Inhloko ye-Personal and Private Banking eStandard Bank uMnu uKabelo Makeke ithi abantu basemakhaya sebezokwazi ukukhipha imali lapho behlala njengoba leli bhange lizokwenza imali ye-instant money itholakale eduze. Isithombe: Sithunyelwe

Abantu sebezoyikhipha eduze imali yaseStandard Bank 

YINTATHELI YOMBELE

UKUQINISEKISA ukuthi abantu basemakhaya abangeni ezindlekweni uma bethunyelelwe imali, iStandard Bank isiyenze ukuthi imali ethunyelwa ngohlelo lwayo lwe-instant money ikhipheke nakumaspaza. 

I-Standard Bank ithi imali isizokhipheka ezindaweni ezingaphezu kweziwu-400 000 ukuze abantu abangenawo ama-akhawunti asebhange bakwazi ukuthola imali abasuke beyithunyelelwe. 

Leli bhange lisebenzisana neFlash, iShop2Shop ukuze imali ikwazi ukukhipheka ngisho ezindaweni ezingenamishini yokukhipha imali yamabhange. 

Inhloko ye-Personal and Private Banking eStandard Bank uMnu uKabelo Makeke ithe bayaqonda ukuthi imiphakathi yasemakhaya iphoqeka ukuhamba amabanga amade ukuze ikwazi ukuthola umshini wokukhipha imali, yingakho leli bhange lize nesisombululo sokuthi bakwazi ukuyikhipha lapho bekhona. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/09/18/i-standard-bank-yandisa-amagatsha-angasebenzi-ngemali/

Uthe i-instant money isiyatholakala kumaspaza, amagaraji nezinye izitodlwana zasemakhaya nasemalokishini. Wenze isibonelo samalokishini iHammanskraal eGauteng, eMlaza KwaZulu-Natali, iGiyani, iTzaneen neThohoyandou eLimpopo wathi ngisho emakhaya aseMpumalanga Kapa abantu bazokwazi ukukhipha imali ezitolo zendawo. 

“Akekho umuntu esifuna asale ngaphandle. Ngisho engena-akhawunti yasebhange sifuna akwazi ukuthola imali. Siyazi abantu bayahamba bayosebenza emadolobheni bese bethumela imali emakhaya, asifuni-ke abasemakhaya babhekane nezindleko uma sebeyokhipha imali. Yingakho senza kubelula ukuthi bakhiphe imali lapho behlala khona. 

“Lesi sinyathelo sizofukula nomnotho wasemakhaya nasemalokishini ngoba uma abantu beqeda ukukhipha imali bayisebenzisa lapho bekhona,” kusho uMakeke. 

Uthi okunye okwenze bandise izindawo zokukhipha imali wukubona ukuthi baningi abantu abathunyelelwa imali nge-instant money

Ngaphandle kokuthi abantu bakhiphe imali emishinini yokukhipha imali yaseStandard Bank, bazokwazi ukuyikhipha naseCheckers, eShoprite, e-Usave, ePEP, ePEP cell, ePEP Home, e-OK Furniture, eHouse and Home, ePick n Pay, eBoxer, eSpar, e-OTT, eFlash, eShop 2 Shop, eKazang, e-A2PAY naseR&A Cellular. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page