Umnotho wezwe awukhuliswa wukukhangeza – Motsepe
WUSLINDILE KHANYILE
Ebika eseGoli
USIHLALO we-African Rainbow Minerals uMnu uPatrice Motsepe uthe iNingizimu Afrika idinga imigomo ebheka ukukhula komnotho nenhlalakahle yabantu futhi ineqhaza emnothweni kodwa loku yinto okufanele uhulumeni uyenze ngokubambisana namabhizinisi.
UMotsepe usho kanje ngesikhathi ekhuluma emcimbini wenhlangano yabahleli bezindaba eNingizimu Afrika iSouth African National Editors’ Forum (iSanef) ngoLwesihlanu, lapho ebeyisikhulumi sosuku khona.
“Akufanele neze wenze i-Eskom inkampani ezimele. Izwe elinemigomo ekhulisa umnotho, ibe ibheka inhlalakahle yabantu libalulekile kodwa kufanele libambisane nosomabhizinisi. Awusoze wakhulisa umnotho ngokuhlale uphiwa, udinga ukuthi kutshalwe imali, ukwazi ukuncintisana, amakhono nemisebenzi,” kusho yena.
Sekuyiminyaka eminingi eNingizimu Afrika kukhona ingxenye yabathile emabhizinisini bephakamisa ukuthi kufanele amabhizinisi kahulumeni anjenge-Eskom neTransnet enziwe amabhizinisi azimele ukuphucula indlela asebenza ngayo ngoba ayahluleka ukwenza umsebenzi wawo njengoba engaphansi kukahulumeni. Izinhlelo zaloku seziqalile kuzona zombili lezi zinkampani.
Lezi zinkampani nezinye, ezinjengePassenger Rail Agency of South Africa, sekuyiminyaka eminingi izinto zibheda kuzona ngenxa yenkohlakalo, okuholele ekutheni umsebenzi ugcine ungenziwa ngendlela nokuphoqe uhulumeni ukuthi uzitakule ngezindodla zemali.
Nokho izinto seziyashintsha kancane njengoba e-Eskom sekwehlile ukucinywa kukagesi futhi yenze inzuzo okokuqala eminyakeni eyisishiyagalombili. NaseTransnet kunethemba njengoba umthamo wezimpahla ozithuthayo uloku ukhuphuka.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/10/15/ukuphucuka-kwesimo-sezimali-se-eskom-kuqinisa-isisekelo-somnotho-wezwe-kuloba-ubusi-mavuso/
“Ziningi izimboni esingakha ngazo imisebenzi. Singakha izigidi zemisebenzi ngemboni yezokuvakasha kodwa kufanele silungise nenkinga yobugebengu. Siyidinga kakhulu imisebenzi,” kusho uMotsepe.
UMotsepe, owumnikazi weMamelodi Sundowns nomengameli weConfederation of African Football, ukhulume nangeqhaza lebhola ekuphuculeni impilo yabantu. Nokho ugcizelele ukuthi kufanele amaqembu enze inzuzo ukuze akwazi ukuqhuba umsebenzi. Uthe akufanele ukuphatha amaqembu ebhola kudle abanikazi bawo.
Ephawula ngamahlebezi okuthi usemkhankasweni wokubawumengameli olandelayo we-ANC nokungambeka ethubeni lokubawumengameli wezwe, uthe: “Ngizosho engakusho eminyakeni ewu-20 edlule. Angiguli mina ekhanda. Ngiyi-ANC futhi ngiyayithanda i-ANC futhi sonke sineqhaza okufanele silibambe kodwa ziningi izindlela zokwenza loko.”
Ukhulume ngemisebenzi eyenziwa yiMotsepe Foundation elekelela izingane ezihlwempu ukuthi zifunde, eyakha izinkulisa futhi isize nosomabhizinisi abancane njengenye yalezo zindlela.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/06/30/umotsepe-uthi-ayikho-impumelelo-uma-abantulayo-bevaleleke-ngaphandle-uslindile-khanyile-uyabika/
Lo mcimbi weSanef waminyaka yonke ubuxhaswe yi-Absa nezinye izinkampani ukusiza le nhlangano ingenise imali eqhuba ngayo umsebenzi wokulwela ukuthi izintatheli zisebenze ngokukhululeka nokusiza ukuzicija.

