Kubeyinjabulo ukubona abaholi bepolitiki bezibophezela ukufeza iziphakamiso ezenziwe ngabamabhizinisi kwiG20, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Impumelelo yeG20 ikhombisa okungenziwa yiNingizimu Afrika osekuqinisa isisekelo, kuloba uBusi Mavuso 

ININGIZIMU Afrika kufanele iziqhenye ngendlela eyenze ngayo imihlangano yeG20. Imicimbi yangesonto elidlule efaka nengqungquthela yeB20 kwase kulandela iG20 Leaders Forum ikhombise umhlaba ukuthi yini esikwazi ukuyenza uma ezokuthutha zisebenza kahle, ingqalasizinda esezingeni nokubaluleke kakhulu – indlela esengamela ngayo ezepolitiki nayo yonke imicikilisho ehambisana nokusebenzisana namanye amazwe.  

Isivumelwano esenziwe iG20 Leaders’ Declaration siwumqingo obalulekile ocaba indlela okufanele ihanjwe ukuxazulula inqwaba yezinselelo ezikhona emhlabeni kanti kuningi kuwona okuzosiza i-Afrika ukuthi ithuthuke.

Kungijabulise kakhulu ukubona isivumelwano esenziwe ngabaholi sihambisana neziphakamiso ezenziwe yiB20 ngaphambi kwalo mhlangano. Kunezibophezelo ezinqala ekuqinisekiseni ukuthi kunogesi nokudla okwanele e-Afrika nezimboni nokutshala imali. Okubalulekile, kuneminye imizamo ezothela izithelo isikhathi eside njengokuhambisana nezibophezelo ezikulesi sivumelwano.  

Eminye yayo yi-Africa Engagement Framework ezosekwa yiNingizimu Afrika eminyakeni eyisithupha ezayo. Yethulwe wongqongqoshe bezimali nabaholi bamabhange ombuso ophikweni oluqondene nezimali kwiG20 kanti izokwenza ukuthi kubenendlela ehlelekile iminotho emikhulu ezoseka ngayo intuthuko ye-Afrika nokuthi izwekazi lingene ngokupheleleyo kwezezimali emhlabeni. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/11/25/isivumelwano-seg20-sibeke-eqhulwini-izikweletu-zamazwe-nokuguquguquka-kwesimo-sezulu/

Lo mhlahlandlela uzohlanganisa imigomo yezomnotho, useke ukusimama komnotho, ukubambisana kwezentela, ukutshala imali kwingqalasizinda nokusimamisa isikweletu. Yithuba elikhulu leli lokufeza iziphakamiso zeB20 ukuseka ukutshala imali e-Afrika. Ngifisa ukubona loku kusheshisa ukusebenza kwe-African Continental Free Trade Agreement ethembisa ukungenisa izigidigidi ngenxa yokuhwebelana kangcono kwamazwe ase-Afrika. 

Kufanele futhi kuqinisekise ukuthi iyanda imali yokusimamisa i-Afrika ukuseka ingqalasizinda nokwandisa imikhiqizo nezikweletu ezikhokhiswa inzalo efanele ukusimamisa iminotho.

I-G20 neB20 kulo nyaka kuzuze lukhulu ngokubambisana futhi ngiyajabula ukuthi thina bamabhizinisi, sisebenzisana nabalingani bethu emhlabeni, sikwazile ukubeka iziphakamiso abaholi bamazwe abazicubungulile. 

Sithathe lo moya wokusebenzisana phakathi kwabamabhizinisi nohulumeni esiwusebenzisile eminyakeni embalwa edlule ukuxazulula izinkinga esinazo ezweni sazowusebenzisa ekubambisaneni nomhlaba wonke.

Abaholi bamabhizinisi eNingizimu Afrika bathathe izintambo behola amakomiti abecwaninga futhi ehlanganisa iziphakamiso futhi babheka izinsizakusebenza ebezidingeka ukuthi kubeneB20 eseqophelweni eliphezulu. Yinto enhle lena iG20 engasika iphethini kuyona endleleni izinto ezenzeke ngayo eNingizimu Afrika. 

Kungijabulisile nokubona ukudlulisela iB20, okwenziwe wumengameli uCyril Ramaphosa, kubalingani bethu baseMelika i-US Chamber of Commerce nomengameli wayo uNks uSuzanne Clark.

Kwakuwunyaka odlule eBrazil ngesikhathi simukela umsebenzi wokubamba iB20. Besehla senyuka kodwa iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) iyaziqhenya ngomsebenzi ewenzile ibambisene neBusiness Unity South Africa (iBusa). 

Akuwona nje umsebenzi omuhle weNingizimu Afrika kodwa usilekelele ukuthi siqhakambise izinto ezibalulekile kwi-Afrika kubantu abaphethe iminotho emikhulu. Ngikubheke ngabomvu ukusebenzisana ne-US Chamber ukuqinisekisa ukuthi iB20 yangonyaka ozayo ibayimpumelelo.  

Nokho igama elihle kwamanye amazwe lidinga izinto zenzeke ekhaya. Izinto ezinhle eziqhamukile ngokubamba kwethu iG20 nokuphucuka kwendlela esikleliswe ngayo yizinkampani ezibuyekeza indlela amazwe akhokha ngayo izikweletu zawo izokwenza ukuthi kuqhutshekwe kutshalwe imali uma sizoqinisa kulezo zinto abatshalimali abazicubungulayo. Okuseqhulwin kulezi zinto wukusebenza komthetho nesithunzi  sethu sezomthetho. 

Ukusebenza komthetho kubalulekile ekutheni abatshalimali babenethemba, nokungakho iBLSA ibeke eqhulwini ukuseka izinguquko okufanele zenzeke kwezobulungisa ezamosheka kakhulu ngesikhathi sokugwamanda amandla ombuso. 

Ngesonto elidlule besimeme ungqongqoshe wamaPhoyisa obambile uMnu uFiroz Cachalia nesikhulu esiphezulu seBusiness Against Crime uMnu uGraham Wright ukubhunga ngenqubekelaphambili ekulweni nobugebengu nenkohlakalo. 

Izingxoxo zihambe kahle futhi kugcizelele ukuthi uhulumeni uyakuqonda ukubaluleka kokusebenza ngendlela kwamaphoyisa, abashushisi nokusebenza kosomabhizinisi ukuheha abatshalimali.  

Sidinga ezobulungisa ezisebenza kahle futhi ezithembekile kuze kufike kwezokushushisa ukuqinisekisa ukuthi indawo amabhizinisi asebenzela kuyona iphephile futhi uma kwenziwe izivumelwano ezizogcinwa futhi zihlonishwe.

Noma singabukeka kanjani emazweni angaphandle kodwa uma kuzothi kuhlanganiswe izivumelwano bese zingahlonishwa futhi abantu bangaphephi, ngeke kusize. Abatshalimali abafaka imali ngoba bebheke umvuzo emva kwesikhathi eside bayazibhekisisa lezi zinto.  

IKhomishini kaMadlanga icubungula ukusebenza kwamaphoyisa kanti emhlanganweni wethu noCachalia, besibheka ukuthi amabhizinisi angawuseka kanjani umsebenzi wokuphucula okwenziwayo nokuvuselela isithunzi samaphoyisa. 

Izinto ezifana nokwenziwe ngenxa yeFinancial Action Task Force (iFATF) zisizile ukuvuselela isithunzi sezobulungisa okufake ingcindezi ekuqiniseni isithunzi semboni yezimali nokuqinisekisa ukuthi akekho osilulazayo. I-FATF iqhamuke kwiG20 kanti i-Leaders’ Declaration iphinde yazibophezela ekuqinisekiseni ukuthi iFATF ihlale ihambisana nobuchwepheshe besimanje.

I-FATF izophinde ibuyekeze iNingizimu Afrika kusukela ngonyaka ozayo. Ngumsebenzi oqhubekayo wokuphucula ezobulungisa kanti ukugcina izimfanelo zeFATF ngenye indlela yokwenza loku. Ukuhambisana nezinga lomhlaba kuletha ingcindezi futhi kuseka izinguquko esidinga zenzeke ezweni.   

Okwenzekile ngeG20 nangeB20 kutshengise ukuthi iNingizimu Afrika iyakwazi ukwenza izinto eziseqophelweni eliphezulu. Sihlanganise ohulumeni, abamabhizinisi nabanye abalingani bakwamanye amazwe ukwenza umcimbi osezingeni eliphezulu futhi sathuthukisa imigomo ezosiza i-Afrika. Manje sekufanele sifake lowo mfutho kwizinselelo esibhekene nazo ezweni. 

Ekuqaleni kwalo nyaka iBLSA i-BLSA Reformer Tracker ithule iziko ebheka ngalo ukuthi izinguquko okufanele zenziwe wuhulumeni nezithinta indawo amabhizinisi asebenzela kuyona nokukhula komnotho, zihamba kanjani.

Enye inhloso yaleli ziko wukuseka uhulumeni ngokuthi bobabili uhulumeni nemboni ezimele bakwazi ukuqonda izinto ezifaka umfutho ezinguqukweni, babone izingqinamba ezibambezela izinto futhi bakwazi ukunquma izinyathelo okufanele zithathwe ukulungisa izinto. 

Leli ziko lisiza amabhizinisi ngolwazi ukuze akwazi ukwenza izinqumo ngolwazi oluyiqiniso. Sikholwa wukuthi lizobanesandla esikhulu ezifisweni esinazo ezinkulu zokukhulisa umnotho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page