SeziyaShosholoza izinto enkampanini yezitimela kahulumeni – uGodongwana
WUTHOBILE ZWANE
ZIPHUCUKILE izinto enkampanini yezitimela kahulumeni iPassenger Rail Agency South Africa (iPrasa), njengoba izitimela sezihambe izikhawu eziwu-1116 million kulo nyaka wezimali uma kuqhathaniswa nokuhamba kawu-11.8m ezawuhamba ngonyaka wezimali wango-2022/23.
Ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana udalule lezi zindaba izolo ngesikhathi ethula umbiko wakhe weSabelomali samaPhakathi noNyaka.
“Sifuna ukuletha ezokuthutha ezididiyelwe kubantu bakithi, uhambo ngesitimela yilona olushibhile futhi okwamanje ukuhamba ngesitimela yikona okusiza izisebenzi eziningi. Izinto seziqalile ukushintsha ePrasa njengoba seliphuculiwe izinga lo msebenzi,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/08/08/iyanyuka-imali-yokugibela-isitimela-ngemva-kweminyaka-ewu-10/
Umemezele nokuthi uhulumeni uzofaka uR8 billion ukuvuselela umzila wamaguzu eTransnet ahambisa i-iron ore echwebeni laseSaldanha, eNyakatho Kapa.
UGodongwana uthe akuwona wodwa lo mzila ozovuselelwa njengoba uhulumeni ufuna ukwenza isiqiniseko sokuthi amachweba asebenza kahle futhi akubi nesinyokotho kuwo kodwa yonke imizila yamaguzu izosebenza ngendlela.
Omunye umzila awubalile ngophakathi kwaseThekwini naseGoli, lapho befuna ukunyusa izimpahla ezithwalwa ngamaguzu zifinyelele kumathani awu-77 million uma usuphuculiwe.
“Sekukhona izinkampani eziwu-11 ezizimele ezizosebenza kweminye imizila yamaguzu yeTransnet. Kudingeka izinkampani eziwu-41 ezizosebenza kule mizila yokuthutha izimpahla,” kusho yena.
Uthe bayawubona umehluko njengoba isikhathi sokulinda kwemikhumbi ezothutha izimpahla sinciphile njengoba umsebenzi usuphucuke wafinyelela ku-75%.
Udalule ukuthi amathuba eza nezinkampani ezizimele ezizosebenza eDurban Pier 2 kulindeleke ukuthi angenise uR200bn ozotshalwa eminyakeni emihlanu ezayo.
Loku uthi kuzokhulisa umnotho wezwe futhi kusiqede nya isiminyaminya emachwebeni.
Usomnotho waseNyuvesi yaKwaZulu-Natali uDkt uSanele Gumede uthe inqubekelaphambili uGodongwana akhuluma ngayo iwuphawu olukhuthazayo ohlelweni lwezokuthutha umphakathi ezweni nezimpahla ezweni.
“Izinombolo zokuhamba kwezitimela ezithutha abagibeli ezigqanyiswe kwiSabelomali samaPhakathi noNyaka zikhombisa intuthuko enkulu ekuletheni izinsiza. Lesi yisinyathelo esihle sikaloliwe, okuyinto ebalulekile emiphakathini yabantu abasebenzayo,” kusho yena.
UGumede uthe izinhlelo zokuphucula ukusebenza amaguzu zibalulekile emnothweni wezwe.

