Kumiswe izikhulu zeRoad Accident Fund emsebenzini kuphenywa
YINTATHELI YOMBELE
IBHODI yesikhwama esisiza abantu abalimele ezingozini zomgwaqo iRoad Accident Fund (iRAF) isimise izikhulu ezine emsebenzini ngenkathi isaphenya ngokuphatha izimali.
Imemezele ukuthi imise isikhulu esiphezulu esisabambile, isikhulu sezimali, isikhulu sokuphatha nenhloko yehhovisi lesikhulu esiphezulu.
Ithe lesi sinqumo isithathe ukuze kungaphazamiseki uphenyo oluqhubekayo oluthinta ezokuphatha nokusebenza kweRAF. Yize ibhodi ithe ukumisa izikhulu akusho ukuthi kukhona okubi ezikwenzile kodwa kwenzelwa ukuthi uphenyo luqhubeke ngendlela efanele.
Iqhube yathi ukumisa lezi zikhulu kukhombisa ukuthi izimisele ukubheka ukuthi imali yabakhokhintela iphethwe kahle nokuthi abantu basithembe lesi sikhwama.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/04/24/i-raf-isinxephezele-abantu-ngor45-6-billion/
Ngesikhathi izikhulu zimisiwe iRAF izoqhubeka nokusebenza kanti ibhodi ithe abantu abafake izicelo zokunxeshezelwa bakhululeke ngoba akukho okuzophazamiseka, wonke umsebenzi uzoqhubeka kahle.
Ithembise abantu ukuthi uphenyo ngokuphatha eRAF luyaqhubeka futhi akukho okunye ezokuphawula okwamanje kodwa umphakathi uzokwaziswa ngokuqhubekayo ngesikhathi esifanele.

