokushesha futhi kwamfundisa ukuthi kufanele ahleleke ngoba wayengasekho umuntu ozosivusa ekuseni futhi aqinisekise ukuthi senza zonke izinto ngendlela efanele. 

“Yilezo zinto okwafanele ngizifundise izingane zasekhaya futhi namanje yilowo umsebenzi wami ekhaya nasenkampanini. Kuyaziwa ukuthi izinto zakwaMbhalati ziqala ngesikhathi futhi naseChapu, isikhathi siyahlonishwa futhi abantu bayaphendulwa, awuthuli nje kuphele isikhathi uma ikhasimende likhuluma, ungasho lutho. 

“Loku kwangisiza nasePwC futhi ngazitshela ukuthi angikwazi ukuphindela ekuhluphekeni. Sidalo sami ngiwumuntu ohloma ikhanda phansi ngisebenze,  angiloku ngibalisa. Ngesikhathi ngisesePwC abaningi babengabazi ubunzima bami ngoba ngangingavumi ukuthi kungiphazamise. Ngikhumbula ngelinye ilanga ukuthi kwake kwadingeka ngiye ekhasimendeni elaliseKrugersdorp. Ngagibela amatekisi amane kodwa ngafika ngesikhathi. Kokunye umuntu wayelahleka ngenxa yokungalazi iGoli,” kukhumbula yena ehleka.  

UMbhalati uthi ukuhloma ikhanda phansi asebenze ngenye yezinto ezimsizayo 

UMbhalati uthi esehamba kule nkampani eyamnika nethuba lokuyosebenza eMelika umphathi wakhe wamncoma wathi akaze ambone umuntu ofana naye, ozikhandla ngendlela efanayo kungakhathaleki ukuthi uyanconywa noma uyagxekwa. 

Uthi yize kwamdumaza ukuzwa izinto ezinhle esehamba kodwa uthi ukholwa wukuthi ukunganconywa kakhulu yiko okwamsiza ngoba ukungazi ukuthi uwenza kahle yini umsebenzi kwakumenza azimisele.

Wathi xhinti e-Absa. Emva kwaloko waya eHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele eNingizimu Afrika ngoba wayesenqumile ukuthi uzovula inkampani yakhe enzela ukuyothola amava okucwaninga amabhuku ezinkampani zikahulumeni, umsebenzi awenza izinyanga eziwu-18 ngaphambi kokusungula iChapu nomkakhe nomunye wabafowabo.

“Ngaphambi kokubanebhizinisi, ngangingaziboni ngiwumuntu ophiwe ngaleyo ndlela kodwa sengiyazi ukuthi kuneziphiwo uNkulunkulu angiphathise zona futhi ngiyakuthanda ukuxazulula izinkinga. Angibasoli futhi kalula abantu ngoba umuntu wumuntu. Akufanele ulindele olutheni kuyena kanti kufanele uhlale ubaxolela abantu, kungabibikho into ezokumangaza ngabo,” kusho yena.

Uthi into ekhulisa iChapu, esiqashe abantu abawu-100, wukuhlonipha amakhasimende njengoba kuyiwo atshela amanye ngabo, wukufukula abantu asebenza nabo njengoba ethi uyakwazisa kakhulu ukunika abantu ithuba ngaphezu kokubheka ukuthi bakuqeqeshelwe yini ukwenza lowo msebenzi, ikakhulu intsha eqhamuka emakhaya njengaye.

UMbhalati uthi: “Amathuba amaningi engiwatholile empilweni kwakungafanele ngiwathole uma ubheka ukuthi ngangisuke ngiphetheni ngesikhathi ngiwathola, yingakho ngikwazisa kakhulu ukunika abantu ithuba ngaphezu kokubheka ukuthi baphetheni. Abantu bayafundiseka umsebenzi.” 

Usanda kwenza into engajwayelekile ezinkampanini ezincane njengoba eseqashe isikhulu esiphezulu uNks uNcumisa Mkunqwana ababefunda futhi basebenza  naye eHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele. 

Uthi wenze loku ngoba eqonda ukuthi kunezinto ezidingwa yinkampani angeke akwazi ukuzenza. 

Ephawula ngamabhizinisi amancane eNingizimu Afrika, uthe kunezinto ezinqinda ukukhula kwamabhizinisi njengokubiza kwezinto okufanele zenziwe ukuhambisana nemicikilisho edingekayo nokuswela ulwazi ngokuphatha imali. 

Okunye ngaye: 

  • Uneziqu i-Master’s in Development Finance yaseStellenbosch University 
  • Unabantwana abathathu nomkakhe; 
  • Udlala igalofu; 
  • Ulekelela esontweni lakhe ngokubawumgcinimafa; 
  • Ukhonze ukubuka izingane zakhe zidlala; 
  • Uwusihlalo weLove Trust, esiza ngokufundisa izingane ezihlwempu;
  • Uwumlandeli we-Orlando Pirates; 
  • Ukhonze noma yimuphi umculo waseNingizimu Afrika; 
  • Uthanda noma yikuphi ukudla okuphekwa wumkakhe;
  • Okunye ukudla akuthandayo wufishi osethinini, amaqanda nepapa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page