Ukuphucuka kwesimo sezimali se-Eskom kuqinisa isisekelo somnotho wezwe, kuloba uBusi Mavuso
I-ESKOM isiyenza inzuzo emva kweminyaka eyisishiyagalombili, okuyizindaba ezimnandi kule nkampani ephehla ugesi nasemnothweni. Ngihalalisela i-Eskom ngemiphumela yayo yezimali eshicilelwe ngenyanga edlule etshengise ukuthi yenze inzuzo ewu-R23.9 billion ingakabanjwa intela.
Okokuqala loku eminyakeni eyisishiyagalombili. Kungijabulisile ukuzwa ukuthi loku akwenzekanga kuphela ngenxa yokunyuka kwamanani kagesi kodwa nangenxa yokuphucuka kwendlela umsebenzi owenziwayo ngayo kule nkampani kahulumeni.
Ukucisha ugesi kuyilimazile i-Eskom ngezindlela ezihlukene kodwa eminye yale miphumela emibi kubewukuthi ibinogesi omncane engawudayisa, obekusho ukuthi nemali engayingenisa ibincane. Bekusho nokuthi isebenzise ama-open-cycle gas turbine kadizili kakhulu kunokujwayelekile nokubiza kakhulu kunezinye izindlela zokuphehla ugesi.
Ukuphucuka endleleni esebenza ngayo akugcinanga kuphela ngokuthi ithembeke indlela ekhiqiza ugesi ngayo kodwa kusho nokuthi ikunciphisile ukusebenzisa ama- open-cycle gas turbine. Yize ukwehla kokucishwa kukagesi kuyinto enhle emnothweni wonke kodwa futhi kuyayisiza imali engeniswa yi-Eskom.
Ukungena kwale nzuzo kwenzeke nangenxa yesivumelwano esenziwe nomqoqintela mayelana nemali ebuyiswayo kwintela esuke ikade ibanjwe kuphethroli, okubewuhhafu wale nzuzo. Lilonke i-Eskom inyuse imali eyingenisile ngo-15% ekubeni inciphise izindleko ngo-14%. Yinto enkulu lena futhi isikhulu esiphezulu uMnu uDan Marokane nebhodi yakhe bafanele ukushayelwa izandla.
Ukuphucuka kwendlela le nkampani esebenza ngayo kusizwe kakhulu nawukuba khona kwekomiti elengamele inkinga kagesi iNational Electricity Crisis Committee(iNecom) nemizamo yokuseka ukuphucula ukusebenza kwengqalasizinda. Bangaphezu kuka-350 ongoti bemboni ezimele abacelwe ukuthi babeyingxenye yeNecom futhi basebenze ngaphezu kwamahora awu-12 000 ukulekelela i-Eskom nezinye izinkampani eziyingxenye yemboni kagesi.
Ukuguqula izinto e-Eskom wumsebenzi owenziwe ngokubambisana kwale nkampani, iNecom, ungqongqoshe kagesi namandla nezinye izingxenye zikahulumeni. Ukuncipha kokucinywa kagesi ngo-98% phakathi kwango-2023 nango-2025 kuwumphumela waloku kusebenzisana.
Kuyiqiniso-ke ukuthi ayenzekanga yonke into. Ukwanda kukagesi okhona usuka ku-54.6% ngo-2024 uya ku-60.6% akukafinyeleli ku-65% obubekiwe kulo nyaka. Ngonyaka ozayo kufanele kufinyelelwe ku-70%, usemkhulu umsebenzi osihlalele.
Enye into ekhathazayo yisikweletu somasipala esinyuke ngo-27% safinyelela kuR94.6bn. Ukuzikhandla komNyango weziMali ngohlelo lokulungisa le nkinga akwenzi mehluko. Enye into eshaqisayo evele embikweni we-Eskom wukuthi umasipala okweleta le nkampani usalele emuva cishe ngezinsuku eziwu-216, eminyakeni eyishumi edlule, kwakuyizinsuku eziwu-43.
Yinkinga enkulu lena futhi engaphezu kwe-Eskom. Ayisoze le nkampani yasiphucula isimo sayo sezimali uma iningi lamakhasimende awo lingakhokhi. Kukhona okufanele kushintshe endleleni izinto ezenziwa ngayo ukulungisa lesi simo, into ethinta ngqo indlela omasipala abaphatha izimali zabo ngayo ukubaphoqa ukuthi bakhokhele i-Eskom ngaphambi kokuthi imali abayingenisa ngogesi isetshenziselwe ezinye izinto.
Nokho kudinga nokuthi kuphucuke indlela omasipala abaqoqa ngayo nakho, okuzodinga amakhono athile. Ukuphoqa abantu ukuthi bakhokhe yinto enzima futhi engeke iyekelelwe kanjalo nje. Uhulumeni ugxile ekutholeni isisombululo futhi sizoweseka lapho singakwazi khona.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/03/06/kufanele-kusukunyelwe-inkinga-yegesi-masinyane-kuloba-ubusi-mavuso/
Okunye okungekuhle ngombiko wezimali abacwaningimabhuku be-Eskom baphinde bathola umbiko wezimali ongemuhle emva kokuthi sekucwaningwe amabhuku. Lokhu kwenzeke yize i-Eskom yethula uhlelo lokulungisa izinto ezingezinhle ezivezwe umcwaningimabhuku emva kombiko ongemuhlo ngo-2024. Umbiko omuhle wezimali yiyonanto okufanele ngabe okungenani umphakathi uyayilindela emabhizinisini kahulumeni. Kumqoka ukukwazi ukuzethemba izibalo.
Kodwa yize umbiko umubi kodwa kukhona umehluko okhona futhi kulo nyaka kugxilwe kakhulu ekubhekeni ukuthi i-Eskom iyakwenza konke yini okufanele ukugcina umthetho ongamele ukuphatha imali kahulumeni i-Public Finance Management Act, ikakhulu amarekhodi atshengisa imali elahlekile ngenxa yezenzo zobelelesi kulo nyaka.
Yinto lena engadingeki ezinkampanini ezizimele. Kumqoka ukuthi i-Eskom iqhubeke nokugcina amarekhodi ukugwema umphumela ofanayo nangonyaka ozayo. Loko kuyoba enye into enkulu ezuziwe.
Sikhuluma nje, kukhona okungconywana uma kubhekwa imali elahleka ngenxa yobugebengu, ukukhwabanisa nenkohlakalo nokugada kakhulu kunakuqala indlela okwenziwa izinto ngayo.
Lilonke, umbiko walo nyaka utshengisa ukuthi i-Eskom isiyaqala ilungisa izinto ezindaweni eziningi lapho inezinselelo khona futhi izinto ziyaphucuka kakhulu endleleni le nkampani ephethwe ngayo. Lokhu kuzoqala kubuyisele umphakathi nezinye izinhlaka ithemba lokuthi le nkampani inekusasa eliqhakazile lokuphehla ugesi ngendlela efanele futhi izokwazi ukuncintisana kahle.
Ukuphucuka kwesimo sezimali kuzokwenza nokuthi ikwazi ukuphinde iyoboleka ukuze ibenemali ezoyitshala ekukhuliseni umsebenzi.
Ukuhlukanisa i-Eskom kuyaqhubeka yize kungasheshi ngendlela ebengifisa ngayo. Kulo nyaka inkampani esabalalisa ugesi iNational Transmission Company of South Africa iqalile ukusebenza ngokuzimele. Yiyona ezobayisizinda sikagesi njengoba izosebenzisana nabaphehli bakagesi abehlukene abazoyiphakela ugesi. I-Eskom ithe kusenezinto eziningi zomthetho okusafanele zenziwe, nokho kumqoka ukuthi wonke umuntu othintekayo aphuthume.
I-Eskom ivumile futhi ukunyusa ugesi ngala mazinga abenyuka ngayo eminyakeni edlule akukwazi ukuqhubeka. Loku kusho ukuthi kulindeleke ukuthi izinga lokunyuka kwamanani kagesi selizokwehla futhi kufanele ibhekane nezindleko ngendlela.
Umbiko wezimali utshengisa ukuthi imali esiyengenisa nge-kilowatt elilodwa isiphindiwe kuneyayikona eminyakeni eyisithupha edlule. Akukwazi ukuphinde kwenzeke loku. Imboni lapho kuncintiswana khona kufanele iphokophele ukwehlisa amanani akhokhwa ngabathengi.
Ukushintsha kwezinto e-Eskom kunomphumela nasemnothweni ngoba uma kunogesi othembekile emnothweni futhi kwehlisa nengozi yemali kuhulumeni. Loko kungaphucula indlela uhulumeni okwazi ukuboleka imali ngayonendela okleliswe ngayo.
Abantu baseNingizimu Afrika sebevele bayahlomula kugesi othembekile nethemba okuliletha kubatshalimali nanokwenzeka emnothweni.


