Umphathi weBhange lomBuso uMnu uLesetja Kganyago uthi iphelelwe yisikhathi inkolelo yezomnotho ethi ukwehla kwamandla emali kuholela ekukhuleni komnotho. Isithombe: Sithunyelwe

UKganyago uxwayisa ngezinkolelo zomnotho eseziphelelwe yisikhathi 

WUSLINDILE KHANYILE 

KUFANELE kubhekwe nxazonke ngaphambi kokunquma ukuthi amandla emali afanele ukubakuliphi izinga ezweni ngoba akuselona iqiniso ukuthi ukubaphansi kwamandla emali kuholela ekukhuleni komnotho. 

Usho kanje umphathi weBhange lomBuso uMnu uLesetja Kganyago ngesikhathi ekhuluma emcimbini obuhlelwe yiKgalema Motlanthe Foundation eDrakensberg, KwaZulu-Natali, ngoLwesihlanu.  

UKganyago uthe kunenkolelo endala kwezomnotho ethi uma amandla emali ephansi kulekelela ukukhulisa umnotho uma kwenzeka nezinye izinto ezithile emnothweni. 

“Le nkolelo ithi uma imali (yezwe elithile) ishibhile kunciphisa ukuthenga izimpahla zakwamanye amazwe bese kukhulisa ezidayiselwa amanye amazwe, okukhulisa umthamo womkhiqizo walelo zwe. Ukuqina kwamandla emali kuthathwa njengento ephazamisa ukukhula komnotho.  

“Iyazwakala le ndlela yokubuka izinto kodwa ayihambisani nokwenzekayo. Kungabe ngempela ukuqina kwamandla erandi yinto embi? Kuyamangaza ngoba kule minyaka eyishumi edlule, irandi beliphansi kodwa futhi loku bekuhambisana nokungakhuli komnotho,” kusho yena.  

Eqhuba uKganyago, uthe kukhona isikhathi ngasekupheleni kweminyaka yama-2000 lapho irandi laliqinile futhi lehla lenyuka njalo kodwa sekushintshile loko njengoba seliphansi futhi lingasavamile ukushintshashintsha njalo. Uthe ukuze irandi libenamandla athi awalingane nedola laseMelika kungadingeka cishe ukwazi ukuthenga idola elilodwa ngoR8, esikhundleni sango17 okubiza kona manje.

“Enye incazelo engabalwa uma kukhulunywa ngobudlelwano phakathi kokukhula komnotho namandla emali wukuthi kokunye okwenzeka ngamandla emali kusuke kuyinkomba yezinto ezenzekayo kulelo zwe. 

“Uma izwe libukeka kahle, abatshalimali bechazekile, amandla emali ayakhuphuka. Kanjalo futhi uma bephelelwa yithemba, bayadayisa. Uma unezindaba ezinhle ezifana nezinguquko ezinqala, ukuphatha imali ngendlela nokuphatha kahle izwe, umnotho uyakhula futhi amandla emali ayaqina. Uma kunezindaba ezimbi ezifana nokugwamanda amandla ombuso, isikweletu esinganqandeki, izwe elikleliswa kabi, umnotho awukhuli kanjalo namandla emali,” kusho yena. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/08/01/izindaba-ezimnandi-kumakhasimende-kwehla-imalimboleko/ 

UKganyago uthe kuhle nokukhumbula ukuthi umnotho uyakhula ngisho uma kuthengwa izimpahla kwamanye amazwe noma zidayiswa. Uthe akulona iqiniso ukuthi abadayisela amanye amazwe yibona abahlale behlomula ukudlula abazithengayo, nokungakho ukubhalansisa izinto kumqoka.

Ngenyanga edlule iStatistics South Africa ibike ukuthi amandla emali ehlele ku-3.3%, esuka ku-3.5% ngoJulayi, okuyinto ehambisana nesinqumo iBhange lomBuso elisanda kusithatha sokuthi seliphokophela ukuthi amandla emali ku-3%, nokuzosho ukuthi iNingizimu Afrika ihambisana namanye amazwe. 

Uthe sekuyisikhathi amazwe asethuthukile ephokophela amandla emali aku-2% bese kuthi asathuthuka wona abheke aphakathi kuka-2% no-4%.

Ngaphambi kwalesi sinqumo, besekuyiminyaka iNingizmu Afrika inomgomo othi ifuna amandla emali abephakathi kwango-3% no-6%. Umnotho wezwe ukhuphuke ngo-0.8% ngekota yesibili kulo nyaka, emva kokukhuphuka ngo-0.1% ngekota yokuqala.

Enye yezinto eshintshe indlela izinto ezenzeka ngayo eminothweni yamazwe kulo nyaka yisinqumo seMelika sokunyusa intela eyikhokhisa amazwe ehwebelana nawo. Izimboni eziningi eNingizIMU Afrika sezikhokhiswa u-30% wale ntela okuqale kwanyusa mawala amandla edola ngaphambi kokubuyela emazingeni ajwayelekile. 

Ephawula ngomphumela walesi sinqumo, uKganyago uthe izinto zibengcono emazweni asathuthuka kunobekulindelekile njengoba ethe eNingizimu Afrika, irandi liqinile, langehla futhi lenyuka mawala kanti nemalimboleko yehla. Imalimboleko iwu-7% emva kokuthi ngoSepthemba leli bhange linqume ukungayishintshi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page