Imeya kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba ithi kuzothela izithelo ezinhle ukutshala imali embonini yokuthutha izimpahla eThekwini ngesikhathi ikhuluma kwi-Port and Rail Week eMhlanga, eThekwini, kuleli sonto. Isithombe: wuThuli Dlamini

Umasipala ubambisene neTransnet emsebenzini kaR100 billion

YINTATHELI KAMASIPALA 

IMEYA kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba ithi zizothela izithelo ezinhle izinhlelo zokusebenzisana kwamasipala neTransnet esiqale umsebenzi wokunweba ichweba kaR100 billion.

UXaba usho kanje engqungqutheleni i-Port and Rail Week ebiseMhlanga, eThekwini, KwaZulu-Natali, ngoLwesibili nangoLwesithathu.

Uthe kubalulekile ukuthi kutshalwe imali kwingqalasizinda ukusimamisa umnotho. 

“Ngithokozile ukuthi ezinyangeni ezimbalwa ezidlule iTransnet itshale izigidigidi emishinini yokuthwala izimpahla esize kakhulu ekunciphiseni isiminyaminya echwebeni. Okunye okuthokozisayo wukuthi itshale ngaphezu kwangoR100bn ezinhlelweni zokunweba ichweba eseziqalile. Lezi zinhlelo zizokwenza ukuthi ichweba laseThekwini lihambe phambili ngokuthwala ama-container nezimoto,” kusho yena. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/09/05/zihamba-kahle-izinhlelo-zikamasipala-netransnet-zokuphucula-ukusebenza-echwebeni/ 

Uqhube wathi ziyaqhubeka izinhlelo zokuqinisekisa ukuthi imboni ezimele isebenzisana neTransnet ukwenza eminye imisebenzi ezonciphisa isiminyaminya futhi iqinisekise ukuthi izimpahla eziningi zihamba ngamaguzu esikhundleni samaloli. 

Olunye uhlelo alubalulile yi-Insimbi Ridge Logistic Precinct eseCato Ridge ezobayisizinda sezimpahla esinobuchwepheshe besimanje, obuzohlanganisa amaloli namaguzu. 

Insimbi Ridge Logistic Precinct izokwakhiwa ngoR10bn, idala amathuba omsebenzi awu-10 000 abantu abaqashwe ngokuphelele. Izoqinisekisa ukuthi izimpahla ezithwalwa ngamaloli awu-4 500 nsuku zonke zihamba ngamaguzu. 

UXaba uthe bazoqinisekisa ukuthi zonke izinhlelo ezizosimamisa umnotho waseThekwini zenzeka ngokushesha futhi abaziphethe abampampiswa  kodwa bayazi ukuthi izicelo kufanele bazithumele kuphi. 

Ubalule ukuthi balungisa iminyango yokuhweba, ukuhambia amanzi, ugesi nokukhuculula ukuze isebenze ngendlela efanele.

UXaba uthe loku kuzoqinisekisa ukuthi ingqalasizinda yaseThekwini ayibambezeli abatshalimali.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page