UMnu uXitsakiso Baloyi, umsunguli weRabbit’s Pizza, isitolo sokudlela esinamagatsha eTzaneen, eMamadimo Park naseMankweng, eLimpopo. Izithombe: Zithunyelwe

Owayezidlalela ngoflawa usenezitolo ze-pizza 

WUTHOBILE ZWANE 

NGESIKHATHI kuvalwe izwe ngemva kokubheduka kwe-Covid-19, insizwa yaseLimpopo yazama ukuzenzela i-pizza kubo kanti kuzophuma ulozolo lwayo.

Emva kokuzwisa umndeni nomakhelwane, abantu bacela le nsizwa yasesigodini iN’wamitwa, eTzaneen, ukuthi ibenzele ama-pizza nokwagcina sekuyigqugquzela ukuthi ivule ibhizinisi lokuyidayisa.

Manje uMnu uXitsakiso Baloyi, oneminyaka ewu-33, usewumnikazi weRabbit’s Pizza, ayiqala ekhaya ngo-2020. Wagcina ephumile kubo wayovula isitolo sakhe sokuqala eMankweng, eTurfloop. Njengoba lesi sitolo siseduze kwenyuvesi sikwazile ukumsiza ukuthi avule ezinye ezimbili kwezinye izindawo eLimpopo. 

Uziqhenya ngokubawusomabhizinisi omnyama odale amathuba omsebenzi kubantu abamnyama nokhulisa umnotho waselokishini. 

I-Rabbit’s Pizza ayisungulwanga ngosizo lwabatshalimali, ayinamakhishi kaNokusho futhi ayilona ibhizinisi elisezingeni eliphezulu kodwa iqale ingenazinsizakusebenza, yakhula kusukela lapho futhi negama layo waliqamba ngoba efuna ukuheha abantu ukuze bayibone ihlukile kwamanye amabhizinisi amaningi endaweni. 

I-pizza ehlabahlosile yeRabbit’s Pizza 

“I-Rabbit’s Pizza ayizange ikhule ngemikhankaso ebizayo. Ikhule ngokusebenzisana nabantu nangokuthi amakhasimende athumelelane ngezithombe ezinkundleni zokuxhumana. Bengisebenzisa noWhatsapp ukuzikhangisa kanti nezincomo zabantu zingisizile ukukhula,” kusho yena. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/03/25/iciko-elimakhonokhono-okubalwa-kuwona-ukupenda-ukubaza-ukucula-nokudansa-lishaya-isidlo-samantaliyane-esiconcisa-amathe-ulanga-khanyile-uxoxe-nalo/ 

Ukhale ngokuthi yize abantu abamnyama kuyibona amakhasimende amaningi nezisebenzi ezitolo ezihlukene ngisho neze-pizza kodwa bambalwa abamnyama abanezitolo zayo. 

“Sikhule sicabanga ukuthi amabhizinisi athile awabelungu. Kodwa uma ukholwa ukuthi ungayenza into ethile, ingenzeka. Yileso simo sengqondo engasisebenzisa ukuze ngifike kuleli zinga,” kusho uBaloyi. 

Uthi kukhulu ukuncintisana ezitolo zama-pizza njengoba kukhona ezinkulu ezaziwayo, amanani ezithako zokuyenza nawo ayakhuphuka kodwa zonke lezi zinselelo uyakwazi ukumelana nazo. 

Yize aqala ezisebenzela yedwa kodwa manje usenezisebenzi eziyisikhombisa. Uthi umphakathi wangakubo umthwalile esaqala kanti namanje usameseka. 

Kubantu abafisa ukuqala ibhizinisi, uthi: “Qala kancane kodwa qala. Umbono owodwa onawo ungakusiza ukuvula ibhizinisi. Khetha igama lomkhiqizo elingeke likhohlakale. Vumela umphakathi ukuthwale, hhayi izikhangiso ezibizayo. Yandisa izisebenzi zakho uma isidingo sikhula. Gxila kokwenzayo, ungayishintshi kakhulu imikhiqizo ethandwa ngabantu. Yakha ubudlelwano nabantu ukuze bakuthembe. Loku kuzokusiza ukuthi ukhule.” 

“Ngifisa ukwenza iRabbit’s Pizza ibewuhlobo lwe-pizza ewungqaphambili eNingizimu Afrika. Ngiyazi ukuthi ngizofika kuleso sigaba ngokusebenza ngokuzimisela,” kuphetha yena. 

Ufisa ukwenza ama-franchise njengoba ethi uthola izingcingo eGoli naseThekwini abantu befuna ukuthenga i-pizza yakhe. 

Facebook: Rabbit’s Pizza

Instagram: @rabbits_pizza

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page