Amatomu asephethwe owesifazane onamava emnyangweni omqoka eThekwini
YINTATHELI KAMASIPALA
UMNYANGO ongamele ukuhambisa izidingo kubantu bakuMasipala waseThekwini usuphethwe wumuntu wesifazane njengoba izintambo seziphethwe wuNksz uLindokuhle Mkhize.
UNksz uMkhize, i-executive director for Operations Management entsha, uzoqinisekisa ukuthi yonke iminyango yenza imisebenzi yayo ukuze umasipala usebenze ngendlela efanele.
Uzoqinisekise ukuthi umnyango kagesi, owamanzi, owemigwaqo, owemfucuza, owezimoto zikamasipala, izicashamlilo nowamakhasimende isebenza kahle ngokuza nezinhlelo ezigxile endaweni nendawo ukuze umphakathi uthole konke kumasipala.
Esitatimendeni umasipala, uthe umnyango uNksz uMkhize aqokelwe kuwona udinga umuntu okhuthele futhi ukhombisa ukuthi umasipala uyakholelwa kubaholi besifazane ukuthi benze umsebenzi wobungcweti.
UNksz uMkhize uwumuntu wesifazane wesibili ukubasesikhundleni esiphezulu kumasipala esikhundleni esifuna umuntu onamava okwenza umsebenzi wobungcweti.
“Ukusebenza kwayo yonke iminyango kubalulekile kumasipala. Okwami wukuqinisekisa ukuthi izidingo zifinyelela kubantu ngesikhathi futhi zonke izakhamuzi ziyawubona umehluko wokuthola izidingo,” kusho yena.
Uke wabayiphini lenhloko ye-Internal Audit and Capital Programmes kumasipala, ebhekene nokuqinisekisa ukuthi ukucwaninga amabhuku kusezingeni elifanele.
Uke wasebenza eTransnet National Ports Authority, lapho eqale ewunjiniyela omncane, wagcina eseyimenenja ephethe ezokuhlela emachwebeni futhi esekomitini lokuhlelela ingqalasizinda yamachweba aseNingizimu Afrika.
Ubesekhaleni ezinhlelweni zomthamo woketshezi, ukulungisa imikhumbi nokuhlela ichweba laseThekwini nelaseKapa.
Ukuqinisekisa ukuthi izidingo ziyafinyelela kubantu, uNksz uMkhize uhlela ukuqinisekisa ukuthi kubanemibiko masonto onke, kunezinhlelo okufanele zifezwe ngabaphathi futhi kunendlela yokubika esheshayo uma kukhona okungahambi kahle.
Ufuna nokuthi njengoba imenenja kamasipala ivame ukufika kungazelelwe eminyangweni ehlukene, izisebenzi zihlale zikulindele loku futhi kubenama-dashboard azokhombisa okwenzeka kuyo yonke iminyango.
Uthi uma abantu bazi ukuthi abaholi balindeleni kubona kubalula ukwenza okufanele.
Ukholwa wukuthi abantu bafuna ukusebenza lapho kwenziwa umsebenzi omuhle khona ngaso sonke isikhathi.
“Ngiyakuthasela ukuqala lo msebenzi ngoba ngiyisibonelo sokuthi abantu besifazane bangahola ezikhundleni ezifana nalesi. Ngithemba ukuvulela abanye umnyango wokungena kulo mkhakha.”
Uneziqu i-MSc in Coastal Engineering and Port Planning zaseIHE Institute for Water Education eNetherlands, i-Master of Business Administration yaseStellenbosch University, i-BTech in Construction Management ne-National Diploma in Civil Engineering yaseCape Peninsula University of Technology.
Uzimisele ukuqinisekisa ukuthi izinto zenziwa ngendlela entsha futhi abantu babone umehluko.

