Umbiko wezimali wenkampani yamabhanoyi i-Emirates uveza ukuthi iyaqhubeka nokungenisa inzuzo enhle ngohhafu walo nyaka wokuhweba. Isithombe: Sithunyelwe

I-Emirates ingenise inzuzo ewuR62.2 billion 

YINTATHELI YOMBELE

INKAMPANI yamabhanoyi i-Emirates isaqhubeka nokuhamba phambili emhlabeni njengoba ingenise inzuzo ewu-AED 12.2 billion (uR62.2bn) emalini esiyenzile ngohhafu walo nyaka. 

Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, i-Emirates ibike ukuthi wunyaka wesine lona ingenisa inzuzo futhi inzuzo engenile emva kokukhokha intela iwu-AED 10.6bn, okukhombisa ukuthi inyuke ngo-13% uma iqhathaniswa nenzuzo eyayingenile ngesikhathi esifanayo ngonyaka odlule. 

Imali engenile ngaphambi kwenzuzo noma eqhathaniswa nezimpahla zenkampani, ama-earnings before interest, taxes, depreciation and amortisation ibewu-AED 21.1bn noma uR108bn. Inyuke ngo-3% kuneyangonyaka odlule uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule. 

Isiyonke imali engenile e-Emirates ezinyangeni zokuqala eziyisithupha zonyaka wezimali wango-2025/26 ibewu-AED 75.4bn. Loku kudalwa wukunyuka kwezibalo zabagibeli nezimpahla zithwalwa amabhanoyi e-Emirates kuwo wonke amagumbi omhlaba. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/10/06/i-emirates-izonciphisa-isibalo-sabangasebenzi-eningizimu-afrika/

Kuvele nokuthi i-Emirates inokheshi owu-AED 56.0bn okuwuR286bn. Le mali isize i-Emirates ukudlondlobalisa ibhizinisi layo yakwazi ukwandisa isibalo samabhanoyi, ukukhokhela izikweletu nokukhokhela umnikazi wayo imali yezabelo ewu-AED 2bn noma uR9.5bn emalini yezabelo engenile ewu-AED 6bn.

Usihlalo nesikhulu esiphezulu se-Emirates uSheikh Ahmed bin Saeed Al Maktoum ukuthakasele ukuthi i-Emirates iqhubekile nokungenisa inzuzo enkulu. 

Uthe: “I-Emirates Group iyaqhubeka nokungenisa imali eningi, idlula eyayisingenile kuhhafu wonyaka odlule. Kuyangithokzisa ukuthi iseyinkampani yamabhanoyi engenisa inzuzo eningi emhlabeni jikelele. Le mali ingene ngenxa yokuthi baningi abantu abasebenzisa le nkampani, amakhasimende afuna imikhiqizo yethu nempatho yethi. Yiloku okusikhulisayo nokungenisa inzuzo.” 

Uthe batshale izigidigidi ukuqinisekisa ukuthi imikhiqizo yabo nendlela yokusebenza kusezingeni eliphezulu futhi banobuchwepheshe obusezingeni eliphezulu. Ubalule ukuthi abasebenzi banakekelwa kahle, nokwenza bakwazi ukugculisa amakhasimende. 

Ubalule ukuthi ukukhula kwabo kubasizile ukunyusa isibalo sezisebenzi ngo-3%, okusho ukuthi manje sebeqashe abantu abawu-124 927 emhlabeni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page