Lululiwe uhlelo lokwehlisa izikweletu zezakhamuzi zikaMasipala waseThekwini
YINTATHELI KAMASIPALA
UKULEKELELA amakhasimende kaMasipala waseThekwini adonsa kanzima ngokwezimali, isigungu esilawula ukusebenza kwalo masipala sigunyaze ukulula uhlelo lokunciphisa izikweletu zezakhamuzi namabhizinisi emhlanganweni wangomhlaka-28 wango-Okthoba.
Lolu hlelo luqale kule nyanga, luzophela ngomhlaka-31 wangoJanuwari wonyaka ozayo. Kulolu hlelo amakhasimende esulelwa ingxenye ewu-50% yesikweletu esenziwa ngaphambi kwangomhlaka-31 Januwari walo nyaka.
Ngo-Agasti imeya kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba yamemezela ukuthi kungene uR1 billion esikhwameni somasipala emva kokuthi abantu behliselwe izikweletu zabo ngohhafu.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/08/22/umasipala-wasethekwini-ungenise-ur1bn-ngokuphulela-abantu-izikweletu/
Amakhasimende angenamandla okukhokha isamba asikweletayo angakhokha kancane kancane, inqobo nje uma kuzoshaya umhlaka-31 wangoJanuwari wonyaka ozayo isikweletu sesikhokhelwe ngokugcwele.
Izikweletu ezisukela ngomhlaka-1 Febhuwari kuya mhlaka-30 Juni walo nyaka kuzofanele zikhokhelwe ngokugcwele. Amakhasimende angenawo amandla angenza isivumelwano sokukhokha kancane kancane esizophela ngomhla ka-30 Juni wonyaka ozayo.
Ayikho inzalo ezofakwa. Amakhasimende angathola olunye ulwazi ezikhungweni zoSizakala.

